(U Ayanda usekhaya kubo uyacabanga)

Ayanda: “ingabe umngani wami uZinhle uzoza ngempela yini esikoleni kusasa njengoba uThobile wayeshilo ngoba phela kuningi okusamele angixoxele kona njengoba bekangezi nje esikoleni sekuphele inyanga engalibhadi kwakulibhada nje umngani, kodwa kuyozwakala ukuthi kazi iyozala nkomoni. Ake ngilale nami kusile kusasa ” (angene ezingubeni alale)

(UZinhle usegumbini abalala kulona beno Thobile bayaxoxa)

Zinhle: sengiqedile ukulungisa izingubo zami zesikole mzala futhi sengilulungele nalo usuku lwakusasa ukuze ngizobhekana nazo zonke izinto ezizovela.

Thobile: kuyangijabulisa ukukuzwa usho kanjalo mzala yazi khani kubuya u Zinhle engimaziyo ke manje.

Zinhle: wazi mina njena mzala into uma sengithi ngiyayenza ngiyenza ngampela futhi kangihluleki uma sengiqalile.

Thobile: wow! yazi bese ngimkhumbule kanjani lo Zinhle engikhuluma naye manje. wemzala bewukuphi vele sonke lesikhathi? (ahleke)

Zinhle: ave ubhuqa njalo mzala yazi (ahleke)

Thobile: kodwa vele mzala bese ngingasakwazi sdalo nje, usuhlezi ubhocobele nje.

Zinhle: yey mzala bese kuyisono ngami kumanje ngiyaziqinisa nje