NgeSonto, umalume ka-Aimée uboleke iloli futhi ufuna ukuyothutha isitulo sikaMandla. U-Aimée uhlala eceleni kukamalume wakhe futhi umnikeza iziqondiso eziya kabo Mandla. Uthukile. Namanje uMandla akakamshayeli ucingo. Kodwa, leli bekuyilungiselelo, futhi umalume wakhe ufuna ukuhambisa lokho okukokhelwe ngenkathi esakwazi ukusebenzisa iloli.

Bashayela engxenyeni yelokishi u-Aimée angakaze aye kulo ngaphambili. Ingxenye yezindlu ezinhle ezinamabala alungiswe kahle nezingadi.

Bama ngaphandle kwendlu enezimoto ezinkulu ze-Toyota ezipakwe ngaphandle.

U-Aimée nomalume wakhe baya emnyango bese bayakokota. Owesifazane uvula ikhethenisi ukubheka ukuthi ngubani, bese eza emnyango.

“Ngingakusiza?” kusho okwesifazane, ebheke u-Aimée ngokungamazi. Owesifazane ofanayo nalowo u-Aimée ambona noMandla endaweni yokupaka izimoto. Umamekazi wakhe.

Ngingu-Aimée,” echaza.

Kodwa owesifazane uyomgqolozela nje – akamomotheki nakancane.

Khona manjalo, uba nomuzwa omubi, wokuthi uMandla akabatshelanga ngesitulo akasithengile. Akabatshelanga ukuthi unentombi ebizwa ngokuthi u-Aimée. Akabatshelanga lutho.

“Sizoletha isitulo,” kusho umalume ka-Aimée ngomoya ozolile.

“Angazi lutho ngesitulo.” Umamekazi ubukeka sengathi uyasola manje. Umemeza othile endlini.

Kuza indoda. Ebukeka efana noMandla. Kungenzeka ubaba wakhe, kucabanga u-Aimée. Uvimba umnyango.

“Nifunani nina bantu?”

“Indodana yakho ithenge isitulo kithi. Sizosiletha,” kusho umalume ka-Aimée.

“Kungani indodana yami ingathenga isitulo esake sasetshenziswa?” Kubuza ubaba kaMandla, edidekile. “Sinosofa abasha ngaphakathi. “Abanuka ubusha.” Ubheka isitulo. “Angawusuka ngani kodwa lo doti? Kungenzeka iphutha.”

“Ngifunda nendodana yakho. Ngithandana naye,” u-Aimée ufuna ukumtshela, kodwa amazwi awaphumi kahle.

“Ngiyaxolisa. Akakaze angitshele ngawe,” esho ngokungabi nandaba. “Ngeke ngikwazi ukunisiza. Kwenzeke iphutha.”

Uvala umnyango.

“Uphi uMandla?” U-Aimée akakwazi ukukhuluma kahle ngenxa yezinyembezi.

“Woza Aimée, asambe,” kusho umalume wakhe, ezama ukuhamba phambili. Kodwa u-Aimée uyama – akakwazi ukunyakaza. “Asambe Aimée. Ngiyaqiniseka ukuthi ungakwazi ukuyilungisa le nkinga esikoleni. UMandla ubukeka njengomfana olungile.”

Ungaphezu nje kokuba umfana olungile, u-Aimée ufuna ukuphendula. Ngiyamthanda.

Kungani engazange atshele ubaba wakhe ukuthi siyeza? Uthe silethe isitulo. Ufikelwa intukuthelo u-Aimée. Angavumela kanjani into efana nale ukuba yenzeke? Futhi kade ekuphi izolo ebusuku lapho emudinga?

Njengoba bejika ngekhona emgaqweni kudlula imoto ethize. Ngokuphazima kweso, ngaphambi kokuba basithele, u-Aimée ubona uMandla. Uhlezi esitulweni sabagibeli. Kushayela intombazane. Kwaba ukudlula kwabo.

Ngalobo busuku ulinda i-SMS, kodwa akufiki lutho.

Ngomsombuluko ekuseni umama wakhe akamvumeli ukuba aye esikoleni; ingozi ayikakapheli.

Ucabanga ngoNoki noChantelle. Bamuthumela i-SMS bamtshela ukuthi bazomubhalela amanothi bese beza bezomvakashela. Ubathumela ikheli lendlu kamalume wakhe. Ube esethumela i-SMS ethi:

Uke wambona uMandla?

UNoki uyaphendula:

Hhayi esikoleni

Uyengeza:

Ngikukhumbule.

Namanje uMandla akakamshayeli ucingo.

Kuyiqiniso lokho okushiwo uPrincess, noNoki. Ubudlelwano bomkhaya bunamandla kakhulu. UMandla akakabatsheli ngabo – umkhaya wakhe. Ngeke akwazi. Akasoze aba yintombi yakhe. Futhi ingabe yena ufuna ukuba intombi kaMandla kuyilapho esaba ukutshela umkhaya wakhe ngaye?

Uhlala ngaphandle ebaleni esitulweni sikaMandla uzizwa enesizungu. Ucabanga ngezingalo zakhe zimangile, indlela ayezizwa ephephile ngayo. Lapho emuqabula nendlela ayemuhlekisa ngayo, ngisho nendlela yena ayehlekisa ngayo uMandla.

Ngeke akwazi ukubuyela esikoleni. Ngeke akwazi ukubhekana nalokho okuzoshiwo uPrincess: Ngikutshelile. Nozwela lukaNoki. “Nokuxolisa, kukaMandla. Kodwa sekuphelile. Yindlela okumele kube ngayo. Kumele ngithobele izifiso zikababa wami.”

Akanaki isikhathi, uhlezi ebumnyameni nengubo yakhe. Amafu awasekho sekubonakala ukusakazeka kwezinkanyezi. Ulahlekelwe uhlamvu lwakhe lwemali futhi uselahlekelwe nawuMandla.

Isango lenza umsindo njengoba livuleka. Kukhona ongenayo ebaleni. Akabheki. Uyama anganyakazi. Ufikelwa ukwesaba sengathi uthelwa ngamanzi abandayo, kodwa akakwazi ukunyakazi. Kungenzeka bangamboni uma ethula ethi tu.

Uyabefuzela njengoba ezwa izandla ezimbili emahlombe wakhe. Ube esezwa izwi lakhe. Elithambile. “Mandla, usholo phansi, njengoba esukuma. Bayabhekana.

“UNoki ungitshelile ukuthi ukuphi. Bekumele ngize. Ngizochaza.”

“Ayikho into ozoyichaza. Kade ungekho. Awazi indlela engizizwa ngayo ngenkathi ubaba wakho esigadlazela umnyango. Indlela engizwe ngayo lapho ngiqaphela ukuthi abazi lutho ngami. Ngathi.”

“Ngiyazi.” UMandla ubheka eceleni. “Ngiyazi. Bengiyigwala. Kodwa manje sengiwutshelile umkhaya wami. Lapho ubaba wami engitshela ukuthi kade ufikile nokuthi uthe nihambe, angikwazanga ukukumelela lokho. Ngimutshele yonke into. Lapho sengiqalile angikwazanga ukuyeka. Ngimutshele ukuthi angifuni ukuyohlala emzini. Angifuni ukuba inkosi ezothatha isikhundla sakhe futhi ngishade nalowo angikhethele yena. Ngifuna ukuba nokuphila kwami. Ngizenzele izinto zami. Ngifuna ukuba nawe.”

U-Aimée umbheka ebumnyameni.

“Ngiyaxolisa, ngendlela engikuphathe ngayo. Ngiyaxolisa bengingekho. Uma ufuna ukuba ngihambe ngizohamba. Kodwa ngaphambi kwalokho, ngikuphathele okuthize. Thatha.”

Ulula isandla sakhe bese ethatha isandla sika-Aimée. Uvula isithende sesandla sakhe. Ucindezela uhlamvu lwemali esikhumbeni sakhe bese evala iminwe yakhe – isandla sakhe sithinte esika-Aimée, sifudumele.

“UPrincess akasoze akuhlupha futhi. Ngiyakwethembisa.” Uyanqikaza. “Ingabe ufuna ngihambe?”

U-Aimée unikina ikhanda lakhe. Uyamanga ngokufudumele.

“Manje ngoba usungitholile,” kuhleba u-Aimée.

“Uma uzitholele kusuke kungeyakho,” kusholo phansi uMandla.

Umphefumulo wakhe ufudumele esikhumbeni sakhe phakathi nobusuku obubandayo. Kusasa uzobuyela esikoleni. UMandla uzoza azomlanda ekuseni, njalo ekuseni izinto zize zibuyele esimweni kuphephe futhi. Ngisho nangemva kwalapho.

* * *

Sicela umbono wakho: Uyini umbono wakho ngobudlelwano bukaMandla no-Aimée? Ingabe likhona ikusasa phakathi kwabo? Kungani uthi likhona noma uthi alikho?