UGogo uyadla, aphuze amaphilisi, alale. U-Aphiwe umangele futhi ufuna nokwazi ukuthi uGogo ubekhuluma ngani uma ethi uMama wakhe uhlanganise ubuhlanga. U-Aphiwe uhambisa iminwe yakhe ezinweleni zakhe njengoba ecabanga. Izinwele zikhula zihlangene futhi ziqinile, ziyakhombisa ukuthi ngezomuntu omnyama, kodwa futhi zikhula ziqonde zibe zinde futhi zicwebezele njengalezi zikamama wakhe. Okumdidayo futhi ukuthi bobabili banebala elimnyama, bafana naye uGogo.

Amathoshi emoto kababa ka-Aphiwe abhanyaza esangweni. U-Aphiwe ucabanga indlela azobuza ngayo ubaba wakhe lento ayizwe ngoGogo njengoba eyovula isango. Uphakela ubaba wakhe ukudla amlinde isikhashana ngaphambi kokumbuza lento emxakayo.

“Baba, uyazi ukuthi uGogo ungitsheleni namhlanje?”

Ubaba wakhe ugwinya ukudla, ashintshe lokhu okudlalayo kumabonakude. “Ukutshele ukuthini uGogo?” kubuza ubaba ka-Aphiwe ebuka izindaba.

U-Aphiwe ukhuluma sakuhleba, “Ungitshele ukuthi uMa uyizinhlanga ezihlukene. U-Mixed race!?”

“Mhlawumbe ukugula nokuguga lokhu okuzikhulumelayo kuGogo. U-Mixed race kanjani umama wakho?”

Kuyamhlekisa kunokuthi kumumangaze lokhu akuzwayo ubaba kaAphiwe.

“Akazange acacise uGogo kodwa ngiyakholwa ukuthi ubekhuluma iqiniso.”

“Kwenziwa yini usho kanjalo?” ubuza njengoba ehlisa i-volume kumabonakude.

“Ngimbonile emehlweni ukuthi ubekhuluma iqiniso elimsulwa,” kusho u-Aphiwe.

Ubaba wakhe uyacabangisisa isikhashana. “Lezi zinto bezenzeka ezizukulwaneni ezidlule,” kusho ubaba ka-Aphiwe. “Nasemndenini wami bayasho ukuthi kwakunokhokho kakhokho awayeyikhaladi.”

“Cha, Baba,” kusho u-Aphiwe enikina ikhanda. “Mina ngikhuluma ngokuseduze kakhulu. Ngisola ukuthi uGogo ubekhuluma ngobaba kaMama. Uyamazi ubaba kaMa?”

“Cha angimazi, naye uMama wakho akamazi ubaba wakhe. Kodwa njengoba bengisho ngisola ukuthi imithi kanye nokuguga okwenze uGogo akhulume lento akutshele yona. Kodwa ungambuza uMama wakho uma esebuyile emsebenzini. Kodwa ngicela ube nesineke uma umbuza ngoba indaba ebucayi lena, Aphi.”

“Ngizoba nesineke, Baba,” kusho u-Aphiwe.

U-Aphiwe ubheka umlando waseCato Manor kwi-internet. Kuvela uxhaxha lwemibiko ekhuluma nge-Cato Manor. Le mibiko ikhuluma ngokususwa ngendluzula kwabantu ngesikhathi uhulumeni wobandlululo ufaka i-Group Areas Act. Nezithombe ezihambisana nale mibiko zikhombisa abantu bekhala behlukumezekile ngoba bexoshwa kule ndawo. No-Aphiwe uzithola esekhala, izinyembezi ziqathakele kwi-tablet yakhe.

U-Aphiwe ufisa ukubona ukuthi yayinjani impilo e-Cato Manor ngaphambi kokuba abantu bakhona basuswe ngendluzula eyalethwa i-Group Areas Act. Ufuna ukwazi ngalo mkhulu wakhe uGogo angakaze akhulume ngaye. Ugxilile ubuka i-tablet yakhe ngesikhathi uMama wakhe ebuya ekhathele emuva kokusebenza usuku lonke eKingsway Hospital.

“Ngikhathele ngiyafa, kufutha izinyawo,” kusho umama ka-Aphiwe njengoba indodakazi yakhe imphakela ukudla.

U-Aphiwe ulinda umama wakhe aqale ukudla ngaphambi kokuba ambuze lo mbuzo anawo.

“Ma.”

“Yebo, Aphi.”

“UGogo ungitshele ukuthi uxubile izinhlanga. Ngabe u-mixed race ngempela?”

Kwayena u-Aphiwe uyamangala ngendlela abuza ngayo lo mbuzo. UMama wakhe usukuma ngokushesha aqonde egumbini likaGogo.

“Ma! Ma! Ma!” kumemeza umama ka-Aphiwe evusa uGogo.

Lokhu kumemeza kuvusa ubaba ka-Aphiwe.

“Ngicela umyeke okwamanje, Love,” kusho ubaba ka-Aphiwe. “Uyabona nawe ukuthi amaphilisi amuvithizile, ngeke avuke. Ngicela umbuze ekuseni.”

U-Aphiwe nomama wakhe bazibuka esibukweni esise-lounge. Bahambisa iminwe yabo ezinweleni zabo ezinde eziqondile ezicwebezelayo.

“Ngeke kube ukuthi ngixube umuntu omnyama nomlungu ngoba ngabe ngimpofu ngebala,” kusho umama ka-Aphiwe. “Mhlawumbe ubaba uyikhaladi noma uyiNdiya. Kodwa ke ngizogcina ngazile ekugcineni.”

Umama ka-Aphiwe uvuka ekuseni aqonde egumbini likaGogo.

“Ma, izolo utshele u-Aphiwe ukuthi mina ngixubile ubuhlanga.”

“Angikhumbuli ngisho leyonto ku-Aphi mina. Futhi kade ngakutshela ukuthi okwasemandulo akusale emandulo.”

“Kodwa Ma abukho ubulungiswa lapho! Kumele ngimazi ubaba wami,” kusho uMama ka-Aphiwe.

UGogo uyaguquka manje: ikhanda libheka phezulu, uqinisa ubuso, abheke le. Umama ka-Aphiwe uyazi ukuthi uma uGogo esenza kanjena kusho ukuthi akasafuni ukukhuluma, futhi noma angathini uMama ka-Aphiwe uGogo yena ngeke awuguqule umqondo. Kwanaye uMama ka-Aphiwe akanaso isineke, unenhliziyo encane, futhi ujahe nasemsebenzini.

“Kodwa abukho ubulungisa kulento oyenzayo, Ma!” usho ephuma eganklaza isicabha.

“Aphi, vuka uzongivalela isicabha segaraji,” kusho umama ka-Aphiwe engqongqoza esicabheni segumbi lika-Aphiwe.

U-Aphiwe uzwa ngezwi likamama wakhe abone nokucasuka ebusweni kumcacele ukuthi kade bexabana noGogo.

“Uyamazi uGogo wakho unjani uma esevukwe inkani yakhe, uvele angezwa lutho uma ngikhuluma naye,” kusho umama ka-Aphiwe. “Namhlanje usuku lwakhe lokuhola impesheni. Ngicela umuhambise ayokwenza izidingo zakhe. Ngibona sengathi uMa uyafuna ukuyixoxa le ndaba kodwa ufuna ukuyixoxela wena kuphela, Aphi.”

U-Aphiwe ulungisela uGogo ukudla kwasekuseni. Ulethela uGogo amaphilisi ngesikhathi eseqeda ukudla.

“Ngizowathatha uma sesibuyile amaphilisi ngoba ayangizelisa. Ngeke ngihambe ngizela indlela yonke mina,” kusho uGogo.

“Phela kumele uwathathe ngesikhathi esifanele amaphilisi, Gogo. Ngiyakuzwa lokhu okhala ngakho nami angithandi ukuhamba nomuntu ozelayo. Kungcono uwaphuze uma sesisendleleni ebuyayo,” kusho u-Aphiwe.

UGogo unqekuzisa ikhanda evumelana no-Aphiwe. Uswenke uyaconsa uGogo, ugqoke ingubo enhle. U-Aphiwe yena uzigqokele isikibha ne-jean. UGogo ujeqeza u-Aphiwe, akagculisekile neze ngale ndlela agqoke ngayo umzukulu wakhe.

“Awunayo ingubo enhle, Aphi?”

“Nginazo, Gogo. Kodwa izingubo ngizigqoka ngama-special occasions kuphela.”

“Hawu kodwa mantombazane esimanjemanje!” kusho uGogo enikina ikhanda. “Ngezikhathi zethu ukuphuma nje endlini kwakuyi special occasion. Kumele ugqoke kahle.”

U-Aphiwe uyakuziba lokhu okushiwo uGogo. Uyaziqhubekela nokufaka i-lipstick ezindebeni njengoba emile phambi kwesibuko.

“Senginjani manje, Gogo?” kubuza u-Aphiwe emuva kokugcoba i-lipstick.

“Nazoke,” kusho uGogo emamatheka. “Wamuhle ke manje, ubukeka uyi-lady.”

“Ngicela ukukugcoba nawe, Gogo.”

UGogo uyamdedela u-Aphiwe amugcobe i-lipstick. Bayama isikhashana bezibuka esibukweni. Omunye usegugile, omunye usemusha, kodwa bayafana.

UGogo uyahleka ebona lolu fuzo, “Nazoke sesibahle manje. Sesingahamba.”

U-Aphiwe uyamsiza amtotobise bangene emotweni.

“Ufuna siqale kuphi?” kubuza u-Aphiwe, ehlehlisa imoto. “Ufuna siqale senzeni uma sifika e-shopping mall?”

“Asiyi e-shopping mall namhlanje. Ngihambise ehholo eliseduze kwakwami.”

“Hhayi ngeke, Gogo! Sekufanele ngishayele siye elokishini? Gogo angithi sakwenzela ikhadi lokuhola impesheni ukuze ungawami ama-queue asemahholo aselokishini.”

UGogo uqinisa ubuso, abheke phezulu. “Ngidinga ukubona abangani bami nami. Ngeke ngihlale ngicashile ngivalelekile la ema-suburb. Ayikho impilo ekuvalelekeni kule ndawo yenu.”

“OK, Gogo. Kodwa ngeke sihlale isikhathi eside. Phela nami kunezinto eziningi okumele ngizenze namhlanje.”

“Izinto ezifana nani?” kubuza uGogo.

“Kufanele ngisebenze endlini. Ngipheke and clean.”

“Usho ukuthini uma uthi and clean? Ukhuluma ngalo muzi wabazali bakho omncane?” uGogo unikina ikhanda. “Thina sisebancane sasinesithabathaba somuzi, singenazo izisebenzi, sizibambela nomama umsebenzi wasendlini.”

U-Aphiwe ufaka imoto egiyeni. Ukhetha ukuwuqopha lo mlando olahlekile womndeni wakubo. Uciphiza u-record kwi-tablet.

“Hawu, Gogo, zikhona izithombe zokhokho bami? Singadlula emzini wakho sizilande lezo zithombe. Ngiyafisa ukubona ukuthi wawunjani usemncane.”

“Wena ucabanga ukuthi ngesikhathi ogandaganda befika bezobhidliza imizi yethu sasikhona isikhathi sokulanda ama-photo album? Anginaso nesisodwa isithombe lesi, konke engikukhumbulayo kula kule ngqondo esizigugele.”

U-Aphiwe ujeqeza uGogo. Ucabanga ubuhlungu angabuzwa uma kuthiwa umndeni wakubo ukhishwa ngendluzula emzini wabo. Inhliziyo ka-Aphiwe iphuka izihlandla ecabanga isihluku esazwiwa uGogo neminye imindeni e-Cato Manor.

***

Sitshele: Umuntu uzwa imizwa enjani ume ekhishwa ngendluzula emzini wakhe, awubone ubhidlizwa?