UNothando uvuka izinyawo zakhe zivuvukele, kuyasho ukuthi uma kakhulu emsebenzini. Nhlanhla leyo vele uzongena ntambama ngoba umcimbi uzoqala ebusuku. Avuke avule izincwadi zakhe, azame ukufunda. Zikhononde ngamandla manje izikelemu. Ahluleke ukufunda. Aqale manje acabange ukuthi uzodlani. 

“Unjani mngani,” kubingelela uNonhlanhla.

“Ngiyaphila. Wamuhle kangaka uyaphi?” kubuza uNothando.

“Ngiya esontweni izolo silale ebusuku silungisa ukudla,” kusho uNonhlanhla emhalisela.

“Kuzobe kukhona ukudla?”

“Yebo.”

“Awungilinde ngigqoke.”

“Sheshisa angifuni ukufika sekudlule isikhathi sokungena.”

Agqoke ngokushesha uNothando. Ngokuphazima kweso usephuma usegqokile. Ugqoke ingubo eshayisa umoya ayigqoka uma ehamba.

“Kuzothi kufundwa ibhayibheli thina sizobe sicabanga ukudla kuphela. Cha ngaze nganamahloni.” kusho uNonhlanhla.

“Uzikhulumela wena wedwa sisi. Mina ngikujabulela kabi ukuthamela inkonzo. Futhi ngizwe nezwi lenkosi. Nami kudala ngangingakujabuleli kodwa uthando lwavele lwaqhamuka ngaphakathi.”

“Wajula bo, Nothando. Abantu bayashintsha.”

“Uzobona uzothi ngikutshelile. Umfundisi Zungu akuve eshumayela kamnandi. Loya muntu ukwenza ubone inkinga kuwe, hhayi ukuthi ubone inkinga kwabanye abantu.”

Nebala bafika esontweni. Seliqalile isonto. Ngasemnyango uma ungena kukhona umuntu okubingelelayo bese eyakuxhawula. Bese kuba khona amakhekhe kanye nesiphuzo okuthathayo bese uyohlala phansi. Nangu ucilo uzishaya endukwini. Athathe amakhekhe amathathu uNothando. Abone abantu bembuka kanti kuthathwa ngalinye. 

Bahlale phansi basine bazibethele. Kuthi dwi kancane. Kufike isikhathi sento ayithanda kakhulu uNothando. Isikhathi sokucula, nebala bahlabelele. Ukuhlabelela uyakuthanda uNothando. Hhayi ngoba ecula kahle kodwa ukucula kumenza azizwe engcono. Futhi manje kugcono kakhulu ngoba kudlalwa izinsimbi. Izinsimbi ziduma ihholo lonke. Angamemeza ngendlela athanda ngayo ngoba akekho umuntu ozomuzwa ukuthi uyabhimba.

Kufike isikhathi sokudla abakade besilindile. Ekuqedeni kwabo ukudla bayahamba. Uzwa intokozo ngaphathi ngenkathi eshesha emuva kokudla ukudla okumnandi. Avalelise aphindele endlini. Nakhu ezithela kuXolani.

“Ufunani Xolani?”, kubuza uNothando ngolaka.

“Ngizokubona sthandwa sami. Ngiyaxolisa ngendlela engakuphatha ngayo. Kade ngicabanga, ngabona ukuthi impilo yami ayilutho ngaphandle kwakho. Ngicela ungixolele,” kuncenga uXolani.

“Ucabanga ukuthi mina ngiyisilima. Ufika lana ngoba ngiholile? Ufuna ukuzoqeda imali yami bese uyangixosha futhi?”

“Cha akunjalo Nothando. Ngiyakuthanda mina futhi sengishintshile. Angiseyona lendoda oyaziyo. Lesi sikhathi ebesihlukene singenze ngabona ukuthi ngiyakudinga empilweni yami.”

“Ngicela uhambe. Angithi wathi ngingakufoneli? Pho ufunani lana? Hamba, uhambe ungabheki emuva ngoba imuva alisekho.”

“Manje ufuna ngilokhu ngikuncenga?” kusho uXolani ngolaka.

“Nanguke uXolani engimaziyo mina. Qhubeka ungithuke. Ngishaye!”

“Nothando awusangifuni? Usuqomile?”

“Asikho isidingo sokuthi ngizichaze kuwena. Kodwa ngizokuphendula. Cha angiqomile. Yebo angisakufuni.”

“Unamanga usunendoda wena! Awunasimilo ntombazane! Sala kanjalo ke!” esuka egqishazela ehamba.

Konke manje kuyamcacela uNothando. Lendaba kaXolani yokuhlale emala njalo ibiyenzeka uma sekutsheka inyanga, imali ingasekho. Bekuthi uma eseholile uNothando abuye axolise uXolani. Kucaca bha ukuthi wayengakaze amthande.

Sitshele umbono wakho: Uthini ngohambo lwasesontweni luka Nothando? Ngabe uvuzile?