Umlayezo noma ingqikithi yale ndaba edabukisayo ivela kahle igoqeke kumusho wokugcina onamandla: Ngifuna ukukunika yonke imininingwane ukuze ubone ukuthi inkohliso inomthelela ongakanani ekufeni kwabantu . . .

Le ndaba yakheke ngendlela yokuveza abalingisi abathathu kanye nezindlela ababuka ngazo, nathi futhi siyafunda izindlela eziningi okwenzeka ngayo ukukhwabanisa nenkohliso, kanye nemiphumela yakhona. Kusabalala sengathi igciwane futhi kuyavela ukuthi kubahlukumeza kanjani abantu – kugcina kubabulala abantu ngesinye isikhathi. Bathathu abalingisi esihlangana nabo – uZamani, u-Amahle kanye ‘nomlingisi’ ongabantu abaningi eyedwa okunguSthembiso, u-Ayanda kanye namawele ayizingane zabo.

Ukuhlukana okukhulu ezweni lethu kuphakathi kwabantu abanezinto (imali) kanye nabantu abangenalutho. Indaba ethi, Njengolwandle Oludiniwe ibukisisa ngokujulile imiphumela yenkohliso nokukhwabanisa ezimpilweni zabantu abahluphekayo, abatabalasayo empilweni – njengabantu abahlala endaweni ebizwa ngokuthi i-Power. Igama elithi ‘Power’ lichaza amandla kodwa abahlali bakulendawo abanawo amandla okukhononda mayelana nemigwaqo kanye nemizi engakhiwanga ngendlela efanele. Okwenzeka ngesikhathi uSthembiso no-Ayanda bekhononda ekhanseleni lendawo elikhwabanisayo ukuthi abakutholanga ukulungiselwa umuzi wabo olimele ngenxa yezikhukhula.

UZamani ungumlingisi wokuqala esihlangana naye. Thina – kanye naye – siyazi uma sifunda ukuthi uzosebenza ehhovisi elinenkohlakalo. I-receptionist iphatha uZamani, kanye nomsebenzi wayo, budedengu, ibuyela ocingweni izixoxela nomngane wayo. Ifana naye umphathi wayo, uMlambo. Into afuna ukuyizuza uMlambo kwa-Department of Public Works ukubona ukuthi angathola imali eyisimokolo engakanani, engawenzanga umsebenzi, phezu komholo awuthola nyanga zonke.

Ungena aphume noma nini uma ethanda ehhovisi; amahora omsebenzi awasho lutho kuyena. Uvumela ukuba uqhubeke umsebenzi noma ungenziwanga ngendlela ngoba umuntu owenzayo ekhokhe isimokolo kuyena. Ukhuluma ngokukhululeka ocingweni efuna imali yesimokolo ukuze anike abantu umsebenzi.

Uzishaya sampumputhe uma ebona abantu besebenza endaweni engaphephile: “Umakhi, njengabo bonke abanye abantu abasebenzayo kule ndawo, akazigqokile izingubo zokuzivikela; abanye abasebenzi bazigqokele ophaca. Akekho noyedwa umsebenzi ogqoke umakalabha.”

Wenza sengathi akakuboni ubungozi obungavelela umphakathi: “Ayiphephile neze! Kunezinto eziningi ezingalungile. Izingane zidlala khona, abantu badabula khona uma behamba.”

Futhi akanendaba ukuthi imizi ingabhidlika noma nini nokuthi izimpilo zabantu zisengcupheni ngenxa yokuthi azakhiwe izingqalazizinda zokwelusa amanzi: “Imisele yokuhambisa amanzi ngendlela efanele ayikho, angiboni ukuthi izokwakhiwa ngoba kufanele ngabe kuqalwe ngayo. Amanzi akuyo yonke lemizi,” uZamani ukhomba yonke imizi esentabeni lapha ePower, “kufanele aluswe kahle angene emfuleni ukuze angadali umonakalo!”

Ucabanga ukuthi indlela yakhe yokwenza izinto – noma eyokungazenzi izinto – idala amathuba omsebenzi futhi ubhuqa uZamani ngokuthi uzenza u-‘cleva’: “Akuve nihlupha nina bantu abafundile nale mithetho yenu,” uMlambo unikina ikhanda.

Simuzwa eziqhenya ngokuthi inkohlakalo ikhombisa ukuhlakanipha: “Yini engenza ngisebenzise imoto yami ngimoshe u-petrol wami kodwa ukhona u-petrol wamahhala emotweni kahulumeni? Awukho umqondo kulento oyikhulumayo.”

Yisona isikhathi sokukukhumbuza, mfundi othandekayo, ukuthi uhulumeni omnikeza u-petrol unemali ngoba thina, abahlali basezweni kanye/noma izinkampani esizisebenzelayo, sikhokha intela. Uhulumeni uhlanganisa le mali yentela ukuze wengamele izwe, wakhe imigwaqo, imtholampilo uphinde ubhekelele abahluphekile. Nabantu abangasebenzi bayayikhokha intela kuhulumeni ngoba kukhona i-VAT (Value Added Tax) kuyo yonke into esiyithengayo, ngaphandle kwedlanzana yezinto ezifana nempuphu.

Ngakho-ke, kumele sazi ukuthi abantu abakhwabanisayo njengaye uMlambo, bantshontshela wena nami kanye nabo bonke abantu baseSouth Africa.

Okwesibili, umlingisi ongu-Amahle udlala indima ebalulekile yezintatheli engukuveza inkohliso nokukhwabanisa. Indima engukugada mehlo mane. Kodwa, nabo abezindaba badinga imali abayithola ezinkampanini ezikhangisayo, futhi abantu abanamandla futhi abanenkohliso bayakwazi ukuphatha amaphephandaba nezindaba ukuze kufihleke iqiniso: “Amahle, ngicela ungithembise ukuthi angeke ususane namuntu lapho engikuthuma khona. Uzolalela ukuthi kuthiwani, ubuye ubhale indaba. Ungabuzi lembuzo yakho ejulile, please.” Uyaxoshwa emsebenzini e-Herald emuva kokubuza umuntu osatshwayo, uRay Mthalane imibuzo.

Kodwa, uma siyibukisisa ngolunye uhlangothi lento, indaba iyakhombisa ukuthi u-Amahle uyakwazi ukuqhubeka asebenze ngenxa yamathuba amaningi atholakalayo kwi-online media ezikhathini zamanje.

I-censorship kanye nokukhwabanisa akuyona into eqala manje futhi ingakho, emhlabeni jikelele, abantu belwela i-‘free press’ kanye ne-‘freedom of expression’. Umzekelo i-Freedom of Expression Institute, ongafunda ngayo lapha. Uhulumeni wobandlululo wawune-censorship eqinile, uvumela amaphephandaba ukuba ashicilele okwakuthandwa yiwo uhulumeni kuphela. Abezindaba namhlanje bakhululekile futhi bakuveza ngokukhululeka ukukhwabanisa.

Okwesithathu. Umndeni onothando, isizotha kanye nokuzikhandla esihlangana nawo kule ndaba usikhombisa ngokucacile ukuthi ligcina lilimaza bani iketanga elide lokukhwabanisa. Umbhali uSifiso Mzobe usithatha asibeke ebusweni bokuhlukumezeka okufikela u-Ayanda nezingane zakhe ezingamawele. U-Ayanda ufundele imisebenzi emibili kodwa akasebenzi. Nakhu manje ekugcineni belahlekelwa uSthembiso, abasele nalutho; ngisho umuzi wabo nakho konke obekuphakathi kunyamalele.

USthembiso umuka nomfula ngezikhukhula. Lokhu kudalwe ukuthi uMlambo akazange agcizelele ukuba kwakhiwe imisele ezolusa amanzi emizini eyakhiwa entabeni ePower. Kudalwe ukuthi umuntu onikwe umsebenzi uyazi ukuthi angenza noma kanjani ngoba umokolile ukuze athole umsebenzi. Kudalwe ukuthi uMlambo uphasise umsebenzi obekungafanele awuphasise.

Kodwa akuyona imindeni ehluphekayo kuphela ehlukumezekayo kule ndaba. Inkohlakalo nokukhwabanisa kuhlukumeza abantu abaningi: “Isiwelewele somsindo siyabaphazamisa. Abantu bakhomba eweni lasePower lapho uZamani ayesebenza khona noMlambo. Kuyakhalwa, kuyahayizwa kuyahhumuzela ngoba yonke imizi eseweni idilika iyongena emfuleni.

Nawe uyazifundela kwezakho ukuthi imali ekhwabaniswa kwezempilo, ekusizeni abantu abahluphekile, noma ekudayiseni izincwadi zokushayela kubantu abangakwazi ukushayela izimoto namabhasi, kugcina kunomthelela onjani.

Inkohliso nokukhwabanisa kukhona emhlabeni wonke nasezweni lonke. Kuyinkinga engapheli futhi kukhulu kwezinye izindawo kunezinye. Kodwa ikhona inkampani eyasungulwa ukulwa nokukhwabanisa nenkohliso ehlasele ezweni lethu. Noma ungubani a ngakwazi ukuxhumana nalenkampani kuFacebook. Funda ngayo lapha: Corruption Watch.

Ekugcineni kwendaba, esethukile ukuthi naye uyabandakanyeka ekukhwabaniseni nenkohliso, uZamani uphenduka abe iqhawe. Uyazi ukuthi kufanele abe impimpi. Kodwa lokhu kudinga abe nesibindi: “Baningi abantu abafa ngenxa yokuveza lento engizokuvezela yona. Izimpimpi zibulawa sengathi izimpukane la eKZN.”

Asigcine ngokubuka ngeso elikahle. Abantu abaphila kahle, abanemali, kulula kubona ukuveza ukukhwabanisa nenkohliso. Ezindaweni zabantu abanemali akulula ukuthi abantu benze umsebenzi ongekho ezingeni eliphezulu. Futhi, uma kunomonakalo wesakhiwo, abantu abanemali baqasha abameli ukuba baphenye. Kodwa, abantu abaningi abangenayo imali baseSouth Africa bayakhombisa izikhathi eziningi ukuthi amandla eningi nawo ayasebenza. Abantu bazikhiphile izikhulu ezikhundleni ngokubhikisha kuphela.

Kumanje siphakathi kwenqwaba yama-Commission. Abantu babizwa ukuze bafakaze ngokukhwabanisa esingakaze sikuzwe njenge-‘Bosasa/Watson ne Gupta scandals’. Baningi abantu abaqotho, abafana noZamani, abanesibindi abafakazayo ukuze kuvele ukukhwabanisa nenkohliso.

Kumele sibashayele izandla, sibancome – nathi sizame ukufana nabo singakuvumeli ukubandakanyeka ekukhwabaniseni nenkohliso noma ngabe kuzoyenza ibe lula kangakanani impilo yethu.

Sesivala, asibuke ngendlela ebhalwe ngayo lendaba ethi Njengolwandle Oludiniwe. USifiso Mzobe usebenzise amazwi nokuchaza okunamandla ukusivezela, sibone futhi sizwe ukuthi kunjani ukuba phakathi kwesivunguvungu nezikhukhula. Ungazibonela nawe ama-clips on the internet of the Easter 2019 floods in Durban. Yini ungawabuki, uqhathanise ukuthi uphumelele kangakanani ukuchaza konke okwenzeka ngamagama kuphela?