U-Siphelo

Ngenkathi ngiya esitolo sama-Somalia ngibona kuqhamuka u-Yonela.

Hayi Siphelo ndiyanqanda. Ayilungile lento oyenzayo. Sengifunga wena? Noma ingabe lena indlela ophatha ngayo abantu obathandayo?” uyanganga.

“Sawubona Yonela, kumele ngihambe. Umkhulu wami uvakashile,” ngimtshela ngokushesha.

“Ngicabanga ukuthi wake wathi washona?” ephendula.

“Khumbula phela sthandwa sami, abantu banogogo nomkhulu kuzo zombili izinhlangothi zemindeni,” ngiphendula ngokushesha.

“Ngeke wazi. Bengicabanga ukuthi uphuma ezulwini ezokufundisa izinto ezimbalwa,” esho ehleka.

“Ha, ha! Ezifana nani?”

“Ukuthi kumele uzame ukubona abantu ojwayele ukubatshela ukuthi uyabathanda kakhudlwana kunalokho okwenzayo manje!” ephendula, ebambe ukhalo lwakhe ngezandla.

Ngishiya u-Yonela esitolo.

Uma ngeqa umgwaqo eduze nakithi, ngibona u-Nokubonga emotweni ye-Uno edlulayo elungiswe kahle. Uyacasha lapho engibona. Ingabe imoto kababa wakhe leyo? Ingabe yingakho engafuni ukubonwa? Kodwa ubaba wakhe akahambi nge-Uno nje!

Ngichofoza izinombolo zakhe kumakhalekhukhwini wami. Umculo uyagqumaza kwi-Uno. Ungitshele ukuthi ngiphinde ngimshayele ucingo ngoba akangizwa.

Ngithemba ukuthi akanalo elinye isoka. Ngeke akwazi ukukwenza lokho kimi. Akekho ongathembeki ku-S’phe…

***

U-Nokubonga

“Angithandi indlela oziphatha ngayo ngezinye izikhathi, ngitshela u-Morris njengoba siphuma kwi-Uno yakhe futhi sikhutshwa izinkuni eziphakathi kwendlu nomkhukhu wakhe osemva kwendlu. “Ngisho ukuthi, akumele uvese ungithathe kanjalo nje lapho ngisahlezi nabangani bami.”

Uvese angibheke nje. Ngiyabona ukuthi akazimisele ukuba nempikiswano. Noma kunjalo, ngilindele ukuthi axolise. Kodwa, uma siphikisana uzongitshela izizathu eziningi. Unguhlobo lwendoda, engaba ummeli, njengoba abazali bami bejwayele ukuyibeka kanjalo.

“Ngeke ngikwazi ukuhlala isikhathi eside. Kumele ngibuyele ebanganini bami,” ngimtshela.

Uvula umnyango ukuze angene emkhukhwini wakhe wegumbi elilodwa. Sekudlule izinyanga ezimbili ingidi iphukile kodwa akazimisele ukuyilungisa.

Kunento eyodwa akayifunayo manje. Ufuna ukulala nami.

Lapho esezumekile ngaphuma.

Angisabatholi abangani bami lapho engibashiye khona ngakho ngaya ekhaya.

Ngemva kwesikhathi ngizoya ku-Siphelo futhi ngiyolala khona.

***

U-Siphelo

Lapho ngibuya endlini ngithola u-Nqabisa elalele umculo.

“Hawu, uthanda ‘u-Pro kid’?” Ngiyambuza.

“Yebo, kakhulu, engiphendula.

Ngimthelela isiphuzo esibandayo. Uyasithatha bese engicimela ihlo. Ubonakala ekhululekile emkhukhwini wami. Ngijabulile.

“Ngicabanga ukuthi kumele sizikhiphe siye e-Manda’s.”

“Cha, hhayi namhlanje. Ingabe ikhona ifilimu esingayibukela?” uyangibuza. “Ngingathanda ukubukela iTsotsi futhi.”

Silele embhedeni sibukele ifilimu ndawonye. Ulele esifubeni sami. “Ingabe konke kulungile ngawe?” uyangibuza.

“Yebo. Kungani ubuza?”

“Ubonakala sengathi awukho mnandi.”

“Ngiyajabula ukuthi ukhona sthandwa sami. Ngingadumala kanjani?’

***

U-Nqabisa

Lapho sekuphele ifilimu ngilele futhi ngigqolozele phezulu. Abanye othayela sebegugile. Kunezincezu zephepha ezihlohlwe kwezinye izindawo ezinhlangothini zombili. Kodwa umkhukhu wakhe uhlanzekile.

Kukhona ongqongqozayo. Akamvumeli lo muntu angene. Kunalokho, uyaphuma bese evala umnyango. Kungenzeka omunye wabangani bakhe, ngiyazitshela, bese ngiyalala futhi embhedeni.

Bese ngizwa izwi lentombazane, lithi: “Kungani ungafuni namhlanje Siphelo?”

Ngiyagxuma. Ngaphambi nje kokuthi ngigqoke izicathulo zami, ngizwa umsindo wetshe ushaya umnyango.

Phuma apho s’febe, phuma lapho sifebe!” Inhliziyo yami isishayela phezulu ngiyazi ukuthi kunenkinga. Ngizwa u-Siphelo etshela le ntombazane, akayibiza ngokuthi u-Nokubonga, ukuthi iziphathe kahle. Kusho ukuthini lokho?

Bayangena bobabili, u-Siphelo ebambe zombili izandla zentombazane.

Ungubani ke wena sisi? Ungubani?” ibuza ngendlela esolayo. “Uzand’thini? Ucabanga ukuthi ungubani?”

U-Siphelo udedela izandla zayo bese ethatha ifoni yakhe.

“Ngicabanga ukuthi kumele uhambe manje,” etshela u-Nokubonga.

“Cha! Ngizolala lana,” imphendula.

Angikukholwa ke lokhu.

Kukhona omunye ongqongqoza emnyango. Ngaphambi kokuthi u-Siphelo aphendule kungena enye intombazane.

Hayibo, Yonela. Awukaze ufike lapha ungakaze ungitshele kuqala,” ekhononda.

Intombazane ima emnyango, ibeke izandla zayo okhalweni, isigqolozele.

***

Sicela umbono wakho: Ingabe uyayijabulela indaba kuze kube manje? Ucabanga ukuthi sizoba yini isiphetho sayo?