Sonke silwa nabeqembu likaAnana ngalendlela asitshela yona uWufen. Kuthi lapho sebeyibamba indlela esilwa ngayo sishintshe siqale ngokukhahlela, singasikazi.

Bayaphumelela abathathu bokuqala beqembu lethu. Emuva kwlaba abathathu iqembu likaAnana liyayibona indlela esilwa ngayo. Ziyashintsha izinto, bahlulwe abahlanu beqembu lethu kulandelana.

Kufika isikhathi sami sokuba ngilwe.

Kukhala impempe. Angicucuzi: ngihlasela lo engilwa naye ngesivinini esiphezulu. Ngisikaza kube sengathi ngizoshaya ngesibhakela sesandla sokudla. Lona engilwa naye uvika ukusikaza kwami – abushiye buvulekile ubuso bakhe. Ngisho ngedolo esilevini sakhe.

Uyadiyazela, ahlehle. Angicucuzi – ngidedela unyawo ngimshaye emhlathini. Kuba ukuhlala konyawo emhlathini ngimbone ebhamazeka phansi. Ngiyazi ukuthi uzovuka emuva kwesikhathi eside.

Ngizwa izinyawo zami zilenga emoyeni. UWufen ingiqubulile. Iqembu lethu lingishayela ihlombe. Akukapheli nomzuzu owodwa ikhalile impempe ngesikhathi siqhathwa.

UNqo olandelayo futhi uyena owokugcina ozolwa. Engabe uzolwa kanjani?

UKapo usukuma esihlalweni sakhe. Amazinyo egolide ayacwebezela njengoba emamatheka esondela enkundleni.

“Naze nangihlaba umxhwele!” kusho uKapo, eshaya izandla. “Sekwanele engikubonile. Angeke kusaliwa manje!”

Abane beqembu lethu banqobile, abahlanu bahluliwe. UNqo yena akabange esalwa.

“Bonke labo abanqobile nalabo abangalwanga abaphindele endlini njengamanje!” kusho uKapo.

Sima ulayini maqede sisuke ngejubane.

Asihambi ibanga elide sizwe ukuhayiza nokuqhuma kwezibhamu kugcwala ehlathini. Ngijeqeza emuva ngibone ukuthi bonke labo abahluliwe badutshuliwe; babulewe!

Ngishaqekile kodwa ngiwasusa ngokushesha amehlo, ngibheke phambili. Ngiyabona ukuthi nami ngizodutshulwa uma ngiyeka ukugijima.

Singena endlini, kukhiywe isicabha ngaphandle. Sihlala phansi, sincike odongeni. Abeqembu likaAnana nabo bahleli phansi bancikile odongeni olungaphesheya. Sibukana ngamehlo agcwele ukungathembani.

“Ngempela kanti kudliwa nini kulendawo?” kusho ikarateka laseRussia elilwe kuqala kunathi sonke.

“Yini, kukhona ukudla ofike nakho la?” kubuza omunye weqembu likaAnana ngokubhuqa.

“Usho ukuthi angeke sidle?” kusho lona waseRussia. “Noma sithole amanzi okungenani? Ukuphi umpompi kulendlu?”

“Phuza umjuluko wakho,” kusho omunye weqembu likaAnana.

“Kahleni bafwethu – sonke besikhona futhi sibonile ngesikhathi abangani bethu kanye nabenu bebulawa. Ngiyacabanga ukuthi sonke sizwa ubuhlungu obufanayo,” kusho lo waseRussia.

“Ibona labo abanenhlanhla!” kubhavumula bonke abeqembu likaAnana.

“Ini!?” kubuza thina simangele.

“Kungcono ukufa kunokuhlala kulendawo ubulawe indlala nokoma!” kusho omunye waseJapan okade ethulile. Ukhuluma ngolaka sengathi uyawathimisela amagama. “Ngikhathele ukubhabhadiswa ngamanzi abandayo nsuku zonke! Nokubhonywa sengathi ngiyimbongolo! Kungcono ukufa kunalento! Ngithi kuwena vala umlomo wakho ulinde usuku lokufa! Noma ucabanga ukuthi ungcono kunalabo ababulewe ngoba wena unqobile namhlanje? Uma kunjalo sikhombise indebe yakho?”

Lona waseRussia uyamangala njengoba nathi simangele. “Bekufanele ngilwe, ngilwele impilo yami ngoba ngifuna ukubuyela ekhaya eRussia.”

“Ngamanye amazwi usho ukuthi uzosihlula sonke? Yini ungaqali manje usikhombise ukuthi ulwa kanjani? Akekho unompempe la. Yeka ukuchitha isikhathi. Singalwela ukufa nokuphila khona manje,” kusho lona waseJapan esukuma.

 ***

Sitshele umbono wakho: Ngabe wena ungakumela ukuthunjwa?