Usuku lomncintiswano selufikile, akusekho ukuphindela emuva. Udadewethu, u-Asanda, akekho ekhaya ukuzongilungisa izinzipho ne-make-up njengoba abengethembisile. Ulale endodeni yakhe futhi.

U-Agnes ongilungisa izinwele. Uthunga izinwele ezinde azixhume kwezami zemvelo. Lezi zinwele ngizozigqoka usuku olulodwa kuphela. Siyavumelana ukuthi sizozihluthula, sizilahle emuva komncintiswano. Angiyithandi le ndlela yokuziphophotha.

Hey girls, ngiyaxolisa ngokungasigcini isikhathi.” U-Asanda ungena emnyango ehefuzela, alaxaze isikhwama esihlalweni, aqale angilungise izinzipho. Ungiphophotha ebusweni engifaka i-make-up, kuqatheke icici elisendlebeni. Uyacasuka kuqale phansi ukuhefuzela.

“Nana, ubakhohliselani abantu?”

“Sisi, imina engikhohliswayo lapha. Angifuni ukungenela lo mncintiswano. Angifuni ukuba uzime mina. Angiyifuni nale ndlela esengiphophothwe ngayo okuthiwa inhle. Mina ngizithanda ngiyimina nje, ngingenziwanga izinzipho ngafaka namacici.”

“Ngihlale ngisola ukuthi uyahlanya wena. Namhlanje usuzivezile ukuthi ngempela uyahlanya,” kusho u-Asanda.

E-stage, uYandiswa uhamba phambi kwami. Umzimba usewuqinise ngathi uyi-robot. Abantu bamshayela izandla noma kubonakala ukuthi ukumamatheka okusebusweni bakhe okokuzenzisa. Sekuyithuba lami, luyangibulala uvalo. Kodwa ngizoyeka nini ukuzenza abanye abantu ngiphile ngale ndlela ethandwa yimina? Namhlanje ngizenza omunye umuntu phambi kwesikole sonke.

Ngiyaziqinisa, ngizame ukwenza kahle. Ngiyashesha uma sekuyithuba lami. U-Agnes uhleli phambili ezihlweleni, uyangibuka. Ngiyakhululeka uma sengibona yena. Ngisajatshuliswa ukubona u-Agnes kuphithana imilenze, kudideke ukunyathela kwami kula ma-high heels engiwagqokile, ngishibilike ngiwele ezihlweleni. Ngizigcina ngisemoyeni, ngizibone sengisezingalweni zika -gnes. Ihholo ligcwele abafundi, sengathi ngihlekwa yilo ihholo uqobo lwalo ngoba uhleko ngiluzwa luqhamuka ndawo zonke. Ngibambelela ku-Agnes ngingamdedeli. Uyena kuphela engizizwa ngiphephile eduze kwakhe.

Uthishanhloko ungihambisa ekhaya ngemoto yakhe emuva kokuxilongwa ingalo kutholakale ukuthi angiphukanga. U-Agnes ungilandela amaphilisi ezinhlungu emjondolo wakhe, aqhubeke nokuhlala nami isikhathi eside.

“Ngicela ungisuse lezi zinto ezisezindlebeni zami,” ngikhomba amacici.

“Kumele sifunde ukwenza izinto ezijabulisa thina, Nana, sikhohlwe ukwenza izinto esingazithandi ngoba senzela abanye abantu,” kusho u-Agnes. Usondela ebusweni bami angiqabule ezindebeni. Izindebe zakhe zithambile. Ungiqabula ngesineke, okwakhe akunayo indluzula njegale ndlela engibone u-Asanda ne-boyfriend yakhe beqabulana ngayo. Nami ngiyamqabula.

U-Agnes uvala isicabha agoduke. Angifuni ahambe. Nginemizwa eminingi engididayo.

Ebusuku ngihlala isikhathi eside embhedeni ngicabanga izinganekwane ugogo ayejweyele ukungixoxela zona. Ngikhumbula inganekwane kamama owasebenza kuyisonto wajeziswa ngokuntshontshwa inyanga. Ngibuka isibhakabhaka ngibone izinkanyezi nenyanga, nangu nalo mama osenyangeni ukha amanzi emfuleni ngebhakede.

Ngicabanga ngo-Agnes. Ngabe ngenza iphutha ngokuzizwa ngale ndlela ngaye? Le mizwa enginayo ngomunye umuntu wesifazane ngazalwa nayo? Ngabe ile mizwa engenza ngehluke kwamanye amantombazane?