kwesu kwesukele, cosu.

kudala emandulo izilwane zazikhuluma kwakukhona imbuzi eyayiyinhle lembuzi yakhetha ukuyodla emagqumeni ngoba lapho ezazihlala khona kwakunesomiso. yabe isithatha isinqumo sokuba iye le emagqumeni, endleleni yayo yabe isihlangana nengwe.

Ingwe: sawubona nkosazana mbuzi.

Mbuzi:(evuma ngezwi eliqhaqhazelayo elinokwethuka) yebo.

Ingwe: kodwa imbuzi enhle kanjena iyaphi lapha emagqumeni? Kuzibuzela ingwe.

Mbuzi: ( ephendula ngokwesaba) ngisuka lena ekhaya ngixoshwa isomiso ngoba ngize lapha nje ngizofuna ukudla okuningi kwazise kuningi lapha ngoba kuyihlobo.

Ingwe: yazi wena mbuzi uqhamuke ngesikhathi esihle kakhulu nami ngizilambele, awusayi ndawo ke ngoba nami ngyakudla njengamanje futhi ngizokudlela khona lapha.

Mbuzi: awu kodwa ingwe ngyakucela bandla ungangidli ( kuzikhalela imbuzi) futhi nje uyangibona nawe ngizace kanjani ayikho inyama eningi ozoyithola lapha kimi bengicela bandla usale usungilinda ungidle uma sekudlule ihlobo sengikhuluphele.

Ingwe: khona uqinisile uma ngikudla manje ngeke ngisuthe, kodwa ke ngethembise ukuthi uma kwedlula ihlobo uzodlula lapha esihlangane khona ungilinde ngize ngifike, syezwana?

Mbuzi:(evuma ngezwi elinokwesaba) ye..yebo

iziqhubekela nohambo lwayo imbuzi okwathi mayifika emagqumeni yafica ukudla kukuningi yaqala yazidlela yabe isikhohliwe ukuthi yenze isithembiso nengwe, nangempela lathi uma liphela ihlobo emagqumeni isicabanga ukuhamba ngoba yabe isikhuluphele yabuya imicabango yokuthi konje ngesikhathi ifika lapha yathembisa ingwe ukuthi ayomudla uma esebuya emagqumeni esekhuluphele. Nebala ingwe yayingakhohliwe ngoba yayilokhu idamane izomcinga umbuzi ukuthi akakadluli yini, imbuzi yaqhubeka nohambo lwayo olubuyayo kodwa endleleni yabe isihlangana nonogwaja omuhle uhamba uzigxumela.

Nogwaja: sawubona nkosazana Mbuzi waze wabukeka umuhle futhi ukhombisa impilo bheka nje ukuthi ukhuluphele kanjani, ngabe uvelaphi?

Mbuzi: ngiphuma lena emagqumeni kade ngihleli khona ihlobo lonke ngidla ukudla okunempilo ngoba le ngakithi belomisile izulu.

Nogwaja: kodwa ubukeka uphansi, yini lena ekuphethe kabi Mbuzi?

Mbuzi:(ephendula ehlengezela izinyembezi) mhla ngifika lapha ngahlangana nengwe yathembisa ukungidla kepha ngabe sengiyincenga ukuba ingangidli ngayicela ukuba ingidle sengikhuluphele uma sengibuya emagqumeni.

Nogwaja: awu kwakubi lokho nkosazana mbuzi.kodwa mina nginecebo lokukusiza.

Mbuzi:(ejabula) ngabe lithini icebo lakho nogwaja mngani wami?

Nogwaja: asambeni ngilandele mbuzi.

belandelana unogwaja nembuzi beya kubo kwanogwaja, Nogwaja efika ethatha izimpahla ezinika imbuzi ukuba izigqoke nempela yabe isizigqoka imbuzi. Unogwaja wathatha isitwebhu sakhe nepeni nephepha basuka bahamba ngalesosikhathi unogwaja usugibele kumbuzi umenze ihhashi. Nebala bathi besahamba endleleni yabe isiqhamuka ingwe.

Ingwe: sawubona nogwaja engabe uvelaphi?

Nogwaja: ngisuka le kwamalume ungithumile njengoba ungibona nje uthena angihambe ngimbhekela isilwane esinesikhumba esihle( esho ekhipha ipeni lakhe nephepha unogwaja ) manje ngoba sengibonile ukuthi wena unesikhumba esihle sengibhala elakho igama

Ingwe yabona ukuthi kuyishubele izobulawa yabe isisuka ngejubane ibaleka bahleka kakhulu unogwaja nombuzi ukuthi icebo labo lisebenze kahle kakhulu yasinda kanjalo ke imbuzi wehla unogwaja.

Mbuzi: ngiyabonga noGwaja mngani wami uyisindisile impilo yami ngiphila nje kungenxa yakho.

kusukela lapho uNogwaja noMbuzi baba ngabangane.

cosu! Cosu! Yaphela!