Imvula ishaya kancane. Ayikapheli imizuzu emihlanu amawele ezumekile ku-sofa. U-Ayanda ugeza izitsha ekhishini. USthembiso uhlezi komunye u-sofa. Uphethe i-remote, ubheka azokubuka kumabonakude ngesikhathi kuthi lwaphe, kuphela ugesi.

“Kodwa bangayenza kanjani lento ye-load shedding ngosuku olubanda njenganamhlanje?” kumemeza u-Ayanda esekhishini.

USthembiso uphenya ikhethini. Ugesi uyakhanya ngaphesheya komfula.

“Akuyona i-load shedding. Ugesi uyakhanya ngaphesheya komfula,” kusho uSthembiso. “Mhlawumbe kukhona into elimazwe imvula ohlangothini lwethu.”

Ukukhanya okuthambile, okuphuzi, kugcwala endlini njengoba u-Ayanda ekhanyisa amakhandlela. Amawele abukeka emahle, enokuthula, njengoba u-Ayanda noSthembiso bewabeka embhedeni. Ukukhanya kwamakhandlela kubhakuza emehlweni uma amawele evula amehlo, ebuka abazali bawo, emamatheka ephupha, aphindele ebuthongweni. Umndeni wonke ulala ushushuzelwa ukukhala kwemvula ophahleni.

Imvula ishaya ngamandla entathakusa. Amaconsi azakwala sengathi kunetha izigidi zemali yesiliva ophahleni. Kuwumsindo onendluzula ovusa uSthembiso noAyanda ngokushesha. Isivunguvungu sifike ngezinkani ePower. Uma imvula iyeka ukushaya okomzuzwana bayawuzwa umsindo womfula ugeleza. USthembiso noAyanda bavuka babukane, bahlahle amehlo.

“Amawele!” bahayiza kanye kanye, baphume ngokushesha egumbini lokulala.

Bangena nezicabha egumbini lamawele. Bawathola elele ngokuthula amawele. Isicabha sase-lounge sivuleka ngokubhaklazeka, kuzwakale umsindo wemvula nomoya ovela ngaphandle. U-Ayanda ulunguza esegumbini lamawele.

“Aya! Aya, kwenzenjani?”

“Amanzi abulale isicabha. Thatha amawele!”

“Maphi amanzi?”

“Amanzi aqhamuka ngaphandle angena e-lounge! Qubula izingane uphume nazo njengamanje!”

Okay!”

“Shesha!” kukhala u-Ayanda. “Amanzi ayakhuphuka!”

USthembiso unyakazisa amawele, awaqubule awabeke emahlombe. Amanzi angena egumbini lamawele, anyuke ngokushesha afike emaqakaleni kuSthembiso. Amanzi asemadolweni ngesikhathi efika e-lounge. Enye yezinto entanta nemfucuza eqhamuka ngaphandle izingcucu zesicabha – umoya nemvula usihlakaze saba izicucu ezincane. Amawele abambelela aqinise emahlombe kaSathembiso.

“Sthe!” kumemeza u-Ayanda.

U-Ayanda usethuke kwangathi kuhamba umqondo. Usekhishini elakhiwe laba phezulu kunamanye amagumbi endlini. Ufaka unyawo emanzini ngoba efuna ukuhlangabeza uSthembiso namawele.

“Cha, Aya! Ima lapho!” kumemeza uSthembiso.

USthembiso uhamba ngokushesha emanzini asegcwele emzini wakhe. Amanzi asefika okhalweni ngesikhathi efika kuAyanda, emnika amawele. U-Ayanda ubamba amawele, aphumele nawo ngaphandle, awabeke endaweni ephephile ngaphandle kwasekhishini. Ubuyela endlini, alule isandla ukuze asize uSthembiso aphume emanzini.

“Kufanele ngilande ama-documents ethu,” kusho uSthembiso.

USthembiso uthatha amagxathi ambalwa, afike kwi-wall unit enama-documents abalulekile omndeni wakhe. Ama-documents angaphakathi kwesikhwama esingupulasitiki ngaphakathi kwesitsha se-Tupperware. U-Ayanda uphume umzuzwana eyoshiya amawele ngaphandle kodwa umanzi te. Uhefuzela sengathi kade ehamba uhambo olunzima, olude kunalo lonke uhambo emhlabeni. U-Ayanda uwahlahlile amehlo kodwa avuleka kakhulu kunakuqala njengoba amanye amanzi engena ngesicabha edudulela uSthembiso ekhoneni lase-lounge. Kuphela imizuzwana uSthembiso engaveli ngoba engaphansi kwamanzi.

“Sthe!” kumemeza u-Ayanda.

Uvumbuka ngaphansi kwamanzi ephethe isitsha se-Tupperware uSthembiso. Unikeza u-Ayanda isitsha.

Umsindo onendluzula, sengathi kudabuka insimbi, unkeneneza endlini. Ukukhanya kwangaphandle kugcwala endlini. Uzamcolo ushaya ngaphakathi e-lounge. Alusekho uphahla – luphephulwa isivunguvungu. Kuba sengathi uphahla lwakhiwe ngamaphepha futhi luphephethwa isidlakela esikhulu esigcwele esesibhakabhakeni.

“Sthe!”

Ukukhululeka kubhalwe ebusweni uma uSthembiso ebambelela esandleni sika-Ayanda. Ukukhululeka kuphenduka ukwesaba uma bezwa umsindo sengathi kuduma izulu. Akulona izulu elidumayo kodwa kudilika udonga lwase-lounge emuva kukaSthembiso. U-Ayanda uyezwa ukuthi uSthembiso uyaphunyuka esandleni sakhe. Uyamdonsa kodwa uyezwa ukuthi uSthembiso uyahlehla. USthembiso uphunyuka esandleni sakhe. Akakukholwa akubonayo ngoba udonga lwamanzi lungena endlini, lugugule izindonga ezimile zase-lounge, luthathe uSthembiso.

Usala kanjalo u-Ayanda, isandla sakhe singabambanga lutho. Ukushaqeka kugijima emzimbeni. Akakukholwa lokhu okwenzekayo. Bekukhona i-lounge yabo lapho kugeleza khona umfula manje, eduzane nezinzwane zakhe ezimatile. Ngaphansi kwalapho bekukhona imizi. Ngaphansi kwalapho bekukhona eminye imizi. Kodwa akusekho lutho manje ngaphandle komfula ogeleza ngamandla asabekayo.

***

Sitshele: Ikwenza uzizwe unjani lendlela umbhali abhale ngayo mayelana nezikhukhula?  (Uzokhumbula ukuthi izikhukhula ezinjena zenzeka ngempela e-Durban ngePhasika lika-2019, kwashona abantu abevile ku-60 nomanakalo ongaphezulu kuka-R600 million.)