INHLONIPHO .
Baqinisile uma bethi inhlonipho izala imphumelelo. Kuse sgodi sakwa Cele eNkandla uNozifiso ohlala noGogo wakhe umaMsebeni ngoba unina amushiya eminyakeni eyisithupha eyedlule eyonganela komunye umuzi kwaphoqa ukuthi amshiye ngoba uma uyogana kwenye indawo wawungafiki negane yangaphandle. Kwakungu mthetho wakhona lapha emakhaya.
uNozifiso wakhuliswa ngumaMsebeni futhi emkhulise kahle. Okuhle nje ukuthi uNozifiso wayesekhulile ngokwe minyaka ngakho waye kwazi ukunakekela ugogo wakhe.waye nothando ekunakekeleni amasimu nemfuyo okwaku yinto ababeziphilisa ngayo lapha khaya.Angiphathi esigodi sangakubo sasimuthanda uNozifiso ngoba eyintombazane ehloniphayo emaziyo umuntu omdala . Ngisho esontweni lapho babe khonza khona eVukuzakhe omama Kanye nomkhokheli impela imbala babe mthanda ngenxa yomoya omuhle aye nawo kwabanye abantwana ,futhi waye bafundisa ukuziphatha Kanye noku hlonipha uma uyintombazane.
UmaMsebeni wayeziqhenya ngomzukulu wakhe ngoba wayeyibona iphumelelo kuye .Okubi ukuthi uNozifiso waphothula umatikuletsheni ngamalengiso kodwa akangabe esaqhubekela phambili ngenxa yokuthi kwakumele anake amabhizinisi alapha ekhaya . Ukufuya izimfuyo Kanye nokutshala okwabe kuyinto ayithandayo ukuzichithela ngayo isizungu ,lokho kwamenza ukuthi obaba bendawo bakwazi ukusebenzisana naye.
Langa limbe omunye ubaba oyindoda esuthayo lapha esgodini ubaba’Ngobese wabona kugcono ukuthi amseke ekufundeni kwakhe futhi amtholele indawo angafunda kuyo iziqhu zokuphatha amabhizinise nokwezi mfuyo lokhu sithi Agriculture.Kwathi uNozifiso engakuzwa lokho wakuthokozela futhi kuyinto ayeyifisa ukuthi yenzeke empilweni yakhe .ubaba uNgobese walifeza lelo phupho waya ukuyofundela umsebenzi akawuthandayo futhi Awaziyo wayebukeka ezimisela beziqhenya ngaye esgodini, phela waye ngowokuqala ukuthi kube khona umuntu wesifazane osemusha eyofunda emadolombeni eyofundela iziqu zokuphatha amabhizinise Kanye nokutshala.
Kwahamba iminyaka owayeyi fundela uNoziphiso wabuya neziquzake ezazi jabulisa wonke umuntu konke aye bathembise khona kwaba imphumelelo .kwaba jabulisa kakhulu lokho kanye nobab’uNgobese wajabula uma ebona usizo alulethe emphakathini futhi ethuthikisa indawo yangakubo.