Izinto ezinkulu ziqala kancane ziye ngokuya zindlondlobala. Ukukhula kwazo zincike kubanini bazo ekuthini babe nesineke, bangabi ngamathatha futhi bangazikhulumeli emlotheni. Kuwubuhlakani ukwazi ukuthi indlu ayakhiwa iqedwe ngosuku olulodwa, nokwazi ukuthi umuntu osengela emlomeni ugcina ngokubuzwa ngendaba ubumnandi be ndwamba.

 

Kuhle ukuba nabantu obukela kubo kunokuba nabantu oziqhathanisa nabo ngokwemizamo yempumelelo. Imvama impumelelo yethu ivinjwa ukukopela okuhambisana noku monezelana umuntu angafuni ukuziqalela okwakhe. Ubona umuntu akha indlu enamagumbi ayisihlanu ngelikhulu ijubane lokumbukela phansi ngoba uthi awufuni ukudlulwa uwe lowo ushona esitolo sezinto zokwakha uyothenga ngoba nakhu ungafuni kudlulwa, uzinklinye uzinklinye igcine ikuhlulile naleyondlu yakho yomona. Umuntu obungafuni akudlule iqhubeke eyakhe ngoba kade wazihlelela yena elode ebekelela kancane kancane isenti phezu kwelinye.

 

Ngifisa kulonyaka ka 2022 siziqaqe njengokuzibopha, izinto eziningi zivinjwa inhliziyo enomona nengeneliseki. Akekho umuntu okwazi ukushayela imoto ezimbili ngesikhathi esisodwa, masenze okukodwa ngesikhathi sikuqede kube yingona sidlulela kokunye. Impumelelo ngiyithatha njengokunyakazi, ukuthatha igxathu elilodwa eliya phambili. Unyaka mkhulu kabi ukuthi ngingehlulwa ukwenza okukodwa okuphathekayo. Emsebenzini wam inhlolo khono yam yaqala ngokugijima, okwangisiza ngagijima ngibuka phansi ngoba lalilide ibanga esasiligijima, bebaningi nabantu engangincintisana nabo.

 

Ukubuka kwami phansi kwangisiza ekutheni ngingabunaki ubude bebanga ngingababoni nabantu engangigijima nabo, ngalokho ngazithola sengibahola phambili ekushayeni intambo. Ukubuka phansi kunikezana amandla kunokulokhu uqalaza okugcina kukuqede emandla ubona bekuhubha eduzane noma bekuvulela igebe. Enza intoyakho, ungenzeli izibukeli, ungathatheli izinto phezulu bese ungayikhulumeli emlotheni.