Inyanga egcwele yangikhanyisela indlela. Ngayimbembethela i-double cab. Isikhwama esigcwele imali sasisesihlalweni esiseceleni kwami.

Ngakhululeka kancane ngibona amalangabi ayeshisa i-double cab emhlophe enyamalala esibukweni esingaphakathi. Kodwa ukukhululeka kwaba imizuzu embalwa kuphela, kwabuya ukutatazela. Kwabuya izithombe zakho konke okwenzekile emqondweni. Zavevezela izandla zami njengoba ngangishayela. Ngabona nokuthi yayingekho i-license disc ku-windscreen, kwangicacela ukuthi kwayona lemoto engangibaleka ngayo yayebiwe.

Ngazithola ngimemeza ngithi, “Ngaze ngadlala izigebengu madoda!”

Ngangisibuka ngingaphezi isibuko, ngibheka ukuthi ayikho imoto engilandelayo. Ngangimanzi umjuluko. Ngehlisa amawindi. Wonke umsindo owawungena ngewindi ngangizwa sengathi uzongishayisa ngenhliziyo ngenxa yokutatazela. Kwaphela amahora amabili ngishayela ngokutatazela. Kwaba ngaphezulu kwamandla ukutatazela ngesikhathi ngifika ebhulohweni elincane. Umfula ohamba ngaphansi kwebhuloho wawukhazimula ukukhanya kwenyanga egcwele.

Ngagaxa isikhwama esinemali esifubeni, ngaphuma emotweni. Ngafaka igiya lemoto ku-neutral, ngayidudula. Ngayibuka ngisonqenqemeni lomfula imoto ingena emfuleni. Yacwila imoto, ngathi zinyawo zami ngibelethe.

Ngabona ukukhanya emawindini esikole emuva kokuhamba amahora amaningi. Ngasondela esikoleni, nganyonyobela ema-cottage angemuva kwaso. Ngafika kulayini wezingubo ngantshonstha ihudi, izikibha kanye ne-track pant. Ngagqoka i-track pant nehudi, ngamboza imali ngezikibha. Ngalahla izingubo engangizigqokile esikhotheni. Ngaqhamukela esitobhini sebhasi sekuqala ukukhanya. Ngama nabantu ababelindele ukugibela. Kwaqhamuka ibhasi emuva kwemizuzwana. Laliya eKokstad ibhasi. Ngasho phakathi.

Ngafika eKokstad ngathatha elinye ibhasi eliya ePort Edward. Ngakhokhela igumbi lokulala ebhilidini emahashahasheni asedolobheni lasePort Edward. Kwakungafiki ubuthongo. Kwaphela amahora amaningi ngibala imali. Ukucabanga ngoLinda kanye no-Owethu kanye nezithombe zokufa, igazi nezibhamu kwakubangisana emqondweni. Ngaqeda ukuyibala imali ngathola ukuthi ingu- R385 600.

Ngageza, ngalinda ukuhlwa. Kwafika ukuhlwa, ngaqonda erenki yamatekisi.  Ngathenga i-airtime yawo wonke ama-network, ngalinda. Ngaqalaza ngabheka umuntu onobuso obunobungani. Ngashesha ngamthola. Insizwa esencane, eyayidakwe iphelile, yathenga usikilidi yamamatheka ingibona ngiyibuka. Ngayilinda ukuba iwushishe usikilidi ngaphambili kokuba ngisondele kuyona.

Ngasondela ngabuza ngathi, “Awunawo omunye ugwayi, mfwethu?”

“Cha, anginawo,” kwasho lensizwa idiyazela phambi kwami. “Kodwa singashayisana kuwo lo engiwushayayo.”

Ngamthengela ikhathoni lasikilidi kanye nomentshisi esitolo. Wamamatheka uhleko oluphuphuma ukudakwa.

Ngathi, “Bru, awungisize la. Ngifuna ukufona kodwa inkinga yami ukuthi ngilahlekelwa ifoni. Ngizokufakela i-airtime futhi ngizosheshisa.”

“Ayikho inkinga,” kwasho lensizwa.

Ngashaya inombolo kaLinda.

Ngathi, “Imina, Linda.”

Wakhihla isililo uLinda wathi, “Ukuphi, Spha? Kukhona amahlebezi okuthi uMdu noPadlock bashonile. Ngifile uvalo ngoba uMdu uhambe nawe izolo.”

“Ungakhali, baby. Ngiyaphila. Awakafiki amaphoyisa lapho? Awakaze akuthinte.”

“Cha. Ukuphi? Spha, kwenzakalani?”

“Ngicela ulalele, Linda. Uthule ungakhulumi ngoba kuyaphuthuma. Uzo-”

“Kwenzekani, Spha?”

“Lalela! Kusasa ngizokufakela imali. Upakishe zonke izingubo. Uyangizwa, Linda?”

“Ngipakishe? Ukhuluma ngani, Spha?”

“Lalela, Linda! Upakishe zonke izingubo zethu nazo zonke izingubo za-Owethu. Uzohamba uye eDurban Station ugibele itekisi eya eKokstad. Ngizohlangana nani erenki yamatekisi yaseKokstad. Thumela i-account number yakho kulenombolo njengamanje!”

“Ngobani? Ukhuluma ngani, Spha?”

“Linda ngicela wenze lento engiyishoyo! Sizoqala impilo kabusha! Ngiyakudinga! Ngiyanidinga nino-Owethu.”

“Yazi, anginayo kwa-airtime yokuthumela i-account number.”

“Thola ipeni ngikubizele izinamba ze-airtime.”

Ngamuzwa ehefuzela uLinda ebheka ipeni. Ngamuzwa no-Owethu emamatheka ngemuva. Ngamubizela izinombolo uLinda.

Ngavala ucingo kwangena umyalezo ocingweni. Ngayibhala engalweni i-account number kaLinda, ngamufonela.

“Ngiyitholile, baby,” ngasho ngiqalaza. “Uphathe ama-ID ethu kanye nesitifiketi sokuzalwa sika-Owethu. Okunye, Linda.”

“Yebo, baby.”

“Ngicela uqinisekise ukuthi uyawaphahlaza uwalahle amafoni ethu sobabili uma usungenile umyalezo ophuma ebhange osho ukuthi isingenile imali.”

Ngakusasa ngavuka ngovivi ngathatha itekisi eqonde eKokstad. Ngama buqamama nerenki yamatekisi. Ngangifisa ukugijima ngiye kuLinda no-Owethu ngesikhathi ngibabona behla etekisini, kodwa ngalinda. Ngangifuna ukubona ukuthi awekho amaphoyisa obalandelayo. Ngambuka uLinda eqalaza wagcina elahla ithemba, ngaqhubeka ngalinda. Waqala ukuchiphiza izinyembezi, ngasondela ngilibeke emehlweni ikepisi.

Ngafika kuyena ngathi, “Imina, baby. Ungatatazeli, ungangibambi, ungangiqabuli. Sukuma, uthathe u-Owethu, ungilandele.”

Wasukuma wagaxa u-Owethu esifubeni ngesikhathi ngithatha izikhwama ababeziphethe. ULinda wayesezithendeni zami. Sangena ezixukwini zabantu sinyamalala.

Izwi elithi, ‘Salithola ekugcineni ithuba lokuqala kabusha impilo,’ lalisho liphindelela engqondweni yami.

Ngabamba isandla saLinda ngasiqinisa, ngabuka u-Owethu ngamamthetha. Zavela isisini zengane yami, yahleka.

*****

Sitshele umbono wakho: Ukube uSpha wabanjwa, kwaba nguwe imehluleli ecaleni lakhe, iziphi izizathu ongazibeka uma umnika isigwebo esilula? Ngamanye amazwi iziphi ‘izinto ezidambisayo’ ekufanele sizibuke uma sibuka lelicala?