Singena eCape Town ekuseni ngovivi. Nginika umshayeli webhasi iphepha elinekheli lalapho engiya khona. Ngehla ebhasini ngididekile. Angazi ukuthi kumele ngizizwe kanjani ngokufika kule ndawo. Yonke into engiyaziyo isikude kunalapho ngikhona.

Ngima phambi kwale ndawo ebhalwe ephepheni elinekheli, ngifise ukuba ngabe ngedukile. Lo mjondolo engimi phambi kwawo utshekile. Ibhasi lidlule imizi eminingi emihle, kodwa mina ngizohlala kulo mjondolo? Ngabe yena ubaba njengoba sengizohlala naye nje usabuphuza utshwala? Ngabe impilo yami isizoguquka kanjani njengoba sengizohlala nobaba nje.

Umama wangishiya kugogo ethembisa ukuthi uzongilanda emasontweni amathathu. Lokho kwenzeka eminyakeni emine eyedlule. Nginemibuzo eminingi engifuna ukubababuza yona abazali bami. Umuntu okuzongijabulisa ukumbona udadewethu kuphela.

Umuntu wokuqala engikhuluma naye eMasi akalona ilunga lomndeni wami.

“Sawubona, ntokazi enhle. Igama lami nginguChinouyazue,” ngibingelelwa yinsizwa esegcekeni kwamakhelwane.

“Mina nginguNana. Ngiyajabula ukukwazi.”

Le nsizwa iyasondela sixhawulane ngaphezu kothango. Igqoke izicathulo ezimhlophe, kwesinye isandla iphethe i-spirit level yokwakha. Kuyangimangaza ukuhlonipha kwale nsizwa. Ikhuluma nami sengathi singabangani.

Bye shimwara. Ngizokubona ntambama uma nginenhlanhla,” kusho lo mlisa ehamba eya emsebenzini.

Ngiphendula ngithi, “Bye bye, Chinouyazue.”

“Please, ngibize ngoChino. Ngicabanga ukuthi kuzoba ngcono uma ungibiza kanjalo.”

Umama uvula isicabha ngaso lesi sikhathi. Uselungele ukuya emsebenzini.

“Aah, intombazana kamama.” Kuyamjabulisa ukungibona. “Sizokhuluma sengibuya emsebenzini, ntombi.” Umama ungitshela ukuthi uya eFish Hoek, kodwa uzobuya ntambama.

Ubaba ungiqabula esihlathini, anginike u-R10, naye aphuthume emsebenzini. Angilitholi ithuba lokumbukisisa kahle ngendlela aphuthuma ngayo.

“Ukuphi u-Asanda?” ngibuza kumama.

“Ubesebenza ebusuku, usengaqhamuka noma nini manje,” usho ethatha isikhwama sakhe, ehamba.

Ngisele ngedwa kulo mjondolo. Ngizitshela ukuthi kumele ngiwubuke njengomuzi.

Kuphela amahora amabili abazali bami behambile kodwa udadewethu lutho ukubuya. Ngizwa kunomsindo ngaphandle. Ngiyaphuma ngiyobuka, ngibone amaveni amaphoyisa amahlanu emile emgwaqweni. Ngibona umakhelwane wethu, uChino, evalelwe kwelinye lamaveni. Ngiyasondela ngibukisise. UChino ngempela lo ovele ewindini leveni eliyi-wire mesh. Iphoyisa limdlokodla nge-baton ebusweni limqhelisa ewindini. Liphendukela kimina leli phoyisa, lingibingelele.

Hello missy. Uyayazi le nsizwa?”

Ngiyangabaza ukuphendula.