Nokuzola

Kukhona umuntu ongidonsa ngendlebe. ULubabalo. Ngiyasukuma ngizithuntuthe, ngicoshe nobhaka wami. ULubabalo uyaqhela.

“Uma ungafuni ukuhlukunyezwa kakhulu kunalokhu kuzokusiza ukungasho lutho ngale nto kuThishanhloko. Wamceba nje uBusiswa uzokuhlupha kakhulu kunakuqala,” kusho uLubabalo ebuqamama.

“Ngiyakuzwa, bhuti. Angithi awusangifuni nawe, ngicela usuke eduze kwami,” ngisho ngesula izinyembezi.

“Kodwa singabheja ngemali ukuthi wena usazifela ngami. Ha ha ha!” uhlekisa okohlanya.

Ngiyazibukela nje, ngingasho lutho, ngiqonde eklasini. Uthisha wethu we-Life Orientation ubuza iklasi ukuthi kwenziwa yini wonke umuntu abuke mina. Akekho ophendulayo, nami bangesabisile ngokubaceba ngakho-ke ngiyazithulela.

Uyaphuma uthisha, ngiphume nami ngehle izitebhisi. Ngibona kuphahlazeka into egcwele amanzi phambi kwami ingimanzise izicathulo. Ngiyayibukisisa le nto ngibone ukuthi i-condom ebigcwaliswe amanzi – le nto abafundi abayibiza nge-waterbomb. Ngibuka phezulu ngizama ukubona ukuthi ubani oyiphonsile, enye i-water bomb ingishaye ebusweni. Ngimata umzimba wonke, ngisho nesikibha engisigqoke ngaphansi simanzi. Ngicabanga ukuyobaceba kuThishanhloko kodwa nakhu bangesabisile ngokubaceba. Kodwa ngizokwenzenjani?

Ngiyaqhubeka ngihambe ngimanzi nginjalo ngiphume emasangweni esikole. Ngihamba ibanga elincane ngizwe kukhona umuntu ongithinta ehlombe. Ngibeka ubhaka phansi, ngifingqe izibhakela. Ngilindele ukulwa noma ngingazi ukuthi bangaki abantu abasemuva kwami. Ngiphenduka ngifesile kanjalo. Umuntu wesilisa omude uphambi kwami. NguBhuti Ncedile umgadi wasesikoleni. Uyazihlekela njengenjwayelo kodwa mina ngidinwe ngigane unwabu. Ukuhlukunyezwa ngabanye abafundi sekungenze ngaba nenzondo.

“Ngicela ukukugodukisa, Nokuzola, uma kungukuthi usuyagoduka njengamanje,” kusho uBhuti Ncedile engivulela isicabha semoto yakhe.

Ngiyanqikaza ngoba uBaba wangidonsa ngendlebe ngokugibela ezimotweni zabanye abantu ngingamazisanga kuqala. Kodwa uBhuti Ncedile ungumakhelwane wethu futhi uqotho. Nezingubo zami zimanzi, kungcono ukugibela emotweni ngingahambi ngihlekwa abantu indlela yonke.

Endleleni uBhuti Ncedile ungiyala ngokuthi kumele ngikwazi ukulwa ngamazwi. Ungitshela ngokuthi abantu abanenzondo abahlukumeza abanye basuke bentekenteke bengenawo umqondo. Ungenza ngibone ukuthi njengoba ngimncane ngomzimba nje akumele ngifune ukulwa ngezandla ngoba ngeke ngiphumelele. Mina kufanele ngibashaye ngomqondo, ngilwe ngokuhlakanipha kwami. Nakanjani ngizophumelela. UBhuti Ncedile ufuna nokwazi ukuthi ezifundweni kuhamba kanjani. Ngiyamtshela ukuthi akusahambi kahle, angisaphasi ngendlela ebengiphasa ngayo ngingakaqali ukuhlukunyezwa umphefumulo. Ubuza ukuthi ngifunda u- standard bani.

Grade nine.

Abuze ukuthi yisiphi i-standard leso ngoba bona bawuhlobo lwakudala olwakhula lufunda ama-standards nama-form. Siyahleka sobabili. Kwakhona ukuhleka yinto engingasayazi selokhu ngaqalwa izinduna, ngaphenduka ihlaya lesikole.

Esengishiya esangweni lasekhaya uBhuti Ncedile uthi, “Nokuzola, zilungiselele ukulwa ngomqondo nangamagama. Zimisele ukulwela wonke umfundi ohlukunyezwa umphefumulo ngabanye abafundi. Uhlakaniphile, ngiyazi uzokwenza lokhu engikutshela khona.”