“Wandwaza nje wena yini inkinga yakho,” kubuza uSihlangusezinsizwa ebhekise kuSanele obonakala engasekho kuleligumbi abakulo ngomqondo.

UMbali ulokhu echiphize njalo. “Baby, ngiyaxolisa angazi ngingenelwe yini ngalingeka ngenza isenzo esinjenga lesi,” kuxolisa uMbali. 

“Awume ngokuxolisa, Mbali! Awusenzele nakhu ukudla ngilambile ngigcine ekuseni ukudla,” kuphendula uSihlangu. 

Asondele ekhala enjalo athathe uplastiki ophezulu kwetafula aqalele apheke. Unikezwe nobhiya ukuthi amanye amakani awafake kusiqandisi. 

“Uzoma lapho kuze kube nini ke wena? Woza uzohlala phansi uphuze utshwala lobu,” kusho uSihlangu. 

Athi ukuma kancane uSanele engazi enzenjani ngoba nasi nesibhamu uyasibona phambi kwayo lensizwa emubizayo. 

“Angingaphindi into eyodwa ndoda!” kuqhuba yena uSihlangu.

Azijube asondele uSanele, phela akafuni ukuzithola esenenkinga engaphezulu kwalena akuyo vele manje. Adonse isitulo ahlale phansi. Azitshele ukuthi uzobona ngendlela nje ukuthi kwenzakalani ngoba lomlisa akakhombisi ukuba yimpi ngaphandle nje kwaleli volovolo alibeke phezu kwetafula. Ahlale phansi adonse ikani likabhiya njengokulayelwa uSihlangu.

“NginguSanele mina igama bafo, wakhona lana endaweni, angiqonde bubi. Bengingazi ukuthi sengidlalela ezitsheni ezifayo, bhuti wami. UMbali akazange angitshele ukuthi ungumuntu wakho, bengingeke nje ngiqalise ukuzifaka kuyo yonke lento esengizithola ngikuyo manje,” kuchaza uSanele.

Ingamubheki nakumubheka insizwa lena ayixoxela konke lokhu angabuzwanga kona. Ahlale nje azinze uSihlangu aziphuzele utshwala bakhe. Kuthulekile manje lana endlini, umsindo okhona owenyama esishwa esitofini kuphela. USanele ikhanda liphithene ngoba akazi ukuthi lendoda ithule nje imucabangelani. Aphinde adonse isibindi azame ukukhulumisa lendoda ngethemba lokuthi angakwazi ukuxoxisana nayo, imudedele ahambe ingamubulali.

“Nginethemba lokuthi mfwethu uyazi ukuthi okoniwa ngomlomo kuphinde kulungiswe ngawo futhi bafo. Njengoba ngisho nje ngithi uMbali-”

“Kwakundodani yona lena? Awuhlukane negama lami wena. Qhubeka nje nalento yakho yokulokhu uzigeza ngegama lami uzoyibona into engizokwenza yona. Nxa! Ngizokubhunyela ngamanzi abilayo ngikufundise abantu ngoba ngathi awubazi wena,” kusho uMbali. 

Kuvele kuthuleke lana endlini, isimo sishube kakhulu kunakuqala. Uthule nje uSihlangu kungathi akekho lana endlini noma akayizwa yonke lenkulumo yabantu abalwayo. Azikhiphele usikilidi wakhe, abheme. 

“Uthi kuzovuthwa kona lokudla uma ulibele ukulwa? Ngikutshelile ukuthi ngilambile mina. Mhlampe nina nisuthi zonke lezicoficofi benizidla edolobheni,” kusho uSihlangu.

Kuvele kubacacele ukuthi kade ebagadile lomuntu kusuka emini bengcebelekile edolobheni ubekade ebabuka. Akhumbule uMbali ukuthi uSihlangu uke wamuthinta ocingweni emini wangaluphendula ucingo. Wamubuza njalo naye uSanele ukuthi akaphenduli ngani ucingo wathi uMbali ilabantu abafuna ukumthengisela ucingo bebenjalo bemshayela ocingweni. Avele asole khona lapho ukuthi uSihlangu kade ebalandela.

Kodwa nkosiyami lesigebengu mina ngangisifunani, buka namuhla sizobulala mina uqobo ke, kucabanga uMbali.

Azimise isibindi uMbali. Abuze ngomoya ophansi athi, “Sihlangu sesiyagadana mina nawe manje?”

Ajike ebusweni uSihlangu wansondo, kuvele kubonakale nje ukuthi lomubuzo uyamuthukuthelisa. “Ungakhohlwa njalo ukuthi ukhuluma nobani Mbali!”

“Angizami kona ukukudelela, kodwa ngizama ukubuyela enkulumeni yethu esayixoxa yokugadana,” kuphendula uMbali.

“Into ongitshela yona ukuthi akumele ngikugade khona uzokwazi ukundinda kahle Mbali?” kubuza uSihlangu.

“Angibuzi lokhu ngoba nakhu sengitholakale ephutheni, kodwa uma ngikhumbula sasikhulume sathi lomkhuba wokulandelana siyawuyeka,” kuphendula uMbali.

Inesibindi intombazane lena ngoba noma ikhuluma ayikhombisi uvalo. Uma imubheka emehlweni ikwenza kucace ukuthi ifuna impendulo yomubuzo ewubuzile kuSihlangusezinsizwa.

Sitshele umbono wakho: Kwenzekani manje kulendaba? Ucabanga ukuthi yini eyenza uSihlangu abe nomoya opholile kulesi simo?