Ekuseni uNtombi uvuka kuqala kunawo wonke umuntu. Ulungisela zonke izingane ezisendlini ukudla ezizokuphatha esikoleni. Upheka nesidlo sasekuseni. U-Asemahle noSambulo bayamangala ngalesi senzo esingavamile kodwa bakuthathe ngezinhliziyo ezimhlophe.

Uhambisa zonke izingane esikoleni, akufani nezikhathi eziningi lapho ehambisa amawele kuphela. Ubuya lapho akhuculule ekhishini, apheke nedokwe ukuze uSbusiso adle ngaphambi kokuthatha amaphilisi.

Kuthulekile endlini. UNtombi uyamamatheka. Ucabanga ukuthi kuhle uSbusiso ukuyohlala nomama wakho ngoba yena uNtombi uzothola isikhathi sokwenza umathanda.

Uyamamatheka engena ekamelweni ephethe indishi yedokwe elishisayo.

“Uyazi Sbu akuwona umqondo omubi kangako ukuthi sivakashele umama wakho.”

“Awushongo ukuthi uMa usebenzisa umuthi? Futhi yilowo muthi okungenzeka ukuthi uyangigulisa?”

“Ngiyaxolisa uma ngisho lokho. Ngicela ungixolele besekukhuluma utshwala. Kungumbono omuhle kakhulu ukuthi sivakashele umama wakho, ngiyakholwa ukuthi angathanda ukudlala indima ekululameni kwakho. Ngiyazi ukuthi ukuthanda kangakanani.”

“Ngiyajabula kakhulu uma ubona kanjalo. Sizoya ngesonto elizayo uma kuvalwe izikole ngamaholidi.”

UNtombi uyamamatheka egeza izitsha ekhishini, ujabuliswa ukuthi icebo lakhe liyasebenza.

Umndeni wonke uthuthela eJozini ngamaholidi. Umama nabafowabo baSbusiso bajabule ngokuthi ulethe umndeni wakhe wonke ekhaya. U-Asemahle noSambulo bathola ithuba lokukhuluma nogogo wabo bamtshele ngobunzima ababhekene nabo ngokuhlala noNtombi.

Sekuyoshaya ihora lokuqala emini njengoba uNtombi ehambisela uSbusiso ukudla ngethileyi.

“Sbu, bengicabanga ngesimo sethu futhi nginesiphakamiso. Kunganjani uma ngiqala ukusebenza manje ngoba awuphilile? Nami kumele ngidlale indima yami ngoba sidinga imali eyengeziwe,” kusho uNtombi.

“Icebo elihle lelo, Ntombi,” kusho uSbusiso.

“Kade ngithungatha imisebenzi ku-inthanethi futhi ngibona kufanele ngibe seduze nasekhaya uma kwenzeka kukhona okuqhamukayo. Bengicabanga ukuhamba ezinsukwini ezimbalwa,” kusho uNtombi.

“Kulungile sithandwa sami. Ngicela ugxile ekutholeni umsebenzi, kunciphe ukuya emaphathini nabangani ngoba ngeke ngibe lapho ukubheka amawele,” kusho uSbusiso.

“Ngizokwenza kanjalo, sithandwa sami.”

“Futhi enye into. U-Asemahle noSambulo ababuyeli nawe. Bazoqala isikole ngapha uma sekuvulwa izikole. Sesikulungisile konke.”

“Kodwa ukushintsha izikole kaningi kangaka ngesikhathi esifushane kungaba kubi kubo.” UNtombi uzenza umuntu okhathazekile kodwa ekujuleni kwenhliziyo ujabule ngokuthi u-Asemahle noSambulo bazosala.

“UMama udinga ukuba nabo lapha, kwazise akakaze ahlale nabo,” kusho uSbusiso.

“Kuhle, sithandwa sami, uma kuyisifiso sakhe leso.”

NgoLwesihlanu uNtombi ufaka amawele ezihlalweni zezingane emotweni, alibangise eGoli. Ugcwele injabulo njengoba eshayela. Uthintana nomngani wakhe njengoba eshayela.

“Mina noSbu sesihlukene, yilokho engikushoyo! Ekugcineni!” Kusho uNtombi.

“Kumele ngisho ukuthi ubekezele, mngani wami, ngokuhlala isikhathi eside kangaka nendoda egulayo ongayithandi nokuyithanda! Ukube ngiwuwena mina ngabe kade ngamshiya,” kusho uLebo.

Avele ahleke uNtombi. “Sengathi ufunda ingqondo yami, Lebo. Ngilinde ukuthi afe ukuze ngithole yonke imali yakhe ngiqale impilo entsha noSipho.”

“Wena noSipho! Ngiyazi nje ukuthi uzoqala endaweni yakhe ngaphambi kokuzongibona.”

“Unomonn, Lebo? Ngithola ucingo olungenayo. Akaphathwa uSipho, uyena lo ongithintayo. Sizobuye sikhulume.”

“Ukuphi sithandwa sami?” Kusho uSipho.

“Ngisanda kudlula eSprings, sithandwa sami.”

“Kuhle lokho. Bengikukhumbula,” kusho uSipho.

USbusiso ulokhu efonela uNtombi kodwa akamtholi.

Sitshele umbono wakho: Ucabanga ukuthi uzolulama uSbusiso?