Umuntu no muntu umiselwe injabulo kodwa kuyenzeka umuntu azithole eyizwa ngendaba ngenxa yokuzenza into angeyona. Bangaki abantu obaziyo abaphila imbilo yokuzenzisa?

UNkulunkulu usabele indlela ezingafani zokuphila, ukuze sonke sizolala sidlile futhi sigqokile. Ngokuhamba sizifaka lapho singabelwanga khona sizithola sizamula ubala.

Bathi bekhona abantu abasesigabeni sethu sempilo usuthole sihamba sizifaka esigabeni esingaphezulu kwethu bese iyaqala inkinga kuzwele ukuthi sisemhlabathini ongafanele.

Njengezitshalo ezingakhuli noma yikuphi nakithina kunjalo, asabeliwe ukuba yonke indawo. Bazokutshela abase Mampondweni ukuthi ma ufuna isithelo uMango ngeze usithole khona, nathi bantu kunendawo ezingahambisani nathi.

Kunabantu ababelwe ukuhlala emakhaya kuphela okuthi mabeya emadolobheni impilo ifike ibaphike, baphenduke izibukeli zibahambela kahle abanye abantu izinto.

Kubalulekile ukungaphoqi uma izinto zingakuvumi, uzame ngenye indlela. Akuzwakali ukuzwa umuntu ethi ngawufuna ngancama umsebenzi ngagcina ngingena ebugebengwini, wawuxoshiwe yini kini?

Ukube wabuyela ekhaya mhlambe izinto zazizokulungela ngoba kungenzeka awabelwanga ukuba phansi komlungu, wabelwa ukuziphilisa ngokuzisebenza.

Nizithola nenza okungafanele nje ingoba ninohlobo lwenu labangani enabelwa bona ningakazalwa kodwa nina nihamba nizifaka, ibe isiyaqala inkinga nenze okuphambene.

Ungazenzi umuntu onemali ungenayo ngoba uzogcina sewuntshontsha, hambisana nesimo osabhekene naso futhi usamukele.

Abanye abantu abaphumeleli ngenxa yokuthatha indlela ezinqamulelayo. Impumelelo iyatshalwa njengezithelo, idinga ukunakekelwa. Kunomahluko phakathi kwesithelo esizimileleyo nesitshaliwe, esizimilele izimbante zihamba phezulu kubelula nokuwiswa umoya kanti esitshaliwe sinezimpande ezijulile.

Nawe muntu ozibone sewubhukuda emafutheni ungazazi nawe ukuthi ufike kanjani esicongweni nokuwa kwakho kuzoba njalo, uzongazazi ukuthi ufikekanjani phansi.