Ngithi ake ngisike elijikayo ke ngikhulume ngempilo, abantu abaningi kuyavama ukuthi izinto bazithathele phezulu bagcine sebengasabazi abanye abantu ukuthi bayini.

Yimpilo lena lithatha osemsamo limphonse emnyango; lithathe osemnyango limphonse emsamo. Bangizwe kahle abantu angisho ukuthi bangajabuli, ngikhuza ukuzikhukhumeza ngoba nakhu umuntu enotho ababukele phansi abanye abantu.

Impilo ngiyifanisa nomqansa ongakhushukwa umuntu egijima noma ephethe imithwalo. Lendaba singayifanisa nomuntu othatha uhlangothi kubantu ababili abaxabene adinwe ukudlula umenziwa, okuyothi bangabuyisana asale esenkingeni yokungazi ukuthi uzoqala ngamaphi ukuzibuyisa kulona ayemzondile bengekaze baxabane.

Impumelelo ayingasishintshi,ingasenzi sizibone singcono kunabantu okade siphila nabo singenalutho. Asiqhubeke nje sihlale nabo, sidle nabo, senze nje konke okuhle ebisijwayele ukukukwenza nabo.

Asingenzisi okwensizwa ezikhuliswa kanzima ngabazali kudliwa imbuya ngothi, okuyothi ingathola umsebenzi iganwe, baqale bafunde into entsha abazali bayo bathakathe. Okunzima kakhulu bavele bathakathe yona, uzibuze umbuzo babengayithakathi ngani yonke leminyaka beyikhulisa.

Kwesunye isikhathi kuyazitshwa nje kubhekiwe, kuthiwe hamba juba bayokuqhutha phambili.

Nasemakhaya asingabamisi ngomlenze owodwa abazali ngoba nakhu sisebenza, silekelela ekuthengeni ukudla nezinye izinto zegceke.