U-Siphelo

Ngidlula umgwaqo ngidinwe indoda esanda kudlula, evese yadlula emanzini angithela ezicathulweni. Ngiyayithuka njengoba iyishaya izula.

Lapho ngifika endlini kamngani wami u-Bulela, ngimthola ehlezi esitubhini egqoke isikibha sakhe se-Sundowns. Inhliziyo yami iyajabula.

Heita, Bulela mfethu, tjo veeetjo. Ngithole umabhebeza oshisayo mfana,” ngisho ngimtshela njengoba ngingena esangweni.

Ungibheka ngendlela esolayo, njengoba ebambe ibhodlela lakhe le-Amstel. “Unamanga” kusho u-Bulela, esula inhlabathi ngezansi kwebhodlela lakhe. Uyasukuma. “Phuma la wena S’phe. Buphi ubufakazi?” uyangibuza, elahlela isandla sakhe ngenxa yokungangikholwa.

“Bengikhuluma naye ocingweni namhlanje ekuseni ngemva kokuhambisa u-Yonela. Ungahamba nami siye e-Simon’s Town ukuze uyombona.”

“Ngizokukholelwa uma ngikubona.” Uqeda utshwala bakhe. “Bheka, okokuqala kuzomele siyobheka elancinzo lam. Kudala ekhala ngokuthi angichithi isikhathi esanele naye. Ucabanga ukuthi ngithandana naye kuphela. Kungenzeka nje kodwa lokho ntwana?

Kusenjalo kuphuma u-Thulani endlini yangasese engaphandle futhi uyasizwa njengoba sikhuluma.

Majita, kumele niqale ukuhlonipha amantombazane manje,” kusho u-Thulani, njengoba egeza izandla zakhe empompini ongaphandle.

“Awungitshelanga ukuthi kunomfundisi,” ngihlebela u-Bulela. Uyahleka bese enikina ikhanda lakhe.

“Bhekani nje indlela eniphatha ngayo amantombazane, bafowethu. Ayiyinhle neze. Nilala nalo bese omunye elandela ngemva kwehora. Ngisho ukuthi, nidlala ngothando.”

“Thulani, vala umlomo wakho uma ingekho into engcono ongayisho, UYEZWA,” ngisho ngimtshela, njengoba sengiqala ukudineka kancane. Uhlale njalo enje. Wake wathandana nentombazane eyodwa kuphela ekuphileni kwakhe. Uyisidididi, umxhaga.

“Cabanga ngakho S’phe mfethu. Ubungathini uma kade kuyindodakazi yakho ephathwa ngale ndlela?”

Ngivese ngimbheke nje uma esekhuluma lezi zinto bese nginikina ikhanda lami.

“Uyahlanya mfana. Indoda kumele ibe nomakhwapheni.” U-Bulela ungicimela ihlo.

***

U-Bulela

“Bheka Thulani mfethu, kumele siye endaweni ethize. Sizokubona uma sibuya.”

U-Thulani uvese aphakamise isandla sakhe njengoba ephuma ngesango.

Lapho sifika kabo-Zimkhita simthola engaphandle ewasha izingubo. Lona unemilenze emihle. Yiyo into engiyithanda kakhulu ngaye. Namhlanje ugqoke isikhindi esimfushane kakhulu. Uyazi ukuthi ngiyawuthanda umzimba wakhe.

“Sawubona sthandwa sami,” ngiyambingelela bese ngiyamanga kusuka ngemuva, bese ngimqabuza entameni.

“Qaphela, sthandwa. Umama wami ukhona,” engitshela.

“Kulungile ke, ngeke sihlale.”

Okuyinto ejabulisa u-S’phe. Ngoba kumele bayobona lo Nqabisa e-Simon’s Town. Ngokushesha sahamba sathatha itekisi eya e-Fish Hoek. Ngiyaqiniseka ukuthi u-S’phe okhokhela imali yokugibela. Kumele afakazele okuthize.

“Ngakho ke S’phe mfethu, ingabe uyazi ukuthi lo Nqabi unabo yini abangani? Mhlawumbe nami ngingazitholela umabhebezaoshisayo.”

“Angazi mfethuKhafan’ ucinge, cabanga nje, kade elokho ephinda into eyodwa. Ukuthi kumele siyeke ukungathembeki kumantombazane. Ngimtshelile ukuthi uma amantombazane nawo kade ethembeke ngokuphelele besingeke nathi singathembeki kuwo.Basivuma besezi, bayazi ukuthi akuvamile ngomuntu olingana nami ukuthi angabi nentombi. Futhi ngaphandle kwalokho, kungenzeka nabo banamanye amasoka.”

“Utheni u-Thulani?”

“Kade elokhu ethi, ‘Ja… ja… kodwa kumele ubuze intombazane ukuthi inalo yini isoka noma cha.’ Ongitshele nje, ubulima buni nje lobo? Uma intombazane ingithanda ngeke ngonakalise izinto ngokukhuluma ngamanye amasoka.”

U-S’phe uyahleka.

***

U-Siphelo

Siyafika esiteshini sase-Simon’s Town bese siyalinda. U-Nqabisa uza ngakithi ekude.

“Amathanga wami ke lawo ndoda,” ngisho ngichomela u-Bulela. Uvese angibuke nje kodwa angasho lutho.

U-Nqabisa usanga ngendlela efudumele. U-Bulela uveza elomhlathi. Ngiyabazisa. U-Nqabisa usikisela ukuthi siye efulethini lakhe.

Lapho sifika u-Bulela akakhulumi kangako. Ngicabanga ukuthi umangazwe indaba yokuthi intombi yami inendawo yayo. Uthatha ijusi ngenkathi enikeziwe kodwa ngivese ngamukele ingilasi yamanzi ngaphandle kokucabanga.

Ngimbhekile njengoba elokhu entshontsha u-Nqabisa ecabanga ukuthi angimboni. Uzophika uma ngimbuza ngemva kwesikhathi. Angimbeki icala. Uyakhanga ngempela.

Uyazikhulumela nje. Kodwa mina ngithukile kancane, kodwa ngiyakujabulela ukuba naye. Ngemva kokuthi sesixoxile imizuzu engaba ishumi ngitshela u-Bulela ukuthi kumele sihambe. Kufakela amehlo ukubona indlela ambheke ngayo, kuyilapho kufanele kube yimi ombheke ngaleyo ndlela. Sithembisa u-Nqabisa ukuthi sizobuya futhi sizomvakashela esikhathini esizayo.

Ungitshela ukuthi akaqiniseki ngokuza ezongivakashela e-Masi.

***

Sicela umbono wakho: Ucabangani ngeseluleko u-Thulani asinikeze u-Siphelo ngokuhlonipha owesifazane?