Ngizizwa nginokudideka uma kukhulunywa ngothando ; bakhulumile ngizwa babhala futhi ngifunda kodwa angikachazeleki ukuthi luyini uthando.

Ngafika kuwe ngikubonile uyintokazi yakwenu unyathela ngabantwana, ngayiqala indaba ngokubingelela, ngayiqhubeza ngokukucela uthando.

Ungicelile ngikuphe ithuba lokuyocabanga ngavuma noma ngangingazi noma ufuna ukuyoboniswa ukuthi unginikeze yini uthando noma qha.

Okwethu thina madoda okwezandla ngoba kuyenzeka umthande umuntu, ugcine seweshela ibandla ngoba bayakwazi odade ukuthi bathathe udaba labantu ababili bayolibeka ezithebeni enkundleni lugcine seluxoxwa ibandla, bebonisana ngokuthi uqonywe noma ungaqonywa.

Lendaba uhlula ngisho senineminyaka nizwana, uma uke waqala nje wathi ucela uthando lwenu niludlulisele esigabeni esilandelayo sokuganana, ubuye acele ithuba lokuyocabanga noma sazi ukuthi udaba lusuke luya esithebeni syavuma.

Ngisazibuza futhi ukuthi Luyini uthando? Ngikukhethe eningini ngakushela, ngabuye ngakukhetha eningini ngacela ukukulobola kodwa ngyabona inhliziyo yakho ayigculisekile. Angazi noma ufuna senzele amehlo abantu yini, senze umbukiso sengathi kukhona ogulayo ongakwazi ukuzihambela phakathi kwethu sobabili.

Uma bengilazi uthando ukuthi luyini, bengiyothi jabulela weneliswe yikhona ukuthi ngakukhetha eningi lezimbali, ngavala amehlo ngingafune lutho olunye oluyongiphazamisa kulobu buhle bobu khazi khazi bembali ewu wena.

Ungixolele ngadalwa ngaba namahlonyana, ngabuye ngazoqedelwa ngokuphiwa ukuba yisidala. Uma ubungaboni emehlweni bengiyohamba ngikubambile kodwa ngoba uyabona ngicela singenzeli amehlo abantu, likhona ithuba eliyofika sesigugelene uyisalukazi ngiyikhehla.

Angazi ngiyokuvala ngani inhlebe kula beluleki abangakhokhelwa lutho abadle ngokubhidliza imishado yabantu. Kulula nje ukuyihlomisa kubona bathi ungadlali indoda, abathanjelwe ukhakhayi ubathola betholoza bengasena gqoko.

Kulula ukuthola iphutha uma ulicinga, ngisho into incane iyabankulu uma umuntu efuna iphutha. Mhlambe ngihlezi nawe nje ngizishaya isifuba ngokuthi ngakwehlula ngamazwi kanti wena wehlulwa ibandla esigcawini owahambisa kulo udaba lwethu sobabili.

Ngingazitholi ngicima umlilo ongacimi kanti inkinga ukuthi ngihlezi nomzimba wakho nje, inhliziyo ayikaze ifike emagcekeni akithi. Imizamo yami yonke yokutshengisa uthando engakhuluma ngalo ngiqala ukukubona, ayisho lutho kuwe ifana nezithukuthuku zenja ngoba ngaqonywa abangani bakho kodwa ngishele wena.

Kusiza ngani ukuzenza impukane noma umniyane ngihlale ngikuculela ngithi ngiyakuthanda? Abekho yini oshiyiwe okade becula ekuseni ,emini na ntambama bethi ngyakuthanda?

Ngingenza konke okusemandleni, ngicule ngilingise umniyane nemoukane, ngikugqokise ngikuqale phansi ngiyokukhipha phezulu, ngikuthengele ukudla ngikunikeze isikhathi sam kodwa konke lokho ngeze kwenze mehluko uma uthando lungekho. Ngingazi thola sengise nkantolo ngiquliswa icala engingalazi ngoba inhliziyo injalo noma icashile kodwa izenzo ziyiveza obala.

Bangaki abanumzane abadela ukuchitha isikhathi nengane zabo ngoba bekhathele ukuquliswa, umshuahisi uvuka sikhulume akazihluphi ngalutho olonakalayo ngoba ucaba indlela yakhe yokuphuma emendweni angena kuwo engakhonjwanga ngasibhamu.

LUYINI UTHANDO?