Ngenxa yohambo olude olubheke eMsinga uNomvelo ugcina ezumeka emotweni. Umzimba awudelanga ukuphumula ngenxa yokuthi ulale sekusa ngoba kade ehleli noSakhile. Nakhu usezithola ephupha.

Uphupha sengathi useyingane udlala ebaleni angakaze alibone. Kuvele kushintshe izulu lidume. Umbani ushaya yena yedwa. Uphaphama ehefuzela, avele ahlahle amehlo.

“Usuyaphupha njalo emini ka bha?” kuncokola uMaNgubane.

“Ngivuka nephupho elibi, Mama.”

“Uphupheni?”

“Ngiphuphe ngidlala nezingane eziningi ebaleni engingalazi. Kuvele kwaguqubala kodwa umbani washaya mina kuphela.”

“Mntanami mina ngicabanga ukuthi ukwesaba nje. Wesaba ukuthi uzohamba uyohlala endaweni ongayazi. Kanti khululeka ungesabi kakhulu ngoba abadala banawe endleleni yakho.”

“Kulula ukuthi usho njalo, Mama. Lento yokuthi ngiyohlala emzini womuntu engingamujwayele iyangisabisa.”

“Ungethuki ngoba maningi amanye amathwasa akhona kwaNdlovu. Kuzobe kungewena wedwa.”

Amazwi kanina awakuqedi ukukhathazeka okumkhungathile uNomvelo. UNomvelo usezitshelile ukuthi uqedile ukukhala ngoba angeke kumsize ngalutho manje. Uqalaza ngewindi abone uvela kancane buqamama umuzi kaNdlovu. Akupheli sikhathi esingakanani ingene esangweni lakwaNdlovu imoto.

Bayaphuma behlise izimpahla. Amanye amathwasa ayaphuma asize uNomvelo. UMaNgubane ungena endlini kaNdlovu bakhulume okwesikhashana ngesikhathi amathwasa ezazisa kuNomvelo. Emuva kwehora befikile, sekuyisikhathi sokuba uMaNgubane aphindele ekhaya.

“Ngizofika ngizokubona mntanami,” kusho uMaNgubane emanga uNomvelo.

“Uhambe kahle, Mama,” kusho uNomvelo ngezwi elidabukisayo.

UNomvelo uyibuka ishushuluza igcine ngokusithela emaqaqasini obhuqu lwaseMsinga imoto. Enye inhliziyo ithi akavele asuke ngejubane ayilandele imoto. Kodwa enye inhliziyo iyafuna ukubona ukuthi kumphatheleni lokhu kuthwasa azokuqala.

Wonke amathwasa akhona lapha alala ndawonye kulawondi owodwa. Akuvumi nokuba aphawule ezindabeni ezixoxwayo uNomvelo ngoba inhliziyo yakhe icabanga uSakhile. Amathwasa ayazama ukumxoxisa ukuze angazizwa eyedwa kodwa yena uphendula lento abambuza yona kuphela.

Uyacinywa ugesi. Amathwasa azumeka ngokushesha. UNomvelo yena akuvumi ukuba azumeke, uqwasha ubusuku bonke. Kuthi ngentathakusa uNomvelo abone elinye lamathwasa, uNokuthula, enyonyoba agcine ephumile ngesicabha. Ugcina esezumekile noNomvelo. Uphaphama ngoba ezwa kuheleza umoya obandayo kulawondi. Isicabha sivaleka ngokushesha. Uyabona ukuthi nguNokuthula lona ongenayo. Uyanyonyoba abuyele kumatilasi wakhe uNokuthula. UNomvelo uyezwa ukuthi uyakhala uNokuthula njengoba ezimboza ngengubo.

Uzibuza imibuzo eminingi uNomvelo njengoba ezama ukuzumeka. Engabe uphumaphi uNokuthula? Ngabe ubeyobona isoka lakhe? Amathwasa akuvumelekile yini ukujola? Ngabe uqhamuka kuphi pho? Futhi ukhalelani?
Kuthi kuyophela inyanga yesibili yokuthwasa kukaNomvelo aqale ukuyijwayela inqubo yakwaNdlovu. Njalo ekuseni bavuka ngovivi baphalaze maqede bageze emfuleni ohambayo. Uma bebuya bayachatha ngaphambi kokuba baqale imisebenzi yasendlini.

Amathwasa yiwo ayenza yonke imisebenzi yakwaNdlovu. Uma bewasha izingubo zokugqoka nezokulala bawashela wonke umndeni. Izingane zakwaNdlovu zona azenzi lutho, ngisho ukuwasha izitsha lokhu. Kokunye amathwasa avuka ekuseni ayomba imithi. Agawula izihlahla, bathathe amahlamvu baphinde bagumbe nezimpande – konke lokhu uNdlovu wenza ngakho imithi ehlukahlukene. Uma bebuya bayikhetha kahle, bayigqule.

Kulomuzi kuphekwa kathathu ngosuku ngenxa yobuningi babantu. Abanye abantu abazohlola abasuka kude bagcina sebelala khona kwaNdlovu ngenxa yokuhlwelwa.

UNomvelo ugqula umuthi ngelinye ilanga. Uzwa umuntu omuqhwebayo ehlombe. Uyamamatheka uma ebona ukuthi nguNokuthula lo omqhwebayo.

“Nomvelo uyakubiza ubaba,” kusho uNokuthula.

Usukuma ngokushesha uNomvelo. Ungena kulawondi kaNdlovu, afike aguqe.

“Yebo, Baba,” kusho uNomvelo.

“Thwasa!” kusho uNdlovu.

“Yebo, Baba.”

“Namuhla ngizokuqinisa. Njengoba abantu abaningi bangakini sebazi ukuthi uyathwasa bazozama ngazo zonke izindlela ukukuphuphisa. Namuhla ngizokugcaba. Khumula zonke izingubo ume phambi kwami,” kusho uNdlovu ehlanganisa imithi.

Lumuthi heqe uvalo uNomvelo. Ukhumula kancane ngokwesaba. Amehlo kaNdlovu awugijima wonke umzimba kaNomvelo.

“Unomzimba omuhle kanjena? Awunalo ngisho ibala elilodwa leli,” kusho uNdlovu embukisisa, ekhotha izindebe.

Sitshele umbono wakho: UNdlovu kufanele ngabe uthwasisa uNomvelo, amfundise konke ngokuba isangoma. Kodwa nakhu manje ufuna akhumule phambi kwakhe. Ngabe ubona kuyinto ekahle lena ayenzayo uNdlovu? Uthini umbono wakho ngalokhu okwenzekayo manje?