Kuwusuku lapho kuhelezela umoya ozolile kwazise ilanga likhiphe umkhovu etsheni.

 

Izihla zazisho ngemibala emihle,eyayiwheba nezinambuzane kwazise kusehlobo.

 

Phantsi kwesihlahla esiduzane nendlela,esiphinde sibe seduzane nendawo lapho umphakathi,Riverside,uthola khona amanzi (tap/umpompi).

Yilapho sithola khona izithandani ezimbili uLangalokulunga no Lithakazi bebukene emehlweni.

 

Langa:Sthandwa,awung’tshela phela,okuphi okwenza ukuthi ugcine usukhethe mina.

 

Emoyizela.

Litha:Ukubuziswa yin lokho.

 

Langa:Ngisho ngobaphela sasingeve sibaningi esasifaka smaCV,bu wena wakhetha eyami sibaningi sinjalo.

 

Litha:Langa.Ngathanda indlela owawuthi mawukhuluma nami,uvele ubukephantsi.

Wadlala indawo ekwakumele ukuthi idlalwe yimi.

Kanti lab’obashoyo babevele bangibuke entlavini zamehlo sengathi ngangibakweleta,noma kwakuvele kufanelekile ukuthi ngivele ngivume,enye into ukuthi wena wanginikeza isikhathi sokuthi ngi’yithole kuthi ngiwubani ngifunani.

Lokho ke okwenza ukuthi wena abafana basendaweni bagcine bengakuthandisisikahle.

 

Langa:Sthandwa wavele wangithatha wangibe ka kuso sona lesiya sikhathi.

Litha:Yingakho ke…..

 

ULitha uphazanyiswa ucingo luka Langa olukhala ngenkathi ekhuluma.

📲📲

Langa:Uxolo Sthandwa…

📞📞

Langa:Langa speaking Hello.

 

ULitha uthuswa indlela uLanga aphendula ngayo ucingo,uLanga akajwayele ukuluphendula ngalendlela uye athi “Yebo mah” noma “Bab’Mkhulu”kodwa kulokhu kuvele kwa cacanje ukuthi inumber angayazi.

 

Imibuzo azibuza yona uLitha “Mhlampe abantu abakhangisayo?”noma”Abantu bezikweletu?”.

 

Yithi ngivele ngikuthathe ngubeke noma ngikusondeze duzane noLanga ukuze uzizwele mathupha inkulumo yakhe kanye noso cingweni.

 

Phone📞📞:”Can I speak to Langalokulunga Mbhele.

 

Emangele.😮😞

 

Langa:It’s him speaking sir.

 

Thamela isiqephu esilandelayo(Episode002)