Ngenkathi ngiphaphama futhi ngibuyela esihlalweni somgibeli weloli sasingena eGoli. Ngabona ukukhanya okuningi kukhanya kumabhilidi amade nezimoto zidlula. Angikaze ngibone izimoto eziningi kangaka emgaqweni. Nemigwaqo yayimihle, yayingafani neze nemigwaqo engiyijwayele eyayigcwele imigodi.

“Ngiyakwamukela eJozi, Rudo. Kodwa ima nje wena uzobona. Lokhu akuyilutho uma kuqhathaniswa neKapa,” kusho uSam. “Ngiyaqiniseka ukuthi uzokuthanda lapho. Le ndawo ishesha kakhulu kuwe.”

Sengathi naye wayengangishesheli kakhulu. Aah madhara anonetsa, (amadoda agugile ayinkinga) ngisho ngicabanga, ngabe sengibheka eceleni. Ngemva nje kokuba izinto sezingilungile ngizomshiya ngicabanga. Nakanjani ngizomshiya lapho sengiqala ukusebenza eKapa.

Sashiya ezinye izinto ayezithutha sabe sesiyothenga ukudla eKFC. Manje angizange ngiphange noSam naye wadla. Sadla kuthulile. Wawungezwa ngisho nokuwa kozipho. Ingqondo yami yayigxile ekucabangeni ngohambo olwalusasilindile. Ngase ngifa ukukhathala ngenxa yokungalali embhedeni wangempela. Umbhedi okuloli yaSam wawucijile futhi ungalalisi kahle.

“Kusele amanye amakhilomitha ayinkulungwane sizobe sesifikile ke eKapha,” kusho uSam, sengathi wayekwazi engangikucabanga.

Sasukuma ukuze siphume eKFC. Njengoba sibuyela kuloli abanye abantu babesigqolozele. Abashayeli bamaloli babenedumela elibi lokuthandana nezingane ezincane, kodwa uSam wayengekho kanjalo. Yilokho engazitshela kona nalokho ingqondo yami eyayifuna ukukukholelwa.

USam washayela iloli ngokuzimisela okukhulu futhi asizange sime kwamanye amadolobha amancane emgaqweni, ngoba wayegcwalise uphethiloli eJozi. Kwaze kwaba yilapho sifika eBeaufort West. Kwakuyidolobha elincane elinamabhilidi agugile wonke ayebukeka ngokufana futhi ependwe ngombala ofanayo.

“Le ndawo ibukeka ingenakho ukuphila,” ngisho, ngibheke uSam. “Lokho ukubona ngendlela abantu abahamba ngayo. Ngeke ngafuna ukuhlala lapha.”

“Idolobha elifanele abantu asebagugile asebekubonile konke ukuphila asebefuna nje ukujabulela impenshini yabo.” “Abanye abantu bayayijabulela le ndawo ethulile,” kwengeza uSam.”

USam waphuma ukuze ayothenga ukudla wabe esebuya ephethe upulasitiki. Manje wabuya ephethe ukudla kwangempela – ipapa nesitshulu senyama yenkomo. Washo okuthize nje mayelana nalapho esasiya khona, kodwa angizange ngimnake. Ngangigxile kulokhu kudla okuconsisa amathe okwakuphambi kwami.

Ngemva kwesikhashana nje uSam waqala ukudlala ngesidlathi sami futhi. Ngenkathi enza lokho ngangikwazi lokho ayekufuna futhi kwakumele ngimnikeze kona ukuze ngikhokhele umusa wakhe. Manje wafuna ijazi lomkhwenyane kudeshibhodi yakhe, kodwa akazange alithole. Uma ayengenalutho yokuzivikela ngangingeke ngilale naye futhi. Ngezwa izindaba ezimayelana nendlela abashayeli bamaloli abathanda ngayo abantu besifazane.

“Ungakhathazeki Rudo, anginayo i-HIV,” kusho uSam, esho esondeza ubuso bami ngakuye. “Kusukela mina nomkami sehlukene angikaze ngilale nomunye umuntu ngaphandle kwakho. Ungowesifazane omuhle futhi ngiyakwethembisa ukuthi ngizokushada.”

***

Sicela umbono wakho: Ingabe uyamkholelwa uSam?