UKopano walandela uZoey bangena endlini. Kwathuleka ngesikhathi bengena befica abanye omakhelwane e-sitting room. UZoey wajeqeza unina. Kwakucacile ukuthi omakhelwane babengakujabuleli ukubona uKopano engena endlini. Kwayena uKopano wakubona lokhu, kwacaca ukuthi ufisa ukuvele ahambe.

Wasukuma unina kaZoey. “Kopano, siyabonga ngokufika kwakho,” washo ekhipha isandla emxhawula. “Ngicela siyokhuluma ekhishini.”

Bahlala etafuleni lasekhishini bobathathu, unina kaZoey wabuza uKopano ukuthi yini abangayenza ukuze bathole uTendai.

“Zamani ukucabanga umuntu enike nasondelana naye kulezi zinsuku ezimbalwa ezidlulile. Ukuthumba okunjena kujwayele ukwendulelwa ngukuthi kube khona umuntu obekade emlandela umuntu othunjiwe. Mhlawumbe nakisisani umuntu thizeni, umuntu enimbonile eningajwayele ukumbona kuleyo ndawo. Ungamangala ukuthi umqondo ukubuyekeza kanjani obukade ungakunakile uma usucabangisisa.”

“Esikoleni kuthiwa ulandwe ngumuntu wesifazane,” kwasho uZoey.

“Yebo, uma kunjalo zamani ukucabangisisa abantu besifazane enike nababona eningajwayele ukubabona endaweni. Kodwa ngalokho angisho ukuthi nicabangisise ngabantu besifazane kuphela. Ukucabangisisa ngesinye isikhathi kukhinyabezwa ukucabanga into ofisa ukuyibona kunokucabanga ngento oyibonile okwangempela.”

“Usho ukuthi esikoleni bebekade bezimisele ukubona uZoey, ngakhoke bacabanga ukuthi lomuntu othathe uTendai unguZoey ngempela?” kwabuza unina.

“Yebo, ngisho into ethi ayibe njalo,” kwasho uKopano.

Baqhubeka baxoxa isikhashana. UKopano wabatshela ukuthi nakanjani uTendai uzotholakala ngoba amacala okuthumba akuwona amacala ajwayelekile eBotswana. Wabatshela ukuthi mhlawumbe uTendai uzame ukuzigodukela ehamba yedwa kodwa walahleka. UZoey wazizwa engcono emuva kokukhuluma noKopano.

“Nami sekufanele ngibone indlela.” Washo esukuma uKopano. Wabashiyela inombolo yakhe yocingo ukuze bamthinte uma bedinga usizo emaphoyiseni. “Ngisenabo abangani emaphoyiseni.”

UZoey wabopha uMickey ngebhande, wabe esebophela lelo bhande esihlakaleni kuye. “Awuthi ngikukhiphe egcekeni. Naye uMickey udinga ukuphuma endlini.”

Ngaphandle bahamba isikhashana bengakhulumi. “Ngiyaxolisa ngomakhelwane, ngalento, ngisho ngendlela abaziphathe ngayo ngesikhathi ungena endlini,” kwasho uZoey.

“Asikho isidingo sokuxolisa. Ngiyabona ukuthi baziphathe ngendlela nami ebengingaziphatha ngayo ukube ngisezicathulweni zabo.”

“Kodwa noma kunjalo ayiyinhle lento abayenzile.”

Bafika emzini kaKopano. UBeemo wakhonkotha evele ngewindi, wasuka ngesivinini uMickey eqonde kuyena, laphunyuka esihlakaleni sikaZoey ibhande ayemubophe ngalo. Walandela egijima uZoey wafika ku-veranda wagoba walibamba ibhande.

Yilapho ayibona khona— i-gold star phansi, eceleni kwesicabha.

Wafika kusenjalo uKopano ku-veranda. “Ngabe konke kuhamba kahle?”

UZoey wazibona ukuthi wayeselibambile ibhande kodwa wayesaguqile. Kwafuneka ukuba acabange ngokushesha ukuthi uzothini.

“Cha… empeleni,” waphendula esukuma. “Ngicela ungizamele ingilazi yamanzi. Ngizizwa ngomiwe.”

UKopano waqala ngokungqikaza kodwa washesha wamamatheka. “Kulungile.”

Wavula ngokhiye esicabheni wabe esededela uZoey noMickey ukuba bangene kuqala, yena wangena ekugcineni. UBeemo waqhamuka ngejubane, zajabulelana izinja, uZoey wabona ukuthi kungcono alidedele ibhande ayebambe ngalo uMickey. Empeleni walidedela ibhande ngoba enethemba lokuthi uMickey uzomsiza ngokukhombisa ukuthi uTendai ukuphi la endlini.  Wayengenalo elinye iqhinga emuva kwalokho.

“Linda la. Ngizokukhelela amanzi ngokushesha. Ngiyethemba nomama wakho ufisa usheshe ubuyele ekhaya,” kwasho uKopano.

UZoey walunguza ngaphakathi endlini kaKopano. Kwakungahlanzekile neze ngaphakathi, okwenza kwaba lukhuni ukubona ukuthi uTendai uke wangena yini ngaphakathi. Wacathama ngobunono yize uKopano wayemtshelile ukuba angasondeli kwamanye amagumbi. Washaqeka woma uma ebona amanenjana egazi phansi eceleni kwefriji. Wazama ukuziqoqa wangasho lutho noma wayezizwa ukuthi uyahayiza ngaphakathi. UKopano waphenduka wabukisisa uZoey, wabona ukuthi ubuka phansi lapho kukhona amanenjana egazi.

“Oh lokho…Ukuthi nje nami angiyena umuntu oyinono, njengoba uzibonela nawe. Lelogazi liconse enyameni ebekeda ngiyipheka izolo ebusuku. Ngiyacabanga ukuthi ngihlulekile ikusulisisa kahle phansi.” Wamunika ingilazi yamanzi. Waziqinisa uZoey, waphuza.

Kwathi kusenjalo, wezwa uMickey ekhonkotha emuva kwendlu. UZoey wajikijela uKopano ngengilazi yamanzi ngawo wonke amandla anawo maqede wasuka ngejubane eqonde emuva kwendlu lapho kwakukhonkotha khona uMickey. Wamuthola uMickey ekhonkotha futhi eklwebha esicabha segumbi elingemuva kwendlu.

“Tendai! Tendai! Ukhona lapho ngaphakathi?” kwamemeza uZoey ezama ukuvula isicabha esasikhiyiwe. “Dedela uTendai njengamanje, Kopano! Ngiyazi ukuthi ukhona ngaphakathi kuleli gumbi!”

UKopano wagxavuna uZoey ngengalo, wamususa esicabheni. “Ayikho into oyaziyo wena. Futhi bengithi ungumngani wami.”

“Angiyena umngani wakho! Uyisilwane wena!”

Kwavele kwathi lwaphe, yonke into yaba mnyama emehlweni kaZoey.

***

Sitshele umbono wakho: Ubukulindele lokhu okwenzekile kulendaba?