Kuphakathi kwamabili uSanele ulele endlini okuqashe kuyo uMbali oyisinqandamathe sakhe. Balokhu bebuye ntambama nje edolobheni bebekade bezikhiphile. 

Injabulo ibhalwe emehlweni kulaba bobabili. Njengoba belele nje abazumekile. Kuvele kukhanyise imoto eyitekisi efasteleni ekhomba ukuma lana ngaphandle kwendlu kaMbali. Avuke agxume uMbali, akhanyise ugesi. Uhlahle amehlo njengoba ebuka uSanele.

“Saze safa namuhla, kodwa ngehlelwa yini Nkosiyami?” Kubalisa uMbali. 

Axakeke nje uSanele ukuthi kwenzakalani. “Kwenzenjani Mbali khuluma ukhalelani kangaka manje?” Kubuza uSanele. 

Angaphenduli uMbali. Uyagqoka manje kodwa akathule uyakhala. “Gqoka mani Sanele ufuna ngize ngikutshele ukuthi gqoka? Yeka ukungibuza imibuzo engeke isisize ngalutho manje!”

Kuvele kuphele ukuhlakanipha manje kuSanele. Phela uSanele lona uyaziwa lana endaweni uyena insizwa ezibhincisela nxanye ezinye uma kuza ezintombini. Abanye baze bakhulume ngaye kuthiwe izintombi lezi uzibamba ngomuthi. Ayidabuli phela uma eseze wayikhomba umfo kaMkhize.

Kukhale isicabha semoto ngaphandle, okusho kona ukuthi uyaphuma lomuntu osemotweni. Indlu lena abakuyo isicabha sisodwa, amafastela mabili akake isicabha. Ayikho enye indlela yokuphuma lana ngaphandle kwalena ezongena lomuntu ozokwehla emotweni. Sekungathi inkukhu enethile manje uSanele lana endlini. 

Ukhuluma  sakuhleba manje uSanele, “Ubani lona ozongena lana Mbali? Waze wangifaka emanyaleni. Angithi wena wathi kimi awunamuntu. Yini ke manje lena?”

“Ungazozenza ngcono ngami lana wena. Angithi nawe awungitshelanga ukuthi ushadile? Noma ucabanga ukuthi angikwazi lokho? Phuma ke nje kimi wena,” kuphendula uMbali. 

Sebemi ngezinyawo manje bobabili kulengxenye eyikamelo lana endlini, bahlukaniswe umbhede phakathi kwabo. Imimoya iphakeme manje lana endlini, yonke lenjabulo ebikhona isivele yashabalala njengamazolo ebona ilanga ngenxa ngokukhanyisa kwetekisi nje.

Kukhale ukhiye esicabheni kukhomba ukuthi umuntu ongaphandle uzama ukuvula kodwa akuvuleki ngoba kukhona ukhiye okhona ngaphakathi. Angqongqoze umuntu ongaphandle. Kuthuleke. Angqongqoze ngokuqinisa isandla. Kuthuleke.

“Uthuleleni ngoba ubhekile, Mbali?” kubuza izwi elindondayo ngaphandle.

Asondele uMbali esicabheni, afike aphendule ukhiye evula. Kuvuleke isicabha uMbali useqhelile futhi eduze naso isicabha lesi. 

Kukhanya bha lana endlini, kukhanya sengathi kukhanyisa amalambu okukhanyiswa ngawo ezinkundleni zemidlalo. Indlela abona kukhanya ngayo uSanele uyabona ukuthi uzobonakala kahle. Kungene insizwa ende elaphayana, eyisidlakela. Inezandla ezinkulu sengathi izinyawo. Ngokweqiniso lomuntu ongenayo ukhululekile nje kodwa uma umubuka kungathi unonya oluyisimanga. Uphethe ibhokisi elinamakani kabhiya awu24, kwase kwahlala nogologo obomvu phezulu, nesijumba soplastiki esinenyama, nevoso, notamatisi. Eceleni kwakho konke lokhu kukhona isibhamu.

USanele avele azibone efile namhlanje ngoba lendoda uma eyibuka uyabona ukuthi noma izinto kuthiwa ziyafana kodwa lona ongenayo esicabheni uSihlangusezinsizwa. Idume kakhulu lensizwa ematekisini. Inenqwaba yamatekisi futhi isolwa ngokuzibambela yona uma kunomsebenzi okhona okumele wenziwe. Akathumeli nkabi ngisho nakulaba abangaseqenjini lakhe kusoseshini bama ngaye ngoba akukho insizwa ema naye.

Sitshele umbono wakho: Uthini ngalendaba? Ucabanga ukuthi kuzokwenzekani manje?