“Ikuphi inkinga?” kubuza uKhotso, ebona ukumangala emehlweni kaModi.

UModi uyanqikaza. “Ukuthi nje … Kufanele ukuthi nawe uyazi ukuthi waziwa kanjani. Waziwa njenge-playa. Kodwa nakhu manje ukhuluma ngokuthi uzoba ngubaba onjani ezinganeni zakho. Akuhlangani kahle nokuba i-playa wonke umuntu athi uyilona.”

Uyahleka uKhotso. “Konke okushiwo abantu kuyiqiniso, futhi kuyela kulona iqiniso – kodwa okwesikhashana. Ngiyabathanda futhi ngiyabahlonipha abantu besifazane, futhi ngiyakujabulela ukuzidlalela enkundleni, angithi kujwayele ukuthi kushiwo kanjalo. Kodwa konke lokho kuzoma uma ngithola umuntu engizoshada naye. The One, uMs Right. Angikholelwa kwi-love at first sight, ngakho ngicabanga ukuthi kuzoba into engiyibona kancane kancane ukuba nomuntu engizophila impilo yami yonke naye. Ngisemncane okwamanje, kodwa vele ngifuna ukushada ngizakhele umndeni ngelinye ilanga.”

UModi ugwinya amathe. Lento into yokugcina ayilindele. Imizwa yakhe ixovene, udidekile.

Kodwa futhi lokho akunalutho, kulungile? Uma nje uKhotso engacabangi ukuthi uyena uModi oyilowo muntu azoshada naye. Ngabe kufanele amenze aqaphelisise? Cha, yini ezomenza acabange ukuthi yena ungcono kunabanye abantu besifazane azibona bemuheha? Akaziboni ebalulekile ngaleyo ndlela.

“Yoh! Usukhulume ngaleligama eliqala ngo M. Mshado,” uModi uyazincokolela, ebona ukuthi kungcono ashiye izinto zilula. “Ezikhathini eziningi amadoda agijima asithele ngomzuzwana uma imicabango yabantu besifazane ijikela ngasodabeni lomshado.”

“Hey, sengagijima kwanela. Ngibazile abantu besifazane abahle, abahlakaniphile, kodwa abanye babo bajaha kakhulu ukubheka izindawo esizoshada kuzona siqala nje ukuthandana,” kusho uKhotso.

“Kungcono ngoba, ngeke ukuthole lokho kumina, ngiyakuthembisa.” UModi uhlala phansi njengoba kuqhamuka i-platter enkulu ewuhlobo lokudla kwase-Mexico.

UKhotso ulinda u-waiter asuke etafuleni labo, ebuka uModi ngamehlo agcwele uthando.

“Uzothini uma mina ngifuna lokho kuwena?” kubuza uKhotso ngezwi elithambile.

“Ngicela kungabi yilokho okufunayo,” kusho uModi.

Mhlawumbe ukumxwayisa ikhona impela okufunakelayo? Kufanele athini? UKhotso uyamamatheka, sidlule ngokushesha leso sikhashana.

“Ungakhathazeka kakhulu, girl,” kusho uKhotso. “Asikazani ngaleyo ndlela.”

Emuva kwalokho ubusuku bugcwala ukujabula nokuteketisana. Bafunzana ukudla okukwi-platter, bancokole bangaqedi, bahleke izihlandla eziningi.

UModi uyavuma ukuthi uyaheheka kuKhotso. Kubukeka kuyinto efanayo kubona bobabili ngoba indlela uKhotso ambuka ngayo, indlela egcwele ukumhalela nemfudumalo.

Okufanele akwenze kuphela ukuthi azinakekele ngokomphefumulo – anakelele nenhliziyo yakhe – lokhu kuzoba uhambo olumnandi, olumangazayo empilweni yakhe.

UModi uyamtshela uKhotso ukuthi uhlala nomfowabo nomndeni wakhe njengoba besemotweni emgodukisa. Kukhombisa ukuzithanda, kucabanga uModi, ukuthi uKhotso angafuni ukuba bahambe baye endaweni yakhe uma beqeda ukudla. Kuningi abazogcina bekwenzile, kodwa angeke bakwenze konke namhlanje.

Yebo ngempela, kuningi okuzokwenzeka, unesiqiniseko salokho, evumela ukuba uKhotso amqabule ngaphandle komuzi kamfowabo KaModi. Umlomo kaKhotso ufudumele uyazi ukuthi wenzani, unesineke, umqabula kamnandi. Umqabula ngokujula, ngokushesha. UModi uncibilika emlilweni wokulangazelela, uzwa umzimba sengathi ungamanzi, futhi uyakuthanda lokho.

***

Sitshele umbono wakho: Kungenzeka uModi azwane noKhotso ngaphandle kokuba sothandweni naye?