Funda ibali isiNgisi: Finders Keepers
Ngosuku lwakhe lokuqala esikoleni esibizwa ngokuthi iNkwenkwezi High, u-Aimée Mwamba ulahlekelwa uhlamvu lwakhe lwemali lenhlanhla. Waphiwa ugogo wakhe ngaphambi kokuba abalekele impi yombango e-DRC. Liyinto eyigugu yasezweni lakubo, futhi uligcine liphephile kusuka kwimingcele eminingi ngisho naphakathi kwamakamu ababaleki amaningi. Ngakho lapho eliwisa, uMandla okhangayo, futhi omuhle uyalicosha, nakanjani u-Aimée uzimisele ukulithola kuye. Kodwa kungani uMandla eligcinile? Futhi yini ayifunayo ku-Aimée esikhundleni salo?
***
Thank you to the UNHCR for sponsoring this story.