U-Siphelo

Sikhetha ukuqeda usuku ngokuphuza amabhiya ambalwa endaweni ka-Manda. Ngenkathi ngihlezi no-Bulela kuza u-Nokubonga nomngani wakhe. Abasiboni sihlezi ekhoneni. U-Bulela uyababiza bezohlala nathi.

“Isilima lesi! Manje usuzobathengela utshwala. Anginayo imali,” ngimhlebela.

“Ungakhathazeki mshana, ngizokulungisa lokho.”

Lapho behlezi babonakala sengathi abanethezekile nje. Angiboni ukuthi u-Nokubonga kade ecabanga ukuthi uzongibona lapha.

“Ingabe bekumele nizikhiphe njengamantombazane?” Ngiyambuza.

“Cha, cha, cha, siyakujabulela ukuba nani.”

“Kulungile ke, bengicabanga ukuthi siphazamisa okuthize.”

U-Nokubonga utshela umngani wakhe, u-Bertha ukuthi ashayele ucingo umngani wabo ukuthi bazohlangana kubo. Ucimela u-Bertha ihlo. Yini manje leyo? Ngiyazibuza. Mhlawumbe izinto zamantombazane. U-Bertha uyahamba ka-Manda bese ehla ngezitezi ukuze ayokwenza lolu cingo endaweni ethulile.

“Sthandwa sami, ubaba wakho uzohamba nini futhi aye e-Saldanha?” Ngibuza u-Nokubonga.

“Angiqiniseki yazi. Kumele ahambe, maduze nje.”

“Umtshele ahambe maduze. Usincisha izikhathi zethu ezimnandi sindawonye,” ngisho ngihlekisa.

Uvese angibheke bese uyamomotheka.

Lapho u-Bertha ebuya u-Bulela ucela ukubathengela utshwala. Bakhetha i-Brutal Fruits lapho ebatshela ukuthi ayikho i-Sarita.

U-Nokubonga ulokhu engibhekile, kodwa angikwazi ukubona indlela azizwa ngayo.

Siyaqala ukuba ndawonye esipotini.

***

U-Nokubonga

Sihlobo, ngitshele ngalo wohlelo . Utheni?” Ngihlebela u-Bertha.

Ngikhathazekile ngo-Morris. Mhlawumbe uyindoda elungile kuphela nje uma engadakiwe. Izolo ngibone obunye ubuntu bakhe engingaqiniseki ukuthi ngiyabuthanda yini.

Njengoba sihlezi siphuza namajita kuyabonakala ukuthi u-Bulela unesithakazelo ku-Bertha. Ngicabanga ukuthi u-Siphelo uyazi futhi ufuna ukubashiya bebodwa. Ungicela ukuthi ngiphumele naye ngaphandle.

Angizizwa kahle ngalokho. Kuzothiwani uma u-Morris esesitaladini nabangani bakhe? Kodwa, ngizothini ku-Siphelo? Ngakho ngihamba naye.

Uma sifika ngaphandle kubonakala sengathi naye akazi ukuthi ungibizeleni ngaphandle. Ufuna ukungithengela amaphiko ashisiwe enyama yenkukhu. Seqa umgwaqo ukuyothenga amaphiko. Ngimile futhi ngiyadla njengoba exoxa nabanye abafana abahamba nge-Golf emhlophe. Uma ebuya usikisela ukuthi sibuyele ngaphakathi.

Esitezi esingaphezulu sithola u-Bulela no-Bertha beqabuzana ngokujulile.

Hayi Bertha,” kusho mina.

Kuyabonakala ukuthi u-Bulela umfuna ngempela. Ulokhu embamba ubuso bakhe nezidlathi bese emqabuza entameni. Bese uyasibheka ngokumomotheka okubonisa ukusa. Uncika ku-Bertha ezama ukuqaqa ihembe lakhe. U-Bertha uyagxuma.

Cha, Bulela,” emtshela.

Ngibheka u-Siphelo futhi kuyabonakala ukuthi naye uyakujabulela lokhu.

“Ngakho yizo izinto enizenzayo lezi uma nizikhiphile nabangani benu?” Ngiyamgcona.

Uphambene Nokubonga, uyahlanya. Wake wangibona ngenza lokhu?”

Angazi ukuthi ukhuluma iqiniso yini noma cha.

***

U-Siphelo

Ngitshela u-Bulela ukuthi aphumele ngaphandle nami.

“Hewu awusichithi isikhathi ndoda!” Ngisho ngidlala naye njengoba sehla ezitezi.

Sima ngaphandle bese siyaxoxa.

“U-Bertha ungitshela ukuthi unesoka. Kodwa ke, ubani ongala u-Bulela?” esho ezazisa. “Ngizohamba naye endlini namahlanje ebusuku mfana ngiyakutshela.” esho, eqedela ubhiya wakhe.

“Yebo, usis’khokho ntwana,” ngivumelana naye.

Ngikhipha umakhalekhukhwini wami bese ngichofoza inombolo ka-Nqabisa. Ungitshela ukuthi ulele. Ngimtshela ukuthi ngizikhiphile namajita.

Bese ngichofoza inombolo ka-Yonela.

“Sawubona, Nqabi,” ngiyambingelela bese ngiyama… kuzomele ngikhulume ngokushesha.

“Ubani u-Nqabi?” ebuza ngokusola.

Ngimtshela ukuthi ngisanda kubona umngani wakudala wasesikoleni wase-Orange Farm Egoli, u-Nqabile. Phew! Ngicishe ngabanjwa, ngisho ngicabanga.

Sibuyela esitezi esiphezulu. U-Bulela unethezekile eduze komabebezawakhe omusha.

Lapho sekufika elinye iqembu le-rap elasibangela izinkinga esikhathini esedlule, sikhetha ukuhamba. Njengoba bephuma u-Bulela no-Bertha babambene izandla. Mina no-Nokubonga asibambani izandla; sivese sihambe nje eceleni komunye.

Ndinamahlahla, awusoze wazi ukuthi ubani okubhekile.

Siya endlini ka-Bulela bese bayangena.

Ngiyaqhubeka ngihamba no-Nokubonga siya endaweni yami.

***

Sicela umbono wakho: Ucabanga ukuthi u-Siphelo uzokwazi ngo-Morris? Kuzokwenzakalani?