“Umndeni wakini wakusiza kakhulu?” UKhotso ujeqeza uModi. “Bakufundisa esikoleni esibizayo, noma into enjalo?”

“Cha, ukuthi … ngagula.” UModi uzizwa ekhulumela phansi, ukujabula akade enabo kunyamalala. “Futhi ukugula kuyabiza, kuyayiqeda imali.”

Noma esephila engumqemane kodwa ukugula kwakhe kusayiqeda imali, futhi kusazoyiqeda imali impilo yakhe yonke. Unyaka agula ngawo akawukhohlwa namanje, wahlukumezeka kakhulu. Uyakuzonda ukucabanga ngawo.

Kungenzeka ukuthi uKhotso uyakubona lokho, ngoba emuva kokuzwelana noModi, uguqula ingxoxo.

Bayafana ngezinto eziningi, kuyamcacela uModi. Naye uKhotso wazimela kudala, esebenza amahora amade kweminye imisebenzi ngaphambi kokuba ahlangane nabanye osomabhizinisi ababili asebenza nabo manje.

UKhotso ungumuntu onemfudumalo, ukuzithemba, onamahlaya. UModi uyathanda ukumlalela njengoba bexoxa. UModi uzwa sengathi ulahlekile uma beyeka ukuxoxa, esihlalweni e-theatre, uma sekuqala umdlalo weshashalazi. Kodwa ngokuphazima kweso, uModi uzithola elahlekile kamnandi kwindumezulu yemibala, ukudansa nomsindo womdlalo weshashalazi odla ubhedu umhlaba wonke jikelele.

“Sizoya kuphi manje?” Kusho uKhotso sebephuma e-theatre. “Angiyifuni i-club. Ngifuna indawo lapho sizokwazi ukuzwana uma sikhuluma.”

Indawo abayikhethayo inamatafula ngaphakathi nangaphandle, futhi idumile ngokwenza iziphuzo ezingajwayelekile.

“Kulungile sidle i-platter sobabili?” kubuza uKhotso. “Uyakudla ukudla kwaseMexico?”

“Ngidla konke ukudla mina,” UModi uvuma ngogqozi. Uyabonga ukuthi isimo sempilo siyavuma ukuba akwazi ukudla noma yini ayithandayo.

“Ngiyakuthanda lokhu engikuzwayo,” amehlo kaKhotso ayakhazimula ebuka uModi.

Njengoba bephuza iziphuzo, uModi uyamangala futhi achazeke ukuthi uKhotso ufuna ukwazi ngaye nezifiso zakhe, kunokuba akhulume ngaye njengamanye amadoda. Ngempela uKhotso uyindoda ehlukile, kucabanga uModi.

Futhi uzozijabulisa ngaye afike ekugcineni, uma lolu suku luzofika lapho. Kufanele agweme, kufanele aqinisekise, ukuthi akazitholi esothandweni noKhotso. Hhayi ngoba eyi-playa kuphela.

“Manje lo msebenzi wokusebenza emabhanoyini?” kubuza uKhotso. “Ngicela ungitshele kabanzi ngawo.”

“Lo msebenzi akuwona ukuthi unakekela abantu ngokudla neziphuzo kuphela. Ngiyazi abantu abaningi bacabanga ukuthi kunjalo.” UModi unentshisekelo yokuchazela uKhotso. “Ukulolongwa kwakhona kufaka ezokuvikela eziningi. Uma sengiphothulile, ngizobe nginakelela abantu, ngibasiza, ngibuka ngeso lokhozi olulolongiwe izinto ezisolisayo.”

“Ukunakelela emoyeni! Ngicabanga ukuthi uyabathanda abantu ukuze ufune ukubanakelela kangaka,” kusho uKhotso.

“Kunjalo!”

“Nami ngiyakuthanda, Modiegi.”

Iyamumangaza uModi indlela uKhotso ebukeka engumuntu othanda ukuzincokolela nokuba qotho ngesikhathi esisodwa.

“Abantu abaningi bangibiza ngoModi,” usho kuqede kukhale ingane etafuleni eliseceleni kwelabo.

UKhotso ujeqeza le ngane, aqhubeke anikine ikhanda njengoba uyise wale ngane eyishaya ezinqeni –okwenza le ngane ikhale kakhulu kunakuqala.

“Uyazi le ngane akufanele ngabe ilapha ebusuku kangaka,” kusho uKhotso. “Kuyacaca ukuthi ikhathele. Yazi mina ngeke ngizishaye izingane zami.”

UModi ubuka uKhotso ngokumangala. Izingane zakhe? Akuwona amazwi alindele ukuwezwa ephuma ngomlomo womuntu oyi-playa lawa.

***

Sitshele umbono wakho: Mhlawumbe uKhotso akayona neze i-playa; ngabe kufanele uModi aphume manje, ngoba kuyacaca ukuthi akabufuni ubudlelwano obujulile?