Uzama ukulala uNothando Luthuli kodwa akuvumi. Ubuthongo abufiki nhlobo. Sekuphele usuku golokoqo isoka lakhe uXolani lihambile endlini. Uhambe engumuntu oyothenga esitolo wangabe esabuya. UNothando ucabanga ukuthi kukhona okwehlekele isoka lakhe ngoba babengaxabene ngalutho. 

Yebo bona baphila ngokuxabana zonke izinsuku. Kuthukela kuphela usuku bengalwanga, kodwa ngosuku uXolani ahambe ngalo alukho olubi ababelubangile. 

Bahlala bobabili kubo kaXolani. UNothando washonelwa ngunina esemncane. Ubaba wakhe wagula wayeka umsebenzi. Odadewabo banina babemshaya indiva. Yingakho wakhetha ukuzozikipetela noXolani. Nakhona kunezinkinga zakhona. Abantu bakubo kaXolani babevungama ukuthi uzokipita nengane encane kanjena. Futhi bakhala ngokuthi uNothando uzomitha.

Ziningi izinkinga kulomuzi. Abantu bakhona bahlale bekwebhana njalo. Naye uXolani unelakhe iconsi. Umbona esengena ezofuna ummese wakhe, esho ukugwaza umfowabo ngoba babehlala bexabana njalo. Baqinisile uma bethi awukho umuzi ongenantuthu yawo. Neyalapha kwaGuma iyashunqa intuthu, futhi iyamxhopha uNothando. Kuvele kubhebhetheke umoya isuke intuthu ize ngakuye. Athi uyayiphebeza ngesandla kufane. Phela kuyasho ukuthi lomlilo ubaswe ngowatela omanzi. Imxhopha aze akhale izinyembezi amehlo abe bomvu tebhu.

Ukuhamba kuka-Xolani kwenze izinto zanzima. Akekho umuntu ozikhathaza ngomkulethela ukudla. Kwase kuphele usuku engakaze akuthi mbibi okuya ngasethunjini. Izikelemu zilokhu zikhale njalo. Zincede zikhale kudume isisu maqede kugoqongane amathumbu. 

Uthe esacabanga kanjalo uNothando, memfu uXolani. Izandla zigcwele igazi. Elinye igazi lichaphazele kudangala awugqokile.

“Xolani, wagcwala igazi uphumaphi?” kubuza uNothando ngexhala.

“Ngingena nje usungibuza imibuzo. Vala lembobo odla ngayo uphume kimina,” kusho uXolani ewasha izandla ezigcwele igazi kusinki. Amanzi ashintsha abomvu tebhu.

“Angidlali Xolani. Ngiyabuza uphumaphi? Elani igazi elingaka?”

“Kade ngilwa Nothando. Ngicela uyeke ukulokhu ungibuza imibuzo ngoba izwi lakho liyangicika,” ebhavumula ngolaka.

“Kusukela izolo ubulwa? Cha unawo bo amandla. Mina ubuthi ngidlani? Kusukela izolo angikwazi ukudla.”

“Manje ubungayi ngani kini uyodla? Phela awusiwona umthwalo wami. Mina angishongo ukuthi …” angabe esaqedela.

Athule athi du uNothando. Akabange esabuza imibuzo eminingi. Lenkulumo kaXolani uyazi kahle ukuthi izophetha ngokuthini. Usezomtshela ezimpempeni ukuthi akuyena owathi akahlupheke. Ivele ishone phansi inhliziyo yakhe. Izinyembezi ziyaziqathakela. 

Abone ukuthi ukukhala akumsizi ngalutho. Avuke athwishile izingubo zakhe zasemsebenzini. Apakishe nesikhwama sakhe sasemsebenzini. Maqede azimboze ngengubo. Uzimboze nje uyakhala sekuze kwamata isicamelo. Ubesezumeka ngenkathi ezwa uXolani ebhavumula.

“Ungisize unginekele lezo zicamelo ozimanzisayo. Ngoba angikwazi ukuthi utetemelani. Ngangingeke ngikushele ukube ngangazi ukuthi utetema kanjena,” kusho uXolani ebopha ugwayi.

Nebala awulayithe ebumnyameni maqede intsangu inuke indlu yonke.

***

Uthe engena uNothando ebuya emsebenzini ulaka lubhalwe ebusweni kwisoka lakhe uXolani. Ubhodla umlilo ubuka ngabomvu tebhu amehlo. Akabange esazihlupha ngokubuza uNothando ukuthi wenzenjani. Phela lapha ku-Xolani alufakwa lubuya nodaka. Ubopha igqosha lakhe lensangu uXolani. Uma ecasuke kakhulu uvele abheme ezama ukwehlisa ulaka. Athule eside isikhathi ebuka uNothando ekhumula umfaniswano wasemsebenzini.

“Umthetho wakho wena awunamahloni? Awukhathali ukungihlaza?” kubuza uXolani.

“Ngabe sengenzeni manje Xolani?” ephenduka ngokucikeka.

“Uphuma kanjani nje ugqoke kanjena? Buka ingubo oyigqokile imfishane kanjani. Iveza wonke amathanga njengoba enjalo.”

“Xolani, ngicela ukuphumula ngokuthula ngikhathele ukuxabana nawe mihla namalanga. Ngicela ukuthula.”

“Kulungile ungangibuzi ke ukuthi ngiyaphi futhi ngifuna ukukufica ungasekho la endlini uma ngibuya.”

“Uqonde ukuthini Xolani?” kubuza uNothando ngokumangala.

“Angiboni ukuthi likhona ikusasa phakathi kwami nawe. Ngakho ngibona kungcono sihlukane.”

“Ngento encane nje esiyibangayo wena usufuna sihlukane kusho ukuthi vele awukakaze ungithande.”

“Nothando ngicela ungihambele.”

“Usungenza nje? Ingoba wazi ukuthi mina anginabani.”

“Ngicela ungangishayisi ngonembeza. Asingabangi umsindo. Asihlukane ngokuthula ngaphandle kokuxabana.”

Sitshele umbono wakho: UNothando ucasukile ngoba uXolani ucabanga ukuthi angavele amuthethise ngayo yonke into. Ngabe kuyinto elungile ukuthi uXolani avele amale uNothando uma engafuni ukuqophisana naye ngamagama?