UNonku noWandile bahlala bobabili ngokuthula emzini kaMaMhlongo. UNonku uqhubeka nezifundo zakhe zeB Com, uyena futhi othenga nokudla endlini. UWandile yena akayingeni indaba yokuqhubeka nesikole futhi usaqhubeka nokuphila impilo yokudlebeleka nokubhiyoza. Usethanda nendoda eshadile manje, uNhlanhla. UNhlanhla lona uyisigebengu esidayisa izidakamizwa. Indaba kaMax noMzi ayisakhulunywa manje ngoba sebaboshwa.

Engqondweni kaWandile esanganiswe izidakamizwa ucabanga ukuthi uNhlanhla uzoshiya umfazi wakhe athandane naye kuphela. Ucabanga ukuthi uma angase awuthole umuzi kanina kube ngowakhe kuphela uNhlanhla uzoshiya umndeni wakhe azohlala naye kube mnandi. Ubona iyodwa vo inkinga evimbe ukuthi konke lokhu akufisayo kwenzeke. UNonku. UWandile uxoxela uNhlanhla ngendaba yomuzi. Umxoxela ngokuthi akazi ukuthi uzokwenzani ngoNonku. Uyabuza ukuthi bangenza kanjani ukuthi uNonku ahambe endlini unomphela khona bezohlala kahle bobabili benoNhlanhla. Futhi yena usekhathele ukushumayezwa uNonku nsukuzonke.

Kuthi lapho uWandile esaphumile endlini, esezitolo, kuqhamuke imoto eyiToyota Conquest enamawindi adimile ime esangweni. Kuphuma uNhlanhla nezigebengu zakhe adayisa nazo izidakamizwa kulemoto. Bangena esangweni baqonde endlini, bangqongqoze esicabheni.

Bakhahlela isicabha uma bebona ukuthi akuvuli muntu.

Ngendlela okumethusa ngayo ukukhahlwelwa kwesicabha uNonku, uvele adedele inkomishi yetiye ayiphethe esandleni. Iphahlazeka phansi inkomishi, ame nse ngesikhathi ebona amadoda amabili engena endlini emukhomba ngezibhamu.

Kusho inganono izihlandla eziyisithupha. Izinhlamvu ezimbili zimunemba ebusweni uNonku. Ezine zimuhlakaza esifubeni. Ubhaklazeka phansi ashone ngaso leso sikhathi. UNhlanhla nomngani wakhe bakhala amaphepha. Omakhelwane bagcwala egcekeni kungakapheli imizuzu eminingi.

Bafica uNonku edindilizile ekhishini. Igazi lakhe limanaphanapha yonke indawo. Enye yezinhlamvu ingene esifubeni yadlula yangena ebhayibhelini abekade elifunda eliphezu kwetafula, yalihlakaza laba izingcucu ezingaphezulu kwenkulungwane.

“Uyazi uma usuku lwakho lokufa selufikile lusuke selufikile,” kukhala uMaKheswa, ongumakhelwane aphinde abe ngunobhala wasesontweni. “Akukapheli ngisho imizuzu engamashumi amathathu ngikhulumile noNonku. Kade ngimucela ukuthi ahambe nathi ukuze siyothandazela ingane egulayo. Ukhale ngokuthi angeke akwazi ukuhamba nathi ngoba ubephethwe isisu. Kodwa nkosi yami ubani ongafuna ukubulala ingelosi enjena yengane?”

UWandile ubuya ekhaya abone kugcwele amaveni amaphoyisa egcekeni ebhanyaza amalambu. Ubona imoto kaNhlanhla ipakile ekhoneni buqamama, inhliziyo yakhe ivele icwile emafutheni. Uyawakhumbula amazwi awasho kuNhlanhla ‘Ukube nje akekho uNonku…’ kodwa wayengasho lokhu.

Omakhelwane bagcwele umgwaqo. UWandile uzulelwa ikhanda.

“Ubukuphi ngesikhathi kwenzeka konke lokhu?” kubuza uMseshi uZuma emuva kokuba uWandile esewehlisile umoya.

“Bengi . . . Bengisaye ezitolo,” kusho uWandile.

“Ubuyothengani ezitolo? Ukhona umuntu okubonile?”

“Bengiyothenga i-airtime. Umuntu odayisayo esitolo ungibonile. Uyangazi futhi. Kwenzekeni la? Ukuphi uNonku… ”

Inhliziyo ishaya kanye kakhulu. Liyamshiya igazi. Kuthi uma sekuphuma isidumbu sikaNonku kumcacele ukuthi konke lokhu okwenzekile kungenxa yakhe. Konke kuyiphutha lakhe.

Amaphoyisa ayaphenya athole ukuthi ngempela uWandile ubesezitolo. Nomuntu odayasiyayo uyakuqinisekisa ukuthi umbonile uWandile ethenga i-airtime ngesikhathi sesigameko. Akekho umuntu oqhamuka nolwazi mayelana nokubulawa kukaNonku. Kodwa uMaMthethwa, umakhelwane kaWandile, ukubone konke okwenzekile. Ubengenisa izingubo uMaMthethwa ngesikhathi ebona amadoda amabili ekhahlela isicabha. Uzwile kukhala isibhamu wawabona futhi lamadoda ephuma ebaleka endlini engena emotweni emhlophe eyishaya izule. Futhi wake wayibona enye yalamadoda. Uyazi ukuthi ithandana noWandile. UMaMthethwa ulinda ihora ngaphambi kokuba axhumane namaphoyisa. Uyasaba ukuziveza ukuthi nguye obone konke okwenzekile. Uzothini uma lamadoda ezwa ukuthi uyena owampimpile abuye azobulala kwayena? Phela ayizinswelaboya lamadoda. Kodwa futhi angeke ahlale angenzi lutho. Unembeza wakhe unqoba ukwesaba kwakhe.

“Hello, mntanami. Ngingumakhelwane walapho okubulawe khona intombazane namhlanje,” kusho uMaMthethwa.

“Yebo, Mama. Ngingakusiza ngani?” kusho uMseshi uZuma.

“Kukhona engikubonile kwenzeka kuloya muzi ngaphambi kokuba ngizwe kukhala isibhamu.”

“Kulungile, Mama,” UMseshi uZuma uthatha ipeni nephepha ngokushesha. “Ngichazele ukuthi uboneni.”

“Bengingenisa izingubo ngabona amadoda amabili ekhahlela isicabha. Ngibe sengizwa kukhala isibhamu. Emuva kwalokho kuphume wona lamadoda amabili egijima. Abephethe izibhamu ezandleni. Ngiyamazi omunye wabo, uthandana noWandile. Igama lakhe uNhlanhla, ubehamba ngemoto engenaso isinqe emhlophe. Ibingenayo i-number plate lemoto,” kusho uMaMthethwa.

“Ngibonga kakhulu ngosizo lwakho, Ma. Bengicela ufike la esiteshini ukuze ngibhale isitatimende sakho,” kusho uMseshi uZuma.

“Ngicela ukungadalulwa, mntanami. Ngibasaba kabi lababulali. Kuzokwenzekani uma bezwa ukuthi imina lo okhuluma namaphoyisa?” UMaMthethwa usho lokhu maqede aluvale ucingo.

Amaphoyisa axhumana noWandile futhi. Kulokhu uWandile ukhipha ingonyuluka, ayixoxe njengoba injalo indaba.

***

Sitshele umbono wakho: Ngabe kufanele simusole uWandile ngokufa kukaNonku?