“Sihlangu mina kunini ngikubekezelela undinda wena nezimukanandwendwe? Sihlangu kunini mina ngihlala nawe noma sebekujikele nabangani bakho? Mhlazane bekubophela uzungu lokukubulala awucebiswanga yini yimi? Ngithunywa ubhuti wami ukuthi ngikuvuse ukuthi oMabutho bakuhlelela ukuthi ufe? Manje ukwazi ukungingenela nesibhamu Sihlangu?” kubuza uMbali.

Abone uSanele ukuthi uhlulwe ukuziqoqa wayohlangana nabantu abanezinkinga ezingaphezulu kwakhe. Namhlanje usele yedwa kulenkinga akuyo, abangani bakhe abefuna ukuthi abonakale kubo ehlakaniphile futhi ebalulekile abekho. Uyacabanga ukuthi balele bona lana bekhona abazi nokuthi lidumephi.

“Asidle wendoda noma nawe uyinina elithi alidli ebusuku?” kusho uSihlangu ebhekise kuSanele. 

Athathe ukudla okubekwe phambi kwakhe osekuze kwaphola ngenxa yokuhlala isikhathi kungathintiwe. Idle nkosiyami ingane yakoKhabazela noma ingalambile izomisa ngani? Nasi isigayigayi phambi kwakhe nevolovolo. 

“Ngiyaxolisa mfwethu ngakho konke osekwenzekile, bekungenhloso yami ukuthi kuze kufike lana esesizithola sesikhona. Ngiyafisa ukuthi ukwazi ukungixolela ngelinye ilanga noma lobusuku buphetha kanjani,” kusho uSanele ngesizotha. 

Baphenduke bobabili uMbali noSihlangu babheke uSanele ngokumangala nje ukuthi lenkulumo yakhe iqhamukaphi. Bavele baqhubeke nenkulumo yabo okukhomba ukuthi indaba kaSanele kabayingeni lana endlini. UMbali ulindele izimpendulo zakhe kuSihlangu.

“Uzongiphendula mina noma angikhohlwe nje izimpendulo zalemibuzo engiyibuze kuwe?” kubuza uMbali.

“Kanti wena abakufundisanga yini kini ukuthi umuntu akakhulumi uma edla? Ngeke nje wakwazi ukungilinda ngiqede ukudla bese siqhubeka nalento yakho?” kuphendula uSihlangu.

“Sekuyinto yami manje Sihlangu lena? Kanti akusiyithi esixoxa ngezinto osungidlulise kuzo wena Sihlangu?” kubuza uMbali.

Badle ngokuthula manje lana endlini, akekho okhulumayo kuthulekile wonke umuntu uhleli nemicabango yakhe. Sekukhanyise ikhwezi manje elibika ukusa ukuthi kuseduze manje. Uma kuthiwa lishona nezindaba zalo, leli ke lanamuhla liphuma nezindaba zalo.

Aqede ukudla uSanele ehlise ngobhiya, ibhodlela likagologo liyela emaphethelweni manje kanti nawo ubhiya lona kusele amakani ayisithupha esiqandisini. Bese kuba ilana abawaphuzayo ke asetafuleni. USanele ulokhu ubuka nesibhamu lesi esihleli lana phezu kwetafula, akazi noma asigxumele asithathe kuqala. Inkinga anayo ekhanda ukuthi unembeza ulokhu uthi kuye kodwa wena awusuye umbulali. Kodwa ngempela kumele kufe bani ngoba nakhu kuvela ukuthi wafa umfana wabantu engenacala? Kangakanani ke yena etholakale oqotsheni? Ngeke amuyeke yena. Asukume abuyele ebhakedeni akhonjwe kulo uma ecela ukuphuma ayochama okokuqala. Okubuhlungu lotshwala ulokhu uyabufaka nje impela kodwa akabazi buyaphi ngoba akadakiwe nakancane nje. Ubenethemba lokuthi noma bemubulala akuvele kwenzeke esedakiwe kodwa lutho ukufika kuleyo ndawo.

“Sihlangu njengoba uhlale uthi angikutholele ingane ufuna siyilethe kulempilo yethu enjena? Namhlanje ingane yami ibizozithola ingesenaye umama ngoba uyise embulele? Yiyona mpilo esifuna ukuletha kuyo ingane lena?” kubuza uMbali.

“Angikaze ngiyizwe into enjena ukuthi ufike ungijolele bese kuba yimi umuntu omubi,” kusho uSihlangu.

“Lutho angikwenzi umuntu omubi kepha ngenza njengoba uhlala wenza njalo uma ngikuthole ekujoleni kwakho, Sihlangu. Mina Sihlangu ngakuxolela nangenkathi ngikuthole ukuthi ubhizi nomahosha. Azange ngikukhiphele isibhamu, noma yingoba mina ngingakwazi ukuphatha isibhamu Sihlangu?” kubuza uMbali.

Kuthi ukuthuleka lana endlini kungekho okhulumisa omunye. USihlangu ulokhu ebuka uSanele olokhu ewahlome phansi amehlo umlibe. USanele uyabona ukuthi ukube uyazenzela ngabe kade ecelile ukubashiya ukuthi basale beqhubeka nodaba lwabo ngoba ingathi lento yabo ijulile kakhulu nje impela. Kodwa ke uzocela kanjani ukuphuma kunguye ophehle udweshu.

“Awukhulume njiniyela ungitshele ukuthi yini nje okumele ngikuyekele yona?” kubuza uSihlangu ebhekise kuSanele.

Maye! Wazi ngani ukuthi ngingunjiniyela lomuntu? USanele uyazibuza. 

“Uyayiphinda futhi lento yakho yokundwaza wena ngikhuluma nawe,” kusho uSihlangu.

“Sihlangu hhayi ngoba ngimvikela, kodwa nawe uyambona lomuntu ukuthi uthuke kanjani. Uyakusaba, usaba nalesi sibhamu osibeke phambi kwakho. Lomuntu akayazi lempilo yezibhamu,” kuphendula uMbali.

“Kodwa uyakwazi ukuhamba engena abafazi babantu? Uhamba ezihloma nje, akasabi lapho. Wena ke sekunguwe ummeli wakhe omkhulumelayo?” kubuza uSihlangu ebhekise kuMbali.

Sitshele umbono wakho: Ngabe labantu bobathathu bazophuma bephila kulesi simo? Kungani ucabanga ngalendlela ophendule ngayo?