Odokotela bashakelile uma bebona umonakalo owenziwe izidakamizwa emzimbeni nasengqondweni kaWandile. Uhlala izinsuku ezintathu esibhedlela ngaphambi kokuba adluliselwe e-drug rehab centre.

Izenzo zakhe zeminyaka emibili edlulile ziyamusinda emphefumulweni nasengqondweni. Ucabanga ngonina noNonku kaningi osukwini. Uphupha kaningi ngoyise.

“Wandile, mbali yami, yini lento osuwaphenduka yona? Ungubani ngempela? Angikukhulisanga ukuthi uziphathe kanjena!” Kusho uyise njalo maqede aphenduke anyamalale ephusheni.

Njalo uma ekade ephupha leli phupho uvuka umqamelo umanzi te izinyembezi. “Ngizoshintsha, Baba. Ngiyakuthembisa ngizoshintsha,” uzihlebela yena.

Ukuze alapheke uWandile uthatha isinqumo sokubhalela uNonku incwadi.

Mzala wami omuhle

Usuze wadlula ngempela emhlabeni ngenxa yamagama engawaphimisa nalokho engangikufisa. Ngiyazisola ngalento engayenza. Ngiyakukhumbula ngane yakwethu. Lapho ukhona ngicela ungixolele. Ngizochitha impilo yami yonke ngixolisa ngesenzo sami. Ngiyakuthembisa ngizokwenza okungcono. Ngizoba ngumuntu ongcono kunayizolo.

Ngiphelelwa amagama njalo uma ngicabanga ngawe. Ubunothando futhi unenhlonipho. Ubunakekela umama mina ngenkathi nginaka ezomhlaba. Ngiyethemba ukuthi lapho ukhona usezulwini. Phela wena ubuyingelosi yasemhlabeni. Nginamahloni ngokuthatha impilo yakho.

Ozithobayo
UWandile.

Emuva kwezinyanga ezintathu e-rehab uWandile uphuma aqonde ngqo emathuneni. Uqala ethuneni likanina. Ufika axolise, akhale azisole. Ukhuleka khona acele intethelelo kunina.

Uyaziqoqa asukume aqonde ethuneni likaNonku. Uzizwa exega amadolo uma ebona itshe elibhalwe igama likaNonku.

Ubeka izimbali ethuneni. “Yobe ngane yakwethu. Lala ngokuthula dadewethu. Lala uthule gazi lami. Indlela yakho ikhanye. Ngiyaxolisa kakhulu Nonkululeko. Ngicela ungixolele. Ngicela ungixolele bandla.”

*****

Nanguya uWandile eyongena emasangweni ase-University of Kwazulu-Natal.  Wabuyela phela esikoleni. Kwakunzima kodwa wagcina ephumelele. Ufunda nsuku zonke ukuba umuntu ongcono. Uzama nsukuzonke ukuzixolela. Uyazi ukuthi inde indlela kodwa uzimisele ukuyihamba.

“Igama lakho, miss?” kubuza unogada.

“Wandile Dlamini,” uphendula emamatheka.

Ungena abuke isibhakabhaka njengoba ehamba. Kuheleza umoya oshaya kamnandi. Izihlahla zilokhu zidansa kancane. Amaqabunga wona ayizibukeli ashaya ihlombe.

*****

Sitshele umbono wakho: Uthini umbono wakho mayelana nalendaba?