Lapho nje ngizwa igama elithi ‘umshado’ ngangifuna ukukholelwa ukuthi kanti uyangithanda. Wayengeke akusho lokho uma kwakuyize kuye. Ngalolo busuku sahlanganyela ubulili ngaphandle kwesivikelo. Ubani owaziyo ukuthi lokhu engisanda kukwenza nje kungase kubuye kuzongihlukumeza? Kusukela lapho sahlanganyela ubulili ngaphandle kwesivikelo futhi lapho ngiphikelela ukuba sithenge ijazi lomkhwenyane wayezongikhumbuza ukuthi ubani owathenga ukudla futhi engihambisa.

Umngani wami wayengazi ukuthi ngikuphi futhi nami ngangingenalo ikheli lakhe. Umuntu engangimazi nje kuleli zwe kwakungu Sam. Kwakunguye kuphela owayengakwazi ukungisindisa ngakho ke kwakumele nganelise izindingo zakhe, uma kungenjalo ngangizophelela ezitaladini futhi.

Ngangizizwa njengengane encane lapho nginaye ngoba umbono wami wawungasho lutho kuye. Ngenkathi eshayela ngalala ukugwema ukukhuluma naye.

Ngemva kokuba siphume eBeaufort West walala nami futhi, ngavala amehlo wami. Ngabona umbono kamama wami. Wayengixwayisa ngokuthile, kodwa angizange ngimuzwe kahle. Ngazama ukuya kuye, kodwa okuthile kwakulokhu kungidonsela emuva. Okuthile kwakusihlukanisa futhi ngangingakwazi ukudlulela lapho ayekhona. Ubuso bakhe babunyamalala futhi ngamemeza igama lakhe ngokuphindaphindiwe.

USam wangivusa. “Kade umemeza ngenkathi ulele,” kusho uSam. “Bekumayelana nani lokho?”

“Akuyilutho ebalulekile,” ngisho.

USam wayefuna ukwazi okwengeziwe mayelana nami, kodwa wangivala ngenkathi ngifuna ukwazi ngomkhaya wakhe. Kwakuba kubi nakakhulu lapho ngibuza ngomkakhe.

Ekugcineni safika eKapa! Ngahlatshwa umxhwele ubuhle bezintaba nezihlahla. Idolobho lalihlanzekile futhi lilihle okwedlula iGoli. Kwakuzwakala sengathi ngikwelinye izwe. Ngamomotheka futhi ngaba nethemba lokuthi kwenzeke izinto ezinhle.

“Hewu, Kapa yakanaka (yinhle)!” Ngisho ngimangele. “Kubonakala sengathi siye kwelinye izwe.”

“Angithi ngikutshelile ukuthi yinhle kanjani le ndawo,” uSam esho ngenjabulo.

Washayela iloli yakhe endaweni yokugcina izimpahla eWoodstock kwabe sekuza amadoda amathathu ezokukhipha izinto. USam wayeqashe ifulethi lekamelo elilodwa eMuizenberg futhi salibhekisa lapho ngenkathi eseqedile ukusebenza.

Ifulethi likaSam lalilikhulu futhi lilihle. Wayengenayo imfenisha eningi, kodwa zonke izinto zazihlotshiswe kahle. Amakhethini ansomi ayefana nombala wosofa bakhe. Umbhede wakhe wabantu ababili wawunemiqamelo eminingi futhi wawumkhulu kakhulu ukuthi kungalala umuntu oyedwa. Konke kwakubukeka kufanelekile futhi ngamomothekela ngaphakathi.

“Siyakwamukela ekhaya, Rudo,” kusho uSam, esho engigaxa. “Ngithemba ukuthi uyalithanda.”

Wayesebenzise igama elithi ‘ekhaya’. Ingabe wayesho ukuthi lokhu kuzoba ikhaya lethu?

“Ngiyalithanda!” Ngisho kuye ngijabule.

Ngenkathi ngibona ikhaya lakhe ngangazi ukuthi wayezongipha imali ukuze ngiyithumele ekhaya, kubantwana bakithi babafana. ‘Wayeyiphepha’ lami lokuphila okungcono kakhulu futhi ekugcineni ngizokwazi ngisho nokuyisa abantwana bakithi esikoleni. Yilokho engangikucabanga. Kodwa ubani owaziyo ukuthi ngangisazobhekana nani?

USam waphuma waya ezitolo eziseduze wathenga igilosa embalwa nobhiya. Wayephethe nophawuda omhlophe owawugoqwe kupulasitiki. Wawubukeka sengathi ushukela, kodwa ngambona ewudonsa ngamakhala ngabona ukuthi izidakamizwa. Angizange ngimbuze ngalokho. Ngangingafuni ukuxabana naye ngalokho kuyilapho engisiza ngokuhlala nami.

Emavikini okuqala kwaba sengathi sisanda kushada siqala ukuphila ndawonye ekhaya elisha – eqinisweni kwakukusha kimi. Kwakunjalo, kwaze kwaba yilapho ngimtshela ngomsebenzi okwakumele ngiye kuwo njengoweta endaweni yokudlela eseduze.

“Ingabe angikunikezi konke okudingayo? Akukho lapho ozosebenza khona!” esho ngokuqinile.

“Bengicabanga ukuthi isikhathi sokuthi nami ngisebenze ukuze ngikwazi ukubeka imali engizoyithumela ekhaya,” ngisho ngesibindi.

Wangishaya ngempama esidlathini sami esingakwesokudla kwabe sekuphuma igazi kusuka ekhoneni lomlomo wami. Ngalisula kancane ngabe sengimbheka, ngaphambi ngokuba ngiye endlini yangasese ngiyozigeza. Lokhu kwakubonisa okukhulu okuseza.

Ngangiphila njengesiboshwa futhi ngangingavumelekile ukuba ngiphumele phandle ngingedwa. Njalo ngangihalela ukukhuluma nobhuti bami ngibatshele ukuthi ngizobuyela ekhaya. Wonke amathemba enganginawo ngenkathi ngifika eKapa ashabalala ngemva nje kwalelo viki lokuqala.

Noma yinini lapho ngitshela uSam ukuthi ngiyahamba wayezongincenga futhi angithengele ngisho nezipho. Kwakuzophela izinsuku ezimbili engazange angithinte nokungithinta kodwa ngemva kwalokho wayezoqala phansi futhi angishaye. Ngangididekile. Ngenkathi engiphatha kahle ngangizizwa ngisondelane naye. Kodwa wayeshintsha ngokuphazima kwehlo.

Ngenkathi eluhlaza kimi futhi engiphathisa okwengane eneminyaka emihlanu ngangizizwa nginesizungu. Wayengikhumbuza ukuthi angiyilutho nokuthi anginalo ikhaya ngaphandle kwakhe. Kodwa futhi wayezophinda futhi angibonise uthando, ngize ngicabanga zonke izinto ake angenzela zonke okwedlula noma yimuphi umuntu.

***

Sicela umbono wakho: Ingabe ucabanga ukuthi uRudo angakwazi ukukhetha ukuba noSam noma cha?