Liyabuya manje ithemba lempilo engcono. UNothando ufunda ubusuku nemini. Uzinikele emsebenzini wakhe wesikole.

Nebala abhalisele umfundaze ka-NSFAS kanye nezinkampani ezahlukahlukene. Ufake imiphumela yakhe yebanga leshumi nanye njengoba bengakawubhaleli umatikuletsheni. Kuthi esafunda kukhale ucingo.

“Sawubona,” kubingela uNothando ngesizotha efonini.

“Ngabe uNothando Luthuli okhulumayo?” kubuza umuntu ocingweni okuzwakala sengathi owesifazane.

“Yebo,’’ esho ngexhala.

“Igama nginguSebenzile Dladla umphathi we-Sebe Enterprises.”

UNothando uyikhumbula ngokushesha lenkampani ngoba wayefake isicelo somfundaze.

“Ngibuka imiphumela yakho yebanga leshumi nanye. Iyathembisa mihle kakhulu.”

“Ngiyabonga.”

“Ngikufonela ukukwazisa ukuthi uwutholile umfundaze kodwa kumele uphase ngalendlela inkampani efuna ngayo. Umfundaze uzokukhokhela zonke izindleko zokufunda uphinde ukuphe nemali yesipho inyanga nenyanga.”

“Ngiyabonga kakhulu!”

“Inkampani yami ikholelwa ekunikeni abantu besifazane ithuba lesibili. Ubhale kahle.”

“Ngiyabonga kangiqedi!”

***

UNothando ukhipha wonke amandla awafake ekufundeni. Ayikho enye into eduma ekhanda lakhe ngaphandle kwemfundo. Namuhla usuku lokuphuma kwemiphumela. Akalalanga ebusuku elangazelela ukubona imiphumela yakhe. Athenge iphephandaba abuye elindlale phansi endlini. Izandla ziyajuluka ngenkathi ebheka iKhanyisa high school.

“Ngiphasile! Ngiphasile!” ememeza esuka egxuma nalo iphepha.

“Siyakubongela. Usuzoke uhambe uyofunda usishayise ngomoya. Nami ngivakashelwe nje ngagcina nini,” kusho uNompilo.

“Hawu anti, usholo ukuthi uyajabula ukuthi ngiyahamba?”

“Wena ufuna ngikhale yini?”

“Cha angisho njalo. Kodwa tshengisa ukuthi uzongikhumbula.”

“Wena wake wangizwa kuthiwa ngikhumbula bani nje selokhu wazalwa?”

“Anti kunento engicela ukuyibuza. Wayenjani umama ngaphambi kokuba ashone?”

“Wagula umama wakho ufuna ngithini?”

“Wawumzonda?”

“Mina nomama wakho sakhula singazwani. Umama wayethanda yena kunami. Njalo kwakunconywa yena ekhaya. Noma ngenza into enhle mina yayinganakwa. Ngangihlale ngithethiswa njalo ngisho ngingenzanga lutho. Umama wakho yena wayeyinkosazane. Ngisho imali yokuya enyuvesi wayeyibekeliwe. Kwasho khona ke ukuthi wajaha amadoda wazala wena. Leyomali kunokuthi inikwe mina engangifuna ukuyofunda yagcwaba umama wakho. Ngoba yena wakhetha ukufa angcwatshe ngemali yami yokuyofunda umama wakho wayona impilo yami. Njengoba ngihlala emjondolo kungenxa yakhe.”

“Angeke ukwazi ukumxolela ngisho eselele kobandayo?” kubuza uNothando.

“Ekufeni kwakhe umama wakho washiya wena. Nawe ufana naye ncamashi ngisho uhamba. Manje ukukubona kuyakhubekisa. Ngakho hamba Nothando. Uhambe ungabheki emuva.”

Kunokuthi akhale uNothando, uvele aqonde kuNonhlanhla. Usebekezele okokugcina ngoba uyayifulathela lendawo okukugcina. Ukukhala into esekugcineni engqondweni yakhe.

“Ngiyahamba ngoMsombuluko mngani wami ngithathiwe e-DUT kanti nomfundaze ngiwutholile,” kusho uNothando ngenjabulo.

“Halala! Uzohlala kuphi?” kubuza uNonhlanhla.

“Ngizohlala ngaphakathi esikoleni.”

“Ngiyakubongela! Ekugcineni uphumile kulesi sihogo sendawo!”

“Nawe buyela esikoleni mngani akukho okunye. Imfundo ivula yonke iminyango evaliwe,” kusho uNothando.

“Uqinisile ngizobuyela nami ngizame ukushintsha impilo yami,” kusho uNonhlanha.

Nebala lufike usuku lokuhamba kukaNothando. Usesitobhini uzogibela itekisi.  Ame eside isikhathi ebuka lendawo yaseZidindini ebimlethela usizi kangaka. Ngaphakathi unokubonga okuncane ngoba lendawo iyona emsizile ukuba abe ilomuntu wesifazane anguyena namuhla.

Nebala angene etekisini elibhekisa e-Durban University of Technology lapho azofundela khona ezobuchwepheshe. Kwaba ngukufika khona waqala wabhala incwadi emayelana nempilo yakhe.

Sitshele umbono wakho: Injani lendaba? Chaza impendulo yakho.