Imisebe yelanga idlula ikhethini igwaze uThando aphaphame. Ukuthula okulapha endlini akujwayelekile ngoba nangawo uMgqibelo uThando ujwayele ukuvuswa umsindo kaZikhona epheka iphalishi, ehlanza indlu. Kodwa namhlanje kuthule cwaka.

UThando ucikica amehlo esusa ubuthongo. Ucabanga ukuthi mhlawumbe uZikhona uvuke waya emsebenzini. Ngesinye isikhathi lo mndeni awusebenzelayo, abakwa-Hamilton, banakho ukumcela asebenze ngempelasonto. Kodwa uma kunjalo uZikhona uyasho ezinganeni zakubo.

“Nandi! Zikhona!” kumemeza uThando.

Ayikho impendulo. Uzwa kunohleko namazwi akhulumayo ngaphandle. Ulunguza ngewindi abone ukuthi uNandi nabangani bakhe laba abaxoxayo, abahlekayo. Basagqoke ama-pyjama.

“Hheyi nina,” kumemeza uThando. “Ekuseni kangaka senibanga umsindo emizini yabantu. Nisiza nini emakini njengoba senilapha ngalesi sikhathi?”

“Asiwona ama-maid, wena,” uNandi unqekuzisa ikhanda emphendula.

UThando unikina ikhanda. “We Nandi, ukuphi uZikhona?”

“Angazi,” kusho uNandi.

“Akazange asho ukuthi uya kuphi? Nokuthi uzobuya nini?”

“Uyathanda ukungena izindaba zabantu nawe Thando! Yeka ukuzenza ubaba wethu. UZikhona uzozibuyela ngesikhathi esithandwa nguye. Mdala kabi uZikhona ukuthi angalokhu ebika kuwe ukuthi uya kuphi futhi uzobuya nini.”

Kujwayelekile ukuthi uma uNandi edelela kanjena naye uThando amphendule ngokweyisa. Kodwa namhlanje uThando akaphenduli ngokweyisa. Namhlanje uzizwa ekhathazekile. Kuyamthusa kwayena lokhu kukhathazeka ngodadewabo omdala, uzwa kubanda amathumbu.

“Uzamile ukumthinta ocingweni?”

Nandi usegcwele ukucikeka ebusweni. “No!”

“Awumthintanga ngani?”

Geez, Thando. Angifuni ukumphazamisa, mhlawumbe usematasa nendoda yakhe,” kusho uNandi bahleke bonke abangani bakhe.

“Awuzizwe nje ukhuluma kanjani,” uThando ubabuka bonke begigitheka.

Whatever, Thando,” kusho uNandi.

UThando uyafisa ukufonela uZikhona kodwa akanayo i-airtime. Mhlawumbe uNandi uqinisile, kucabanga uThando. Mhlawumbe kumele ngihlukane nokubuzana noZikhona. Angikhululeke ngidedele udadewethu aphile naye. Selokhu agadana nathi sibancane, akanayo impilo yakhe.

Njengenjwayelo ngoMgqibelo uThando uhlala phezu kwezincwadi. UNandi ungena endlini ageze, agqoke, aphume.

“Uyaphi?” kumemeza uThando.

“Ngiyovakashela abangani bami,” umemeza eyophuma ngesango.

UThando unikina ikhanda. Ulunguza ngewindi abone uNandi nabangani bakhe. Kunedlanzana labafana abadadlana kunabo elibalandelayo.

UThando uzama ukufunda kodwa ingqondo yakhe ayikho neze ezincwadini. Akufani neze noZikhona ukungabuyi ekhaya, akaze nakanye akwenze lokhu. Emuva kwehora ezibuza eziphendula ngokungabuyi kukadadewabo, uThando ugcina ebheka imali lapha endlini. Upequlula yonke indawo – ngaphansi kwa-sofa, ngaphansi kombhede, nasesikhwameni ajwayele ukusiphatha uZikhona. Imali ayitholayo yenza u-R3,50 kuphela. Uphuma endlini ethandazela ukuba uSamir, umnikazi wespaza wase-Ethiopia, uzomzwela amunike i-airtime ka R5 noma imali ishoda.

***

Sitshele: Ucabanga ukuthi kwenzekeni kuZikhona?