U-Siphelo

Ekuseni mangivuka u-Nokubonga akasekho eceleni kwami. Kazi uhambe nini. Ngishayela u-Nqabisa ucingo futhi uyavuma ukuzovakasha e-Masi namhlanje. Ngikhuculula umkhukhu wami. Ngithatha i-albhamu yami yezithombe, ngikhipha izithombe zami nginamantombazane bese ngizifihla ngaphansi kombhede wami.

Bese ngiya endlini ka-Bulela ukuyokhipha ibabalas. Okubaluleke nakakhulu, ngifuna ukumtshela izindaba ezinhle zokuthi u-Nqabi uyeza e-Masi.

Mangifika kwa-Bulela ngithola u-Bertha enaye esangweni.

“Manje?” Ngiyambuza ngemva kokuthi esemvalelisile.

Ungakhathazeki S’phe, ngimtholile lo,” engitshela.

“Ngicabanga ukuthi uthe lo unesoka?” Uvese angibheke bese eyamomotheka. “Bheka ntwana, u-Nqabisa uthe uzoza ezovakasha namhlanje.”

“Hawu ngempela? Uyinja mfana, is’khokho . Uyinja yangempela!”

“Ngiyazi,” ngizazisa.

Sihlala esitubhini bese siphuza obhiya.

Nank’ uZimkhitha, uyeza.”

“Uthini?” uyangibheka.

“Ngithi elancizo lakho, isithandwa sakho esiyimfihlo siza ngapha.”

“Akumele angene endlini yami. Kukhona amajazi omkhwenyane asetshenzisiwe phansi!” uyangitshela njengoba u-Zimkhitha engena ngesango.

“Sanibonani, ninjaani, niyaphila?”

Hayi sigrand, sigrand. Siyaphila,” kuphendula u-Bulela, kodwa uyaqhaqhazela futhi izwi lakhe liyazwakala ukuthi uthukile.

***

U-Bulela

“Ngicela ukukhuluma nawe ngasese,” kusho u-Zimkhitha, engibheke emehlweni.

“Kulungile.” Ngiyasukuma bese ngiya ngasesangweni.

“Cha, ngaphakathi endlini,” esho ngezwi eliqinile, esho elibhekise emnyango.

Ngibheka u-Siphelo njengoba ngilandela u-Zimkhitha phakathi endlini. Uhumuzela amagama athi: “Usenjeni.”

U-Zimkhitha ungena kancane endlini, uyabhekabheka bese uyama. Akahlali phansi embhedeni njengenjwayelo. Uma emnyango bese uyangibheka. “Kucacile ukuthi kwenzakaleni lapha. Ungubani Bulela? Ubani leso sifebe?!” esho ememeza.

“Yehlisa umoya,” ngimncenga. Ngivala umnyango. “Empeleni ufunani kwami ngalesi sikhathi?”

“Ingabe yilokho ozokusho kuphela Bulela? Bulela, Bulela, ngizokutshela indlela engikuthanda ngayo. Bengifuna ukukuqabuza ngasese bese ngiyahamba futhi,” Uyakhala bese engishaya esifubeni.

“Ngikutshelile, ukuthi akumele sigijimele izinto zangempela.”

“Lokho kwakungaphambi kokuthi sihlanganyele ubulili, Bulela. Ngeke ungitshele ukuthi ukulala nami izikhathi ezingaka akusho into engathi sina kuwe,” esho ekhala.

Ngavese ngama ngambheka. Angazi ngenzeni. Usula izinyembezi zakhe.

Ngicabanga ukuthi kumele uhambe. Ubuye lapho sewehlise umoya,” ngimtshela.

“Ungathini uma ngingaphindi ngibuye?” ememeza, elahlela ebusweni bami ithishu emanzi.

Ngenkathi ephuma endiza endlini yami u-Siphelo uyeza futhi esithubhini. Ngiyabona uzama ukuzibamba ukuthi angahleki. Kodwa lapho u-Zimkhitha esephumile ngesango akakwazanga ukuzibamba. Waqhuma ngesihleko waze waphuma izinyembezi.

***

U-Siphelo

Ngibhambatha umngani wami ehlombeni: “Uyabona lento esanda kwenzeka ubulima bodwa.”

“Vala umlomo wakho. Usho sengathi kade uzokwenza okwehlukile.”

“Bekumele umtshele ukuthi yimi engisebenzise indlu yakho noma okuthize, silima ndini.”

“Kade ulalele. Uyazi ukuthi bekumele ungene nini. Kungani ungangenanga?”

Ngivese ngihleke uma esho kanjalo.

“Uyazi lona S’phe mfethu. Angimqondi u-Zimkhitha. Ngenkathi sihlangana ngimtselile ukuthi nginentombi e-Gugs,” ukhononda kimi.

“Kodwa singakwazi yini ukumsola ngokuphatheka kabi?”

“Angikholelwa ukuthi nguwe okhuluma kanjalo, S’phe. Ungowokugcina ukuzokhuluma nami kanjalo.”

“Ngicabanga ukuthi yilokho okudingayo Bulela. Izifundo eziphuma kumkhohlisi wamantombazane wangempela.”

Ungitshela ukuthi kukhona abanye obhiya kwisiqandisi. Siyaphuza bese ngemva kwalokho ngiyahamba. Kumele ngilungele ukuyohlangana no-Nqabisa esiteshini sase-Fish Hoek ngehora lesihlanu ezimpondweni.

Lapho ngifika esiteshini u-Nqabi uncike ngasocingweni olukhokhelwayo. “Besengithi ngizokushayela ucingo,” engitshela. Ngamanga ngamqabuza emlomeni. Uyajika bese enginikeza isidlathi.

“Kwenzenjani Nqabi?”

Uyangxama, ujaha izinto,” engiphendula.

***

U-Nqabisa

Sithatha itekisi eya e-Masi. Abantu bangibhekile. Kuzwakala sengathi bayabona ukuthi angiyena owasendaweni.

U-Siphelo ungigaxile. Ngicabanga ukuthi uyachoma nje. Kodwa ngiyamthanda. Kodwa ngeke ngimtshele ngokushesha kangaka.

Lapho sehla endaweni akayibiza ngokuthi i-Riverside, ungitshela ukuthi abazali bakhe bacangela ukuthutha kule ndawo kodwa abakayitholi indlu enkulu abazoyithenga okwamanje.

Uvese walahlekelwa amaphuzu ambalwa encwadini yami ngokusho lokho. Ngithanda ukuthi abantu babe yilokho abayikho, bangazenzisi.

“Bheka, ngiyijwayele imikhukhu, bhuti. Khululeka, ngimtshela.

“Konje, usuka e-PE. Ingabe uthe eMagxaki? Ngikholelwa ukuthi nibiza umkhukhu ngokuthi ibobosi,” esho kimi.

“Empeleni ngiphuma e-Motherwell, kodwa nginomndeni eMagxaki,” ngimpendula.

“Sesifikile ke, indlu yami le.” Ukhomba umnyango omhlophe. Ngicabangela ukuphepha kwami. Lo mnyango awuqinile. Kwakungamele ube umnyango wangaphambili wendlu. Ngizitshela ukuthi ngizohlala isikhathi esincane. Bese ngiyacabanga ukuthi umsangano wodwa lowo. Ukusuka endaweni ekude kangaka bese ngingajabuleli ukuba no-Siphelo.

U-Siphelo uvula umnyango bese engikhuthaza ukuthi ngibeke phansi embhedeni isikhwama sami.

Lapho ephuma nebhodlela eya esiphaza, ngidlala ngesilawuli kude somabonakude, ngilokhu ngishintsha iziteshi. Kuvele umlayezo othi ikhontilakhi yakhe imiswe okwesikhashana.

***

Sicela umbono wakho: U-Nqabi uthe, “Ngithanda abantu babe yilokho abayikho, bangazenzisi.” Ucabangani ngalokhu akushilo?