Unogwaja nebhubesi

Kwesukasukela. Kwakukhona ibhubesi nonogwaja.

Kwathi ngendlala enkulu unogwaja wedlula emzini webhubesi. Enethemba lokuthi uzofica inkosi yakhe ibambe noma okuyinyamazana, kumbe naye athole iqatha. Ngeshwa wafica ukuthi sekuphele izinsuku ezintathu inkosi yehlathi ingakaze ikuthi mbibi ukudla. Empeleni ibhubesi lajabula lapho libona unogwaja. Lasho ngenhliziyo lathi: ” Yaze yaziletha inyama namhlanje”. Alibange lisachitha sikhathi, lagxuma lahlala kunogwaja. ” Kahle malume. Kahle ungangibulali bo! Yimina umshana wakho, uNogwaja. Kodwa ungayibulala kanjani ingane kadadewenu?” Lathi dlengelele ibhubesi. Ngabe ngubani lo dadewabo ozala unogwaja? “Ungumshana wami na?” kubuza ibhubesi lingakholwa kahle.

“Ngingumshana wakho, malume,” kusho okungunogwaja kuzincengela. “Njengoba ungibona ngilapha nje ngithunywe nguye udadewenu. Uthi angizobuza ukuthi nidlani ngapha njengoba izwe likhungethwe yindlala engaka nje,” kuqhuba unogwaja esenga ezimithiyo.

Ngenhlanhla limdedele ibhubesi uma lizwa la mazwi. “Wo! Qha, ngiyezwa mshana! Kodwa uthi udadewethu ngingakuthathaphi ukudla kule ndlala engaka, madoda! Sekuphele izinsuku ezintathu ngingakaze ngikuthi mbibi!” “Cha nami ngikucabangile lokho malume. Ngilapha nje ngizokunika icebo esingathola ngalo inyama. Mina ngicela ukuba ungilalele kahle, ungangibulali. Ngisho phela, malume, ngoba noma ungangibulala mina, eyami inyama ayingakanani. Ingamane yanele ekhaleni nje.”

“Ngeke ngikubulale mshana. Hawu! Yena udadewethu ngingambhekelwa ngubani nje kodwa!” kusho ibhubesi liqamba amanga. Phela sekuyilo manje eselincenga ngoba liyabona ukuthi unogwaja angahle alephule kule ndlala engaka. “Khuluma, mshana sizwe icebo lakho.”

“Malume, ngicela ulale laphaya emsamo wendlu yakho. Ulale sengathi ufile. Mina ngizohamba ngiyolanda izinyamazane ngithi azize zizokubona ngoba uyagula. Ngizozitshela lezi ohlala uzizingela ukuthi ufuna ukuxolisa kuzo ngaphambi kokuba ufe. Ziyothi zingangena endlini uzibonele wena-ke ukuthi wenzani ngazo.” Lajabula ladela ibhubesi ngecebo elihle kangaka. Lamkhuthaza umshana walo ukuba ahambe masinya ayomema izinyamazane. Lona lalala emseleni labhocobalisa okomuntu osegulela ukufa. Nempela zeza izilwane zizolibona. Zalizwa zisaqhamuka kude, libubula. Zakholwa ukuthi ngempela lisezinhlungwini. Ekuqaleni zazesaba nokho ukungena. Kodwa-ke kwathi lapho seziibona lilusizi, seliphelelwa ngamandla, zalihawukela, zangena.

Zafike zahlala emseleni zalibinelela ngokukhulu ukudabuka. Kanti azibuzanga elangeni! Lasuka izithonto, labamba idube! Ezinye izilwane zaphuma ngesamagundane. Lathi liyazabalaza idube, phinde! Ibhubesi lalephula umlenze kwaphela amacala. Laqala ladidizela nomshana walo sekuphekwa inya engaka. Kwaqala kwanuka uphononondo oluqhweba odlula ngendlela. Kwase kubonakala nje ukuthi sekuseduze ukuba idubukale. Wacabanga nje unogwaja ukuthi uyobe unenhlanhla uma uninalume eke wamupha iqashana nje. Okwakhe kwakuzoba amathambo kuphela. Wacabanga masisha, wabona ukuthi njengoba isu lokutholakala kwale nyama livele naye, kungakuhle ukuba ayidle nje yedwa yonke lenyama.

“Uyabona nje, malume ukuthi utshani sebusukile lapha ophahleni? Uma lingahle line izulu sizonetha,” kusho yena unogwaja.

“Uhlakaniphile ngempela, wena mshana,” kuncoma ibhubesi. “Ufika nje bengithi ngizoyifulela kabusha le ndlu. Nampuya notshani.” Uma kunjalo ngingathanda ukukusiza malume,” kusho unogwaja. “Kunganjani sifulele indlu kuqala ngoba nakhu nezulu selihlomila?”

Lavumela phezulu ibhubesi, waqala umsebenzi. Ibhubesi lalihlezi ngaphezu kophahla, unogwaja yena engaphakathi. Njengoba bethunga njena, umsila webhubesi ulengela ngaphakathi endlini. ngenkathi unogwaja edonsa intambo wayeye ayidibanise nomsila webhubesi, awuthungele ophahleni. Kwathi lapho esenelisiwe ukuthi phinde lizikhulule ibhubesi wayesethi kuhle kebaphumule, badle inyama ukuze bathole amandla. lavuma ibhubesi. Unogwaja waqonda embizeni, wafike wakhipha esikhulu isigaxa senyama wadla. Ibhubesi lathi liyesuka lahluleka. Phela libanjwa wumsila lona othungelwe ophahleni. “Hhayi bo! Woza uzongikhulula,” kumemeza ibhubesi selibona ukuthi uyayiqeda inyama unogwaja.

“Kahle malume, ngisafunda samthanyana,” kuphendula unogwaja. Ibhubesi laze laphelelwa ngamandla litibila kodwa lutho ukuzikhulula. Wadla unogwaja waze wadela. Nangakusasa waphinde wabuya futhi ezodla inyama yakhe. Ibhubesi lona lahlala khona lapho phezu kwendlu laze lafela khona

Cosu Cosu!

Iyaphela