Ngizizwe ngino gqozi lokuhambela amazwe akomakhelwane emuva kohambe ebengiluthathile libheke eMozambique.

Ngibone uthando olumangalisayo kubantu base Mozambique noma besinenkinga yokuxhumana ngenxa yolimi kodwa balwe ngakho konke okusemandleni abo ukuthi umuntu agcine esizakele. Beku uhambo lami lokuqala ngqa ngeqa umngcele.

Lihle izwe lakhona linothile linjalo nje, banomfula omkhulu obizwa nge Rio Maputo, ba ne bridge elihle elidle ngobude elibizwa nge Ka Tembe.

Ma usuka emngceleni ubheke e Maputo kunama toll gate amabili ahlukaniswe isiqiwi lapho obonakhona izinyamazane ezahlukahlukene.

Uma weqa umngcele kudingeka uthenge i SIM card ngoba o MTN, Vodacom; Cell C njalo njalo abasebenzelani, ugcina ungakwazi ukuxhumana nabantu noma kwenzeka bakuthole ku Vodacom kodwa wena awukwazi ukufona.

Ngicela sibaphathe kahle abafowethu nodade wethu abaphuma kulamazwe akomakhelwane ngoba nabo basiphatha kahle emazweni abo. Singakhohlwa ukuthi izintaba azihlangani kodwa abantu bayahlangana, ikusasa alaziwa mhlambe nawe ungazithuka usuvakashela kwelinye lamazwe akomakhelwane.