Umngani kaBongani omdala, uNkomane, udinga usizo. Uzophuma ejele emuva kokudonsa iminya eminingi eboshiwe. Inkinga anayo uNkomane ukuthi akawazi umdeni wakhe ukuthi ukuphi, akazi nokuthi uzowuthola kanjani. Umama kaBongani akafuni ukuba indodana yakhe isize uNkomane kodwa uBongani ungumuntu onenhliziyo enhle. Womabili lamadoda azithola esesimweni esibucayi, nokuziphindiselela kwegazi kundiza emoyeni. Mangabe kuyophela kanjani?
Elibali ungalifuna na nge-English: Dark Journey