Umqeqeshi

Ingozi yayikade iqede umsebenzi kaLeonard ngo1991 eneminyaka engamashumi amathathu nanye. Emva kweminyaka eyishumi nesithupha kade edlala ibhola eliseqophelweni eliphezulu, uLeonard wayesekwiwheelchair.

Wathandaza, “Nkulunkulu wami nginikeze isibindi sokubhekana nobunjalo bempilo ongibeke kubona.” ULeonard wezwa isibindi esisha emva kokuthandaza. Wanquma ukubuyela ebholeni, endimeni ehlukile.

“Ngeke ngiphinde ngikwazi ukudlala futhi,” ekhuluma yedwa, “kodwa ngisenawo amehlo futhi ngisakwazi ukucabanga. Ngizoba umqeqeshi. Ngizoqala iqembu elisha, futhi nginesiqiniseko ukuthi ngiyolenza libe yimpumelelo!”

Ngaphandle kokuchitha isikhathi wahlanganisa idlanzana labafana basendaweni, waqala-ke ukubaqeqesha. Wasungula iqembu elibizwa ngeYoung Swallows elalizothelela iqembu leKokstad Swallows. Wacabanga ukuthi iYoung Swallows, izolungisela futhi iqinise ikusasa leKokstad Swallows.

Ulwazi lweminyaka eminingi kaLeonard edlala ibhola lwaba usizo kakhulu futhi wazithola ekuthokozela ukuqeqesha. Wayesondelene kakhulu nabadlali bakhe. Baya ngokuya banda abafana abajoyina iqembu. Kwathi maduzane uLeonard wabe eseqeqesha amaqembu abadlali abasebancane. IYoung Swallows yayingumthelela omuhle emphakathini kaLeonard. Yayibafundisa amakhono okudlala ibhola, umoya wobumbano, kanye nokuzimisela. Yayibanikeza into enhle abazoyenza ibasusa ebuqenjini bobugebengu, nasekwenzeni izinto ezinobugebengu. Abaningi babadlali bakaLeonard sebaqhubeka bayodlalela izifunda zabo, futhi abanye babo babe nempumelelo njengabadlali abakhokhelwayo.

Shoooooes 7

ULeonard nabafana bendawo mhla kudlalwa imidlalo yokuhlunga nokubunjwa kwamaqembu azophakela iKokstad Swallows (1996).

Yize uLeonard wayekuthanda ukuqeqesha iYoung Swallows wabona ukuthi ibhola akuyona yodwa into ayengayenza. Njengomuntu okhubazekile wazizwa ebiziwe ukuzosebenzisana nabanye abantu abakhubazekile.

Shoooooes 8

Iqembu iKokstad Swallows ngomcimbi owawuhlelwe yiMCDPO wokuqwashisa ngamaLungelo eSintu abantu abakhubazekile (1999).