Uma kuzelwe ingane eyintombazane kuye kuthiwe uzibuyile kanti uma kuzelwe insizwa kuye kuthiwe uVusumuzi.

Sinawo namanye amagama asuselwe kwi zigameko ezenziwe abazali, amagama anjengo Dumazile ukwenza isibonelo.

Inkinga enkulu ehlasele ezweni uphuzo oludakanayo, lopho odadewethu bephuza kuyosa emnyango. Uzwa ngabo benswininiza emashibhini benganake nasikhathi. Izikhathi zemisebenzi yamagceke ezibhekene nohlangothi lwabo zishaya zidlule besazijabulisa. Abanye baze bakuphimise ngemilomo yabo ukuthi badla ubusha babo.

Thembalini esingalinikeza umuntu ongeka ganwa umakunje? Uma insizwa iganwa isuke idinga umuntu ozohlala ekhaya alekelele emisebenzini yegceke, abe yiso esibayeni nasezinganeni. 

Siphila esikhathini sezifo zamahlala khona, lapho kudliwa khona imishanguzo khona. Imishanguzo idinga umuntu aqale adle bese eyayisebenzisa. 

Iphelile imfuyo amasela, akhipha ngisho endlini uthi uyicashosile. Nokusha kwezingane zisele ngazojwana nakho sekuphenduke insaka vukela umchilo wesidwaba.

Intombi iganiswa izenzo zayo ezidle ngobuhle, ngingakhulumi ngokuma konuso noma komzimba. Ngikhuluma ngenkuthalo, ukukhwishiza ehla enyuka egcekeni kubo. Ukungabi uvanzi, ehla enyuka umuntu ezindaweni zokucima ukoma.

Uma insizwa iganisa intombi isuke iyethemba ukuthi ngeze balale bengadlile abazali bayo insizwa, imfuyo izovalelwa, kuzokhanyiswa ngezikha zokukhanyisa kucinywe ngezikhathi zokucima.

Umuntu wesifazane olala ephupha indawo yokucima ukoma nolala khona uzosithathaphi isikhathi semisebenzi kamakoti?

Ngihlushwa engikubona kwenzeka phambikwethu sibuka, odade wethu behla benyuka bediyazala bengasalali nasemakhaya.

Engabe ziyogana kwamabani makunjena?