Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi makuhlangene abantu abaphuma ezindaweni ezahlukene kube nengxoxo mpikiswana ngezinto.

Kuyenzeka indaba iqale ekuhlabeni inkomo: kwezinye indawo ihlatshwa emqaleni, kwezinye ovalwani(esiswini) bese kuba isemkhonweni.

Ukuphikisana akuyona inkinga, inkinga iqala uma sekuzobanomuntu ozozibona eyakhe indlela ingcono kuneyabanye.

Mina ngakolam uhlangothi angiboni mahluko ngoba zonke ziyadliwa uma sezihlatshiwe, ayikho okuthiwa ziyalahlwa ngoba nakhu zihlatshwe endaweni engafanele.

Uma singaqaphela ilimi, nokuzibona singcono nabanye abantu kungaba mnandi ezweni. Izimpi zike zisuswe izinto ezincane ebezingalungiseka njekalula, ulimi luyafana nothi likamantshisi luyabhubhisa uma lukumuntu ongacabangi.

Masifunde ukwamukela ukuthi ukwenza kwendawo akufuni.