Ngobusuku obulandelayo uThando ulinda uNandi azumeke, anyonyobe aphume aqonde emjondolo kaZip.

Ngokufanayo noBrice usuka kubo aqonde e-NO Paradise Road. Kube ukubona igama lomnikazi we-diary, wezwa nokuthi ungudadewabo ka-Bookworm, wenza isinqumo sokuyihambisa kuBookworm i-diary. UBrice usekuqaleni ku-No Paradise Road. Ubona uBookworm ephuma ngesango, amlandele. Uyabona ukuthi uBookworm uyashesha. UBrice umlandela ashiye igebe. UBrice ulandela agcine ezithole esesangweni lomjondolo kaZip.

UBrice ujomba isango. Kuba ukujomba isango abone inja kaZip uRazor eselapha ezinyaweni zakhe. UBrice uyamamatheka ngoba lolu hlobo lwezinja wakhula benazo kubo. Ukitaza intamo kaRazor asondele emjondolo kaZip. Ubeka indlebe odongeni leplangwe alalelisise. Amazwi abantu ababili lawa awezwayo.

“U-Detective Mtolo ucela inombolo yefoni kaZikhona. Ufuna ukubheka iminyakazo kaZikhona ngosuku anyamalala ngalo,” kusho uZip.

Ayisho inombolo kaZikhona uThando.

UThando umbuka ngokumhlonipha uZip ngoba namhlanje ubona okuningi angakubonanga izolo ebuka i-chart lezigebengu elisodongeni. UThando ukhomba isithombe sikaSpokes.

Inyoni kaZip, uSpirit, indiza isuka phezu komjondolo inswininize ezinyaweni zikaBrice. Uyezwa uBrice ngokunyuka kwezwi likaZip, ukuthi lentokazi isondela kuleli windi angakulo. Acwile ngaphansi kwewindi uBrice. UZip uvula iwindi ajikijele ucezu lwesinkwa kuSpirit.

“Yazi kunesifudumezi, ngizoshiya ngilivulile iwindi,” kusho uZip.

Ubuyela kwi-chart uZip. “Kambe besikhuluma ngani?” ubuza kuThando.

“Besikhuluma ngoSpokes,” kuphendula uThando. “Singathola kanjani ukuthi uhlala kuphi?”

“Bengicabanga ukuthi kumele sithole indlela yokusondela kuBrice ngoba izidakamizwa azidayisayo uzithola kuSpokes. Nakanjani uyazi ukuthi uSpokes uhlala kuphi.”

“Ngempela, kumele silandele uBrice,” kusho uThando evuma ngekhanda.

Kungena i-sms efonini kaZip. Ivela ku-Detective Mtolo eMowbray police station. UZip uyahleka, aqhwebe uThando, “Thando, funda la.”

UThando akakukholwa lokhu akubonayo.

Sibophe uSpokes ekhwabanisa nge-credit card eRondebosch.

“Bamtholile!” uThando uphakamisa izandla ejabula.

“Yebo,” kusho uZip. “Kodwa bamthole ekhwabanisa. Thina kumele sithole ubufakazi obuzokwenza aboshelwe ukubulala udadewenu njengoba esaboshelwe ukukhwabanisa.”

UBrice ukuzwa konke lokhu okuxoxwa uZip noThando. Ulunguza ngechopho le windi. Ngempela uyena uBookworm lo ambonayo ekhuluma nale ntombazane. Le ntombazane yazi yonke into ngobugebengu balapha elokishini. UBrice ubona ne-chart lobugebengu. Akakholwa ukuthi naye ukhona kuleli-chart. Yena udayisa izidakamizwa ukuze umndeni wakhe ungalambi. Kodwa kuleli-chart ubekwe nababulali nezigelekeqe ezibamba inkunzi. Uzizwa ephoxeka uBrice. Uthinta i-diary esephaketheni le-jacket, agxhume angene ngewindi.

***

Sitshele: Uthini umbono wakho ngo Zip? Ngabe uZip uqinisile ukuthi zitholakala kalula izindaba zobugebengu ema-tarvern?