UWandile ufonela umshayeli we-Bolt. Ulinda isikhashana, iqhamuke imoto yohlobo lwe-Toyota Etios, asho phakathi. Uyamangala uWandile ngendlela lomshayeli athule ngayo. Ngisho embingelela umshayeli akaphenduli. Phela uWandile ujwayele abashayeli abagedezayo, okuxoxwa nabo kuze kuqonywane cishe kwenziwe nokungaphezulu kwalokho. Yeyi! Lengane bakithi.
Nansiya imoto iphuma ifulathela indawo yaseMlazi ibheke eThekwini. Nebala iyangena kuthelawayeka womgwaqo. Umshayeli uvula umsakazo kanti ngaleso sikhathi kudlala ezenkolo. Umfundisi oshumayelayo ukhipha amangwevu. Uzizwa ecikeka manje uWandile uma ezwa ezenkolo. Uyashumayela nangu umfundisi. Ushumayela ngentsha nokuthi kulula kanjani ukuthi ingene ezindleleni zobubi. Ushumayela kube sengathi ugudla yena uWandile.
“Ngicela udlale okunye bandla,” kusho uWandile ngokucikeka.
“Ingabe kukhona lapho esengikunyathele khona yini dadewethu ngokudlala lentshumayelo?” Kubuza umshayeli.
“Cha kodwa okwamanje ngifisa ukulalela enye into,” kuphendula uWandile.
“Ngesinye isikhathi kuhle ukuthi silidedele izwi le-”
“Ngicela ushintshe lento edlalayo njengamanje!” Kusho uWandile. “Ngikhokhile la! Ngicela wenze lokhu engikucelayo ngoba uzoba nenkinga uma ungakwenzi. Ngizobhala i-review embi kunawo wonke owake wawathola empilweni yakho!”
Umshayeli ubuka uWandile esibukweni abone ukuthi alufakwa kulentokazi lubuya nodaka. Uyawushintsha umsakazo kudume isigubhu somculo we-house.
“Thank God!” kusho uWandile enqekuzisa ikhanda ejuxuzela ingoma ekhalayo manje.
Imoto ifika kuFlorida Road emuva kwemizuzu embalwa. UWandile uphuma ngokushesha angene eCubana Nightclub. Uyaqalaqalaza ngaphakathi eCubana Nightclub kodwa akababoni oMax noMzi. Uyabikelwa nje ukuthi uzobatshela kanjani ukuthi akayintholanga intombazane entsha abathembise yona. Uyabikelwa nokuthi angeke azithole izidakamizwa aziqalekele.
Ugcina ebabonile oMax noMzi nemikhaba yabo elengayo. Bahleli etafuleni elisekhoneni. UWandile uqonda khona. Kuleli tafula uMax noMzi bahlezi namantombazane amabili.
“Wafika wedwa uphi omunye?” Kumemeza uMax ngaphezu kwengoma edlalela phezulu.
“Akakwazanga ukuza kodwa ngokuzayo ngiyathembisa ngizofika naye,” kusho uWandile edonsa isitulo ehlala phansi.
“Sikunikeze umsebenzi omncane kabi kodwa wena wehluleka,” kusho uMzi emuva kokudonsa ugwayi isikhathi eside.
“Ngizofika naye ngokuzayo, Mzi, ngiyathembisa!”
“Usukhohliwe ukuthi mina angimfuni kanjani umuntu oyisehluleki?” kubuza uMax.
UWandile usekusule ngokushesha ukumamatheka obukade sebukhona ebusweni bakhe.
“Wathula nje? Phendula!” Kusho uMax.
“Yebo,” kuphendula uWandile ngokwesaba.
“Suka la etafuleni lethu! Ngizokuvumela ukuthi uphinde uhlale nathi uma usufike naye u-fresh! Sikhathele amanga akho manje, Wandile. Njalo uyathembisa kodwa ungafiki namuntu!” Kusho uMzi.
UWandile uphuma nje eCubana Nightclub ufile ukuqalekela izidakamizwa. Kuyabanda ngaphandle. Uyaqalaza, ebheka omunye umuntu amaziyo, kodwa akaboni muntu. Imali engu R20 esesikhwameni sakhe ingathenga isiphuzo esisodwa kuphela. Ubuyela ngaphakathi eCubana Nightclub, abize iSavannah maqede aqonde etafuleni elingenabo abantu abahlezi kulo. Uma kuwukuthi uyahluleka ukuthola izidakamizwa uzozama ukuzenza ndikindiki ngaso lesi siphuzo asiphethe. Uyihabula kancane iSavannah ngoba akazi ukuthi angaqhamuka nini umuntu ozomuthengela enye. Kuthi kusenjalo ezwe ngesandla esimuqhweba ehlombe. Uyaphenduka abone insizwa esukile egadeni, egqoke kahle, imamatheka.
“Wahlala wedwa eCubana uyintokazi enhle kanjena, kwenzenjani?” kubuza le nsizwa.
“Kukhona engisabalindile,” kusho uWandile esenga ezimithiyo.
“Ngingakuthengela esinye isiphuzo ngikuhlalise usabalindile?” Lensizwa imamatheka kuvele uthotho lamazinyo amhlophe qwa.
“Ngiyabonga, unomusa bandla,” usho maqede emamatheke kancane uWandile.
“Kubonga mina ngokwamukela isicelo sami. Mina igama lami ngingu Sboniso.” Uhlala esihlalweni uSboniso, babukane ezinhlamvini zamehlo noWandile.
“Mina ngingu …” uWandile ucabanga igama angazibiza ngalo ngokushesha. “Ngingu Nolwazi,” usho ekhipha isandla exhawula uSboniso.
“Nolwazi, mmmh ngiyalithanda igama lakho.”
“Ngiyabonga.”
USboniso uthengela uWandile isiphuzo emuva kwesiphuzo. Bangcolisa itafula okwangempela. Noma yini ayibizayo uWandile uyithenga ngaphandle kokungabaza uSboniso. Kuthi uma uWandile ekhala ngendlala uSboniso uvele akhiphe i-gold card ayiklwebhe emshinini kubonakale sekufika i-platter yama- hot wings etafuleni. Akayikholwa lenhlanhla emvelele uWandile. Uyaqikelela ukuthi uhleka kuvele elomhlathi uma uSbonisa eshaya amahlaya. UWandile usedakwe amehlo asefifiyele, akasaboni nakahle.
UWandile noSboniso babambene ngezandla njengoba bephuma esicabheni saseCubana. Kuthi uma ezizwa ukuthi useqala ukudiyazela avele agaxe ingalo yakhe engalweni kaSboniso.
“Kungabe siya kuphi?” kubuza uWandile ebanjwe ubuthongo.
“Ungakhathazeki ngalokho,” kusho uSboniso ezama kaningi ukufaka ukhiye wemoto ukuze idume.
“Kungabe ufuna ukungintshontsha njalo,” kusho uWandile emamatheka.
“Uma ungibuka mina ngingantshontsha umuntu?” uSboniso udumisa imoto.
Uyinyathela kakhulu imoto icibe ibheke eLa Lucia.
***
Sitshele umbono wakho: Ngabe izidakamizwa notshwala zimenzeni uWandile?