Kwadlula inyanga eyodwa, yagamanxa eyesibili, kwacaca ukuthi sesiyathandana noGorata. Wabe eseyintombi yami, noma ngangingakhululeki ukuyimemezela emphakathini leyo ndaba. Angazi ukuthi yini eyadala ukuba ngingakhululeki ngoba ngangimthanda, futhi ngimthanda kakhulu. Yini pho eyadala ukuba ngingakhululeki?

“Inkinga yakho, Mmila,” kwasho u-Ofentse, “ukuthi uvumela abanye abantu bakutshele ukuthi uyiphile kanjani impilo yakho. Uyazi nawe ukuthi uyamthanda uGorata, asikho isidingo sokungakhululeki.”

Kodwa u-Ofentse okhulumayo, u-Ofentse umngani wami ongazi lutho ngabantu besifazane. Yena izinto zamhambela kalula kwezothando. Unkosikazi wakhe, uKgalalelo, ungumuntu ozithobile. Uqotho, futhi kusobala ukuthi akayidlali le midlalo edlalwa abanye abantu besifazane. Wazi u-Ofentse kuphela no-Ofentse wazi uKgalalelo kuphela. Indaba yabo iqonde kanjalo. Kodwa emhlabeni kunzima, akuyena wonke umuntu othola uthando olufana noluka-Ofentse noKgalalelo. Lokhu ngikwazi ngoba ngatshelwa uColin, futhi emhlabeni wonke akekho umuntu owazi abantu besifazane njengoColin. Unesipiliyoni seminyaka. Angithi uma ufuna ukulungiselwa imoto uyihambisa kumuntu osewakhanda izimoto eziningi, ekhanda izinhlobo ezihlukene? Awuyihambisi kumuntu osakhande imoto eyodwa kuphela.

“Kumele ushiye ama-options akho evulekile. Uqalaze uma uhamba naye, ubabuke abanye abantu besifazane. UGorata angaze acabange ukuthi u-special. Uma sebecabanga ukuthi ba-special, ususenkingeni. Kholwa mina, Mmila, awufuni umuntu othandana naye acabange ukuthi umdinga kakhulu. Uma esecabanga kanjalo uzokudonsa ngekhanda. Awusendoda yalutho-ke uma usudonswa ngekhanda. Kuphelile ngawe,” kwasho uColin. UNoko wanqekuzisa ikhanda evumelana naye.

Ngazithola sengidideka. UGorata ngangimthanda kodwa kufanele ngiqinisekise ukuthi angimenzi acabange ukuthi ngiyamdinga, noma ngimdinga. Ngingamenzi acabange ukuthi u-special, noma ngizwa ngaphakathi enhliziyweni ukuthi u-special. Uyayibona inkinga yami? Uyabona ukuthi yini eyenza ikhanda lami liphithane ngigcine sengibhacazile?