Namhlanje usuku lokhetho lwe-SRC. Liyafika ithuba lokuthi ngisukume ngime phambili ehholo lasesikoleni ngikhulume. UBusisiwe nabangani bakhe bayangihleka benze umsindo othi ‘boo’ okhombisa ukuthi abahambisani nami. Ngiyababona ngime phambili, ngibone noLubabalo enza lo msindo.

Nginovalo, nephepha engiliphethe elinalokhu engizokusho liyaqhaqhazela ezandleni zami. Ngiyambona noBhuti Ncedile esemnyango walapha ehholo. Ngiyaqala ngikhulume.

“Okokuqala engizokusho ukuthi ngidalwe uNkulunkulu. Izenzo zalabo abangihlukumeza umphefumulo zibuhlungu, zingilimazile. Ngabe kunjani ukuba ngomunye wenu osezicathulweni zami? Beningakujabulela ukuhlukunyezwa ngale ndlela eningihlukumeza ngayo? Leli phepha engiliphethe alinayo imininingwane yezinto engizozenza uma ngikhethwa ukuba ngingene kwi-SRC. Kodwa uma ningikhetha ngizocela niyibukisise indlela eningihlukumeze ngayo, nendlela enihlukumeza ngayo abanye abafundi. Asikho isidingo sokuhlukumezana ngoba sonke sinezici, akekho umuntu o-perfect. Akuphele ukuhlukumezana umphefumulo esikoleni sethu. Akuphele njengamanje!”

Kuthule cwaka ehholo. Emuva kwesikhashana kuqala abafundi abambalwa bashaye izandla. Ngiyamangala ngibona uMongameli ophumayo we-SRC esukuma eshaya izandla. Bonke abafundi bayamlandela basukume kudume ihlombe ehholo. Ngiyezwa ukuthi wonke amehlo ayangibuka njengoba ngiyohlala phansi nje. Empeleni angisenandaba nokukhethwa kwi-SRC, vele ngiyazi ukuthi laba abangangifuni ngeke bangivotele. Okungijabulisayo ukuthi ngikhombise ubuqhawe ngokuma phambi kwesikole ngilwe ngomqondo nangamagama. Ngibuka emnyango wasehholo ngibone uBhuti Ncedile ejabulile eshaya ihlombe.

Ntambama uThishanhloko usibizela sonke ehholo. Uyaqala amemezele amagama abafundi abakhethelwe ukungena kwi-SRC. Ngiyazi ukuthi igama lami ngeke libizwe. Amamntombazane esifunda nawo eklasini angitshele emehlweni ukuthi ngeke angivotele. Abakhethiwe basukuma bame phambili ehholo njengoba uThishanhloko ebabiza. Uchitha isikhathi eside esitshela ngokubaluleka koMongameli we-SRC ngaphambi kokumemezela igama lalowo ositholile lesi sikhundla. Agcine elimemeza igama lomfundi ophumelele: Nokuzola Judith Mamali.

“Kuqopheka umlando namhlanje,” kusho uThishanhloko, “akukaze kwenzeke ukuthi umfundi wakuGrade 9 akhethwe ukuba nguMongameli we-SRC. Kodwa le ntombazane ikhombise ukukhula, isibindi kanye nokuhlakanipha. Halala Nokuzola!”

Leyo ntombazane kufanele ukuthi ijabulile, ngisho ngikhuluma ngenhliziyo. Ngibona wonke umuntu engibuka. Hhayi bo! UThishanhloko umemeze igama lami!

Eceleni kwami uPhelisa uyangihlebela, “Yebo kunjalo. UThishanhloko ubiza wena!”

Angikholwa. Ngiyasukuma ngime phambili ehholo. Abafundi bayamemeza bathi, “Speech, speech, speech!” UThishanhloko uyangibuza ukuthi kukhona yini engifuna ukukusho. Ngisondela kwi-microphone. Ngingakaqali ukukhuluma ngizwa abafundi becula. Iculo lithi:

Thina sihamba noNokuzola thina

Nok’zola thina

Thina sihamba noNokuzola thina

Nok’zola thina

Bacula isikhathi eside, uThishanhloko agcine ebacela ukuba bathule bangidedele ngikhulume.

“Ngiyabonga ngokungikhetha. Ngiyabonga ngamavoti enu. Ngizimisele ukunisebenzela ngihambise phambili amalungelo, izikhalo nokuphatheka kahle kwabafundi. Bengingakulindele lokhu.”

“Siyakufanela lesi sikhundla,” kumemeza abafundi.

Siyaqeda ehholo ngigijime ngibheke uBhuti Ncedile.

“Kwenzakaleni Nokuzola? Kwaculwa ngawe lapha esikoleni? Wonke umuntu wahambisana nawe?” uBhuti Ncedile – ezenza umuntu ongazi lutho.

“Bangikhethe ukuba uMongameli we-SRC, Bhuti Ncedile!” Ngizwa izinyawo zami zihamba emoyeni. Ngibheka phansi ngibone ukuthi ukapteni weqembu le-rugby, uSiphelo, usengiqukule wangibeka ehlombe. Balokhu becula iculo lasehholo benabangani bakhe.

Yaze yabukeka kangcono impilo ngiphezulu.

Ngibuka phansi ngibone isidunyelwa esinguLubabalo. Akakholwa ukuthi imina lo osethandwa isikole sonke. Naye useyalicula leli culo. Uzenza ojabulile kodwa ngiyazi ukuthi akunjalo. Indaba yami naye iphelile ngoba ungumuntu ongenalo iqiniso, angimazi ukuthi ucabangani nokuthi uzizwa kanjani ngami.

Okokuqala esikwenzayo siyi-SRC entsha ukuqeda ukuhlukumezana ngokomphefumulo esikoleni sethu. Siqhamuka nesiqubulo esithi, “Don’t Bully, Make Friends”.

Lesi siqubulo sinamathiselwa kuwo wonke ama-locker esikoleni, siphinde sibhalwe esangweni ngaphansi kwegama lesikole.

Ebusweni bami izinduna ziyaphela kancane kancane. Ngibonga uBaba noBhuti Ncedile. Impilo yami isimnandi futhi.

Anginamahloni ngobuhlalu bami, angisabufihli. Abafundi bayangibuza ukuthi bangabuthengaphi nabo ubuhlalu obufana nobami. Bacabanga ukuthi i-fashion. Ngiyabatshela ukuthi ngigqoka ubuhlalo ngoba ngiyithwasa, ngiqeqeshelwa ukuba isangoma.

Noma sidlala i-netball ngizigqokela isikibha sami esingenayo imikhono, ubuhlalu bami buvele obala. Anginamahloni ngalokho engiyikho.

Iyaphela