Ake ngisike elijikayo ngalabantu abazitshela ukuthi bazi yonke into.

Angazi noma ihlupha mina kuphela yini lenkinga? Umuntu wakhona kubasaqakwe indaba nango usehamba phambili uyanichazela, uchaza aze afake izinongo ngoba nakhu efuna kuthiwe wazi kakhulu. Uzokumangaza uma esexoxa indaba eyenzeka ukhona uthi uzama ukumbuyisa la egeja indlela khona, avele akuphikise kuhlule usumtshela ukuthi wawukhona ngosuku lesigameko.

Akulona iphutha ukungazi, iphutha libasekutheni ungafuni ukufundiswa ukuze uzokwazi uyekele ukuzishaya usiyazi ongazi lutho. Bathi abadala umuntu ufunde aze afe, lokho kuchaza ukuthi usuku nosuku siyafunda.

Asiyibambe lapho ekutheni akekho umuntu owazi yonke into, ungazibona sewazi ukudlula bonke abantu yazi ukuthi unenkinga.