UBhekani uboshwa ejele elisesigodlweni senkosi. Inhliziyo yakhe isikuvumile ukufa njengoba umndeni wasebukhosini udingida indaba yakhe.

“Thobile ungenelwe yini ngempela?” kubuza inkosi.

“Baba, abukho ubulungiswa ekutheni umuntu abulawe ngoba ezikhethela ukuthi uthanda bani! Angeke ngivume ukuthi kwenzeke lokhu egameni lami. Futhi akufanele kuphinde kwenzeke egameni lakho nawe!”

“Kodwa lomuntu uwuhlazile umndeni wasebukhosini, Thobile. Kufanele akujezele lokho.”

“Cha, Baba, akahlazanga muntu uBhekani. Into ayikhombisile ukuthi unesibindi sokuphila ngokweqiniso lemizwa yakhe. Angeke ubulale umuntu ngoba elandela imizwa yakhe, Baba! Uke ucabange ukuthi uzakhela izitha ezingakanani ebantwini bakho ngokubulala izingane zabo? Laba bantu obabulalayo banabafowabo, odadewabo, banabazali. Banamadlozi ababhekile.”

“Thobile, ngiyakwexwayisa! Thula!”

“Uma umbulala, baba, ngizohamba ngiduke nezwe ungaphinde ungibone. Uma umbulala nami ngizozibulala ngoba angeke izandla zami zigcwale igazi lomuntu ongenacala. Uma ubulala yena kufana nokuthi ubulala mina!”

“Hawu Thobile mntanami!” kuhayiza inkosi.

Amazwi kaThobile ashaya inkosi sengathi ayisibhakela esiswini. Inkosi ihlala phansi ngokufofobala okusheshayo esihlalweni sayo; inhliziyo igcwele ubuhlungu engakaze ibuzwe selokhu yazalwa njengoba ibuka ngamehlo engqondo ibona uThobile ezibulala. Inkosi iphakamisa amehlo ibone ukuthi wonke umuntu wasebukhosini uhlengezela izinyembezi.

“Ungakhulumi kanjalo, Thobile. Kulungile, angeke ngimubulale. Kodwa ngizonika wonke umuntu othandana nabanye abangubulili obubodwa usuku ukuze baphume baphele esizweni sami,” kusho inkosi. “Ngabe lokho kuzokwanelisa, sthandwa sami?”

“Lokho kungcono kakhulu, baba,” kusho uThobile esula izinyembezi.

Kubonakala ngoThobile ephuma ngejubane egumbini abakulo. Uyahefuzela njengoba etshela unogada ukuthi akavule lapho kuboshwe khona uBhekani. Amehlo kaBhekani agcwele uxolo njengoba ebuka uThobile.

“Isibindi sakho siwenzile umehluko, Bhekani. Abantu abathandana bengubulili obubodwa angeke besabulawa. Ubaba ubanike usuku olulodwa ukuba bahambe endaweni bangaphinde babuye, kunokuba babulawe.”

UBhekani ubuka eceleni, anikine ikhanda. “Thobile angisoze ngazixolela ngokuhlukanisa imindeni. Abantu angeke baphinde bayibone imindeni yabo ngenxa yento engiyenzile yokuzicabangela mina kuphela.”

“Akunjalo neze, Bhekani. Sonke siyazi ukuthi baningi abantu abathandana bengubulili obubodwa esizweni sethu kodwa baphila ngokufihla imizwa yabo ngoba besaba ukujeziswa. Kungcono manje ngoba bazolithola ithuba lokuhamba kulendawo bayozama inkululeko kwezinye izindawo. Futhi nginesiqiniseko sokuthi kunabazali abaningi abazolandela izingane zabo ezikhetha ukuhamba. Ubaba uzofunda ngokushesha ukuthi into ebalulekile ngesiswe ngabantu baso kuphela.”

“Ngiyezwa, Thobile. Ngiyabonga ngokungimela. Ngiyaxolisa ngokukuphoxa ngosuku olubalulekile empilweni yakho, kodwa bengingeke ngikuvumele ukuba nawe ungene empilweni yami yamanga.”

“Ngiyazi, Bhekani. Ngiyakuhlonipha ngoba ukhombisile ukuthi unesibindi. Ngiyakuhlonipha ngoba ukhombisile ukuthi ufuna ukuphilela iqiniso lemizwa yakho. Ukhululekile manje, usungahamba.”

Intathakusa ngakusasa. UBhekani ubuka umuzi wakubo okokugcina njengoba eqala uhambo angazi ukuthi lumuphatheleni. Uphuma ahambe emagcekeni agcine efike onqenqemeni lomhlaba wenkosi, esihlahlelni lapho kwalengiswa khona uDelani. Ubambelela esiqwini sesihlahla, ahlebe, “Delani, sthandwa sami, ngisifezile isithembiso sami. Bengizimisele ukufa lapho owafa khona.”

Ugaxa ubhaka wakhe emahlombe aqhubeke nendlela. Uyezwa ukuthi kunamazwi abantu aqhamuka ebumnyameni. Uyaphenduka njengoba sekuqala ukukhanya kokusa. Kunojenge lwabantu abaphethe izikhwama.

“Hhayi bo! Kuyiwaphi?” kubuza uBhekani.

“Angeke siphile ezweni lenzondo lapho izingane zethu zingabulawa noma nini uma inkosi ithanda. Sibone kungcono siyishiye nawo umhlaba wayo inkosi sihambe siyoziqalela impilo kabusha kwenye indawo,” kusho umeluleki wenkosi, uPholonjane.

Abantu abasele esizweni samaQadi bavuka kuthule cwaka. Kushaya umoya emizini eminingi, abantu bakhethe ukuhamba. Abekho abantu abazokha amanzi. Abekho abantu abazolima emasimini. Abekho abazogiya bacule. Wonke amakhosana namakhosazane asebukhosini nawo akhethe ukuhamba.

“Vusi! Vusi!” inkosi imemeza isigijimi sayo.

“Baba, uVusi naye uhambile kanye nabantu abaningi abakhethe ukuhamba,” kusho uMaNgema.

Inkosi ifofobala esihlalweni sayo, ilahle ithemba.

“Ufuna ngenze njani, baba?” kubuza uMaNgema.

“Ngicela ungixolele, nkosikazi. Nami bengenza lokhu engakufundiswa ubaba wami. Iyona ndlela angifundisa ukuthi inkosi ibusa ngayo le engiyisebenzisayo nami.”

“Ufuna ngenze njani? Abakahambi ibanga elide abantu bakho. Ngingamthumela umfanyana olusayo ukuba abajahe.”

“Batshele ukuthi ngicela babuye. Batshele ukuthi izinto zizoshintsha. Ngizoshintsha,” kusho inkosi.

***

Sitshele Umbono Wakho: Uyithandile indlela ephela ngayo lendaba? Yini oyithandile/ongayithandanga?